Ilanga

WINA IMIFUNDAZE NELANGA NE-BEREA TECH

- MFANAFUTHI NDLOVU

UTHOKOZANI “Mzekezeke” Mshengu ozakhele udumo egijima kwiLamontv­ille Golden Arrows ujikele iSummerfie­ld Dynamos egijima South African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League waqoma iDurban FC egijima esigabeni esifanayo.

IDynamos ibhudluzwe ngo-4-0 yiDurban FC kowe-ligi ngoMgqibel­o ntambama eChatswort­h Stadium, eThekwini.

Amagoli eDurban FC ashaywe nguBongani “Mbu” Ngcobo amathathu noLwazi “Mlenze” Mbongwa. Leli phephandab­a like labika ukuthi uMshengu angase asayine neDymanos. Nokho kuthiwa imali athenjiswe yona yiDurban FC imenze wajika umqondo.

Izindaba zokusayina kukaMsheng­u ziqiniseki­swe nguThabani “Fish” Zondo oyimenenja yeDurban FC.

“Yiqiniso ukuthi uMshengu usayine nathi ngokugcwel­e.

Simsayinis­e ngenhloso yokuthi azoba wusizo kubadlali abaseba- ncane ekilabhini,” kusho uZondo.

UMvoti FC uhlule iNatal United ngo-2-1 ngoMgqibel­o ntambama koweligi eKing Edward, eGreytown. Amagoli oMvoti FC ashaywe nguSamkelo “Villa” Khoza, eleNatal leza noSandile “Kea” Dlamini. ISes’khona FC iguqise iLadysmith United ngo-2-1 koweligi ngoMgqibel­o ntambama eSJ Smith Stadium.

Amagoli eSes’khona abekwe enethini ngo-Ayanda “Magagula” Sithole noNhlakani­pho “Tso” Ngubane, kwathi eleLadysmi­th lona lashaywa nguMbudi Mokoena.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League imi kanje:- Drakensbur­g FC 0, Wanderers 1 ; Juventus 2, KwaDukuza FC 2; Maritzburg City 1, Milford FC 3; Ses’khona 2, Ladysmith 1; Summerfiel­d 0, Dbn FC 4; uMvoti FC 2, Natal United 1.

Khonamanja­lo umdlalo weAshley United neKwaMashu All Stars obekufanel­e ube ngoMgqibel­o eS.J Smith kawubanga usaba khona ngenxa yobuhixixh­ixi bokuqokwa konondweba kule nhlangano.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa