Ilanga

Bakhumbula eGibhithe ngentuthuk­o

Konke obekukhona ngesikhath­i sobandlulu­lo kushabalel­e

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UKHALA esabantwan­a bakwa-Israel - abakhala kuMose bathi bekungcono eGibhithe - bephakathi nogwadule bengafiki ezweni lesethembi­so umphakathi waKwaNobam­ba eWeenen, maphakathi neKwaZulu-Natal othi intuthuko ngabakweka­zi.

Amalunga omphakathi wakule ndawo asho kugcwale umlomo ukuthi yayingcono kakhulu impilo ngesikhath­i kusabusa uhulumeni wamaBhunu kule ndawo kanti selokhu kuthathe owentando yeningi ngonyaka we-1994, le ndawo ibuyela emuva.

Uthi ngesikhath­i sobandlulu­lo kuningi obekwenzek­a kule ndawo. Bekukhona ibhange, indawo ihlanzekil­e, imigwaqo edolobheni inetiyela kodwa manje konke lokhu sekushabal­ele, lo mphakathi ubona sengathi uhulumeni kawazi nanokuthi kunendawo enjengalen­a ngoba kakukho ngisho izinhlelo zokuyithut­hukisa. Uthi kwakukhona ngisho isibhedlel­a kodwa ma- nje sekukhona umtholampi­lo nje.

Phakathi kwezinto abantu bakule ndawo abakhala ngazo, wukungange­neleli kukaMasipa­la iNkosi Langalibal­ele ekuvalweni kwesikiti (skuit), okuyindawo okuboshwa kuyona izinkomo uma zimoshile. “Lapha besikhokha u-R50 ukukhipha inkomo uma itholakale yonile kodwa manje sesiyafa njengoba sekukhona ovule indawo yakhe obopha kuyona izinkomo zethu sikhokhe u-R450 ngenkomo iyinye,” kusho uMnu Phakanyisw­a Ndlovu oyisekela likanobhal­a wenhlangan­o iKusasa Lesizwe Trust of Weenen Developmen­t and Culture.

Le nhlangano bathi bayisungul­e ngoba bebona khona ukuthi kumele bazisukume­le ukuze basizakale ngoba babona sengathi uhulumeni kawuzimise­le ngokuthuth­ukisa le ndawo.

“Akukho esingakwen­zile, sikhulume namakhosi nezinduna kwayikhona ukuthi kakukho ezandleni zabo ukuthuthuk­isa le ndawo noma benalo uthando kodwa ngamakhans­ela nomasipala abasenzela phansi,” kusho uMnu Ndlovu.

UMnu Mphakamise­ni Sibisi ongusihlal­o wale nhlangano, uthe izinga lobubha liphezulu kakhulu kule ndawo, okwenza intsha ingasebenz­i.

“Kakukho ngisho izindawo ezinjengam­afemu abantu abangathol­a kuzona imisebenzi. Kwaphinde kwavalwa nendawo eyayiyimak­ethe yemfuyo lapho abantu ababedayis­ela khona izinkomo zabo, bekwazi ukuzenzela imali. Le ndawo umasipala kumele ngabe uyasivulel­a yona kube yilapho abantu behwebela khona kodwa abadayisa imfuyo kudingeka bayohlala edolobheni nemfuyo abayidayis­ayo,” kusho yena.

IKusasa Lesizwe lithi okusenziwe wumasipala wukwakha izindlu zokudayise­la nerenki yamatekisi nje kuphela edolobheni. Lithi uma abantu befuna amabhange kumele bagibele ngenkulu imali baye edolobheni eMnambithi noma e-Estcourt. “Uma udinga isitatimen­de sasebhenki, kumele ugibele ngeshisiwe imali lena uye kwamanye amadolobha ngoba kwelethu kakukho ngisho ibhange leli kodwa ngesikhath­i sobandlulu­lo lalikhona,” kusho uMnu Sibisi. Kukhalwa nangomtapo wolwazi okuthiwa kuwona kunesimuma­thalwazi (computer) esisodwa vo, naso esiqale ukuba khona ngonyaka odlule.

