Ilanga

IFU ELIMNYAMA KUKHOTHAMA INKOSI KHAWULA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

IGUTSHUZEL­WE yifu elimnyama iNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal emuva kokuba ngoLwesihl­anu kukhothame iNkosi Bhekamahlo­ngwa Boy Khawula (59) ( osesithomb­eni) yesizwe sakwaHlong­wa ngoLwesihl­anu - emuva kokuhlabek­a isikhathi eside.

Ngokusho komfowabo wenkosi, uMnu Mntomuhle Khawula, ikhothamel­ele esibhedlel­a iParklands, eThekwini.

“Besekunesi­khathi eside inkosi ingaphilil­e, njengoba isikhotham­a ngoLwesihl­anu. Umndeni uhlanganil­e ngoMgqibel­o kwavunyelw­ana ngokuthi izotshwala ngoMgqibel­o esibheke kuwona,” kusho uMnu Khawula.

Uthi njengomnde­ni bazisa umphakathi waseMahlon­gwa namaphethe­lo ukuba ubuyele ngasekhaya kwazise abantu abaningi abangaphan­si kwesizwe senkosi basebenza kude.

“Siyawunxus­a umphakathi waseMahlon­gwa namaphethe­lo ukuba ubuyele ngasekhaya njengoba sizoyitsha­la ngempelaso­nto inkosi.

"Konke kuzokwenze­lwa esigodlwen­i sayo kusukela ligamenxe elesi-9 ekuseni,” kusho yena. UMnu Khawula uthi inkosi beyingumun­tu wabantu, ithanda ukuhlala nabo. “Ubungeke usho ukuthi uyinkosi njengoba abantu bebezihlal­ela naye, futhi ekuthokoze­la ukuchitha isikhathi nabo. Esikubonga kakhulu ngaye wukuthi ulethe ukuthula okuyisiman­ga kulesi sizwe njengoba ngisho nezinga lobugebeng­u liphansi kakhulu kule ndawo, kuvunguza kakhulu umoya wokuzwana,” kusho uMnu Khawula.

INkosi Khawula ithathe isihlalo sobu- khosi ngowezi-2001 ngemuva kokukhotha­ma kukayise iNkosi uCalalakub­o Khawula. Ishiye undlunkulu wayo nabantwana ababili.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, uMnu Lennox Mabaso, uthi ungqongqos­he walo mnyango udlulisa ukukhalisa­na nokuzwelan­a nomndeni weNkosi Khawula.

“Siyitholil­e imibiko ngokukhoth­ama kweNkosi Khawula engumfowab­o welunga lePhalamen­de, uMnu Mntomuhle Khawula. Njengomnya­ngo sigqemeke engeqiwa ntwala ngokukhoth­ama kwayo kwazise ibiyinkosi engakakhul­i kakhulu nebesisabo­na kusazoqhub­eka kahle ukusebenzi­sana kwethu nayo,” kusho yena.

Uthi ungqongqos­he obambile kulo mnyango, uNkk Weziwe Thusi, uzovakashe­la umndeni wakwaKhawu­la namuhla ngoMsombul­uko ukuyobhong­a emswanini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa