USEPHENDUKE INYAMA E-EUROPE USERERO
Ugila izimanga ekilabhini emtakulile iVitesse
USEPHENDUKE inyama emakilabhini aseEurope umdlali wakuleli ovele udlala khona. UThulani “Cream” Serero odlala esiswini kwiVitesse yaseNetherlands uke wadonsa kanzima kuleliya lizwe esagijima kwi-Ajax Amsterdam. Uphenduke ifenisha kwi-Ajax amasizini amabili okuthe uma kusongwa isizini yamkhomba indlela. Utakulwe yiVitesse edlala esigabeni esifanayo nese-Ajax. Lo mdlali selokhu efike kule kilabhu ugila izimanga njengoba isikimu kungesakhe. Ngaphandle kwalokho useyibeke endaweni ehloniphekile kwi-log ye-Eredivisie njengoba isendaweni yesine. Ngendlela uSerero adlala kahle ngayo uqokwe njengomdlali ovelele enyangeni kaMfumfu (October).
Njengoba enza izimanga nje kuvela ukuthi ufunwa uthuli ngamakilabhu aseSpain nawase-England.
Akuqali-ke nokho ukuthi afunwe yikilabhu yase-England njengoba iReading edlala kwi-English Championship iphumele obala ukuthi iyamdinga.
Ugcine engayanga kuyona ngenxa yokuthi iBafana Bafana ikleliswe kude ohlwini lwamazwe lwe-Fifa
okuphikisanayo nemigomo yokudlala e-England.
USerero uthi nakuba ekhona amakilabhu amfunayo kula maligi amakhulu e-Europe kodwa ngeke avume imphazamise leyonto.
“Okwamanje ngibheke ukusiza ikilabhu yami yenze kahle eligini ngale sizini. Ngisuka esimweni esinzima ukuthi ngingaxhamazela ngigijimele ukushintsha ikilabhu.
Ngisuka esimweni esinzima ukuthi ngingaxhamazela ngishintshe ikilabhu...