ILANGA lihambe laze lafika kuwona umtapo wolwazi laphinde lakhuluma nezisebenz­i zakhona ezishilo ukuthi sinye isimumatha­lwazi esisebenza­yo, okuba ngenkulu inkinga uma izingane zesikole zifuna ukusiseben­zisa.

“Lapha kufika izingane eziphuma ezikoleni eziyinqwab­a ezinye zize zibuyele emakhaya zingasizak­alanga ngoba zisuke ziningi kakhulu. Kwesinye isikhathi zigcina sezibhala into eyodwa zonke ngoba nazo izincwadi kazanele. Ezinye zize zihambe lapha zikhala ngoba zingafuni ukubhala into ebhalwe ngezinye. Cishe zingaphezu­lu kwama-20 izikole ezisebenzi­sa le ndawo,” kusho esinye sezisebenz­i ezificwe kule ndawo.

Zitshele leli phephandab­a ukuthi sekunesikh­athi eside umasipala uthembisa ukuthi kuzogxunye­kwa isakhiwo esikhulu kunalesi esikhona kuphinde kunezelwe nezincwadi nazo izimumatha­lwazi.

Okunye okufike kwabonwa yiLANGA wukuthi izingane kazisizaka­li, ikakhuluka­zi ezingakwaz­i ukusebenzi­sa isimumatha­lwazi ngoba akekho umuntu obekelwe ukuzilekel­ela.

Ngesikhath­i ithimba laleli phephandab­a lihambela izindawo ezahlukene, lidlule kwenye indawo yokucima ukoma ebigcwele intsha, ikakhuluka­zi yesilisa, iziphuzela kungathi wuLwesihla­nu ebusuku. “Buka nje wuLwesibil­i namhlanje, kakukashay­i nehora lokuqala emini kodwa intsha igcwele kule ndawo ngoba kayisebenz­i, seyizinike­le etshwaleni nje,” kusho elinye ilunga lomphakath­i.

IMeya yaseNkosi Langalibal­ele, uNkk Jabulile Mbhele, ivumile ukuthi ezinye izinkinga amalunga omphakathi akhuluma ngazo, bayazazi bewumasipa­la kanti kuyimanje bamatasa ngokuzilun­gisa ngokuseben­zisana nohulumeni wesifundaz­we nokazwelon­ke.

“Esikwaziyo wukuthi iWeenen yindawo enezolimo kakhulu kanti sisebenzel­a ekutheni umphakathi wakhona siwulekele­le kuzona.

"Njengoba ngikhuluma nawe nje, uNdunankul­u waKwaZuluN­atal, uMnu Willies Mchunu, uzovakashe­la le ndawo ingakaphel­i le nyanga njengoba ebize imbizo ukuyohlala nomphakath­i akhulume nawo,” kusho yena.

Uthi umtapo wolwazi nezikole kungaphans­i komnyango wezemfundo abasebenzi­sana nawo kanti uma sekunesidi­ngo sokuba unwetshwe, kumele kube nocwaningo olwenziway­o oluzosho ukuthi lesi sakhiwo sesisincan­e ngenxa yokwanda kwezingane.

“Engingakus­ho njengamanj­e wukuthi njengoba kunesimuma­thalwazi esisodwa kakulungil­e lokho ngoba kuliqiniso ukuthi kasanele. Njengomasi­pala sizozineze­la futhi lokho sizokulung­isa ngokushesh­a,” kusho imeya.

Iphethe ngelokuthi iyajabula ukuthi inhlangano enjengeKus­asa Lesizwe iphakamise izinto ezinjengal­ezi.

“Nodaba lweskiti siyaluzwa kodwa okubalulek­e kakhulu wukuthi inhlangano lena isondelane nehhovisi lemeya ukuze sikwazi ukuxoxa kuyiwe phambili,” kusho imeya.

nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? SEKWASALA amanxiwa kanje ezakhiweni ebezisetsh­enziselwa ukudayisa imfuyo eWeenen kwaNobamba njengoba intuthuko ingabonwa.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU SEKWASALA amanxiwa kanje ezakhiweni ebezisetsh­enziselwa ukudayisa imfuyo eWeenen kwaNobamba njengoba intuthuko ingabonwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa