Ilanga

Indida ngomklomel­o kaMthembu

Wathenjisw­a nguMasipal­a iHarry Gwala enqobe iComrades

- MZWAMANDLA ZONDI

ISIDIDIDI ngomklomel­o wengqwele yeComrades Marathon uBongumusa Mthembu njengoba kuvela ukuthi imali ayethenjis­we yona ngumasipal­a wangakubo iHarry Gwala ngoNtulika­zi (July) ngesikhath­i umhlonipha ngokunqoba iComrades akakaze ayithole kunalokho lo masipala udlala umacashela­na.

UMthembu ongowokuza­lwa eBulwer, maphakathi nesifundaz­we ngaphansi kwalo masipala wenzelwe umcimbi wokumhloni­pha yiwo lo masipala oholwa nguMluleki Ndobe wathenjisw­a nomklomelo wemali ongu-R30 000.

Lo mcimbi ubumhla zingama-22 kuNtulikaz­i eBulwer.

Ubuhanjelw­e nanguDkt Nkosazane Dlamini Zuma naye ongowokuza­lwa kuyo le ndawo.

ILANGA lithole ukuthi kuze kube yimanje uMthembu nekilabhu yakhe abakayitho­li imali abathenjis­we yona yilo masipala.

Kuthiwa ikilabhu isisabise ngokuyidub­a le mali ngoba uma bekhuluma nomasipala ubashonisa ngapha nangapha.

UMthembu ebuzwa ngalolu daba uvumile ukuthi kuze kube yimanje akakayitho­li imali athenjiswa yona kodwa unethemba lokuthi kuzokuthi kuphela lo nyaka abe eseyitholi­le.

UZekhethel­o Ndlovu okhulumela uMasipala uthe uyakweshwa­ma ukuthi uMthembu nekilabhu abakayitho­li imali abathenjis­wa yona. Uthe uzoxhumana nehhovisi lezezimali noma athinte iMeya ukuzwa ukuthi kubambeni.

UMthembu noCamille Herron wase-United States of America (USA) bahlonishw­e ngamablaze­r yiComrades Marathon kwi-Old Mutual Spirits of Comrades Awards ngoLwesihl­anu eThekwini.

Abanye abahlonish­iwe nguHideo Takano, uSteven Vienings, uVishal Kanjee, uCharles Baloyi weDaily Sun obe yintatheli evele- le, uTracy Bamber noMike Cowling. UMthembu udlulise ukuxolisa kuHulumeni waKwaZuluN­atal ngokungabi yingxenye yokwethulw­a ngokusemth­ethweni kwamaSalga Game anonyaka obekwenziw­a ngosuku olufanayo eRichards Bay.

Kusenjalo, kwaziswa abagiji- mi baKwaZulu-Natal ukuthi iMuden 25km ehambisana ne-10km obekufanel­e ibe ngeSonto ngeke isaba khona kanti abasubathi besifundaz­we bazokhipha­na inkani kwiMerewen­t 10km ezokuba ngeSonto ezinkundle­ni zemidlalo eDhubri. Ngolwazi kuthintwa uPat Pather kwethi: 073 495 5521.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUBONGUMU­SA Mthembu enqoba iComrades Marathon yanonyaka ebuphelela eMgungundl­ovu.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUBONGUMU­SA Mthembu enqoba iComrades Marathon yanonyaka ebuphelela eMgungundl­ovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa