Baqolwa ngoZuma
Bathi uthole uxhaso eChina
USIZI luzwa olunye kwizakhamizi zaKwaZuluNatal ezikhahlanyezwe yizimvula ezinamandla ebezihambisana nomoya mhla zili-10 kwephezulu njengoba sekunezigilamkhuba ezibaqola ngegama likaMengameli Jacob Zuma.
Lezi zimvula zibhubhisile njengoba zishiye imizi nempahla konakele. Imiphakathi eseningizimu yeTheku nasogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, seyiphenduke ukudla kwamaqola njengoba sekukhona asebebone ithuba lokwenza imali ngosizi lwayo.
Ngokuthola kweLANGA ngemithombo engashayi eceleni, lezi zigilamkhuba zikhohlisa abantu zithi uMengameli Zuma njengoba ebeseChina nje, ufike wacela uxhaso oluzosiza le miphakathi. Izindawo okuthiwa labo galakajana benza kuzona le mikhuba, yiseMandawe, eMgababa, eMkhomazi nakwaCele ngaphansi kukaMasipala uMdoni nezinye ezikhahlamezekile.
“Bathi ukubhalisa kubiza u-R55 umuzi nomuzi kodwa uma uzikhalela noma uyisalukazi esihola impesheni, bayakuzwela ubhalise ngo-R30. Uma befikile amahholo agcwala phama ngoba baningi abakhahlanyezwe yizimvula. Bakubhalisa bakunikeze isigqebhezana esinenombolo imali ezongena ngayo. Imali abathembisa ukuthi umuntu angayithola, wu-R80 000 wokuthenga izitini zokwakha nothayela.
Bathi uma ingena le mali kumele uyothenga izinto zokwakha ezitolo eziseGalleria Mall ngoba zona zidayisa izinto zokwakha ezisezingeni eliphezulu, hhayi kunoma yisiphi isitolo,” kusho lo mthombo. Uthi le mali bebethi izongena lingakapheli isonto.
"NgoLwesihlanu sesiyobuza ukuthi imali izongena nini njengoba bebebuyile besazobhalisa abanye, bathi thina esesinezinombolo masiphinde sikhokhe u-R30 ukuhlangabezana nezindleko zabantu abasibhalisayo njengoba belala emahhotela uma beyobhalisa abantu.
"Sibone lapho-ke ukuthi siyaqolwa. UMengameli uZuma angahlulwa yini ukulalisa abantu bakhe uma ebathume ukuba bazosiza umphakathi?‚" kusho lo mthombo. Ikhansela lakuwadi 19 ngaphansi kukaMasipala waseMdoni, uMnu Jabula Gwala, lithi bake baya abantu kulona bethi kunohlelo lwaseChina abeza nalo oluzosiza umphakathi.
"Kangilandelelanga ukuthi hlelo luni lolo ngoba ngithathe ngokuthi amahholo siyawaqashisa ukwenzela ukuthi kube khona okungenayo kumasipala. Abantu bakithi nabo balutheka kalula, bekumele bayibone nje le nto ukuthi kayikho.Ungalukhokhela kanjani usizo oluza nohulumeni?
"Ngizokhuluma nomasipala sizame ukuxwayisa umphakathi ngale nto,” kusho uMnu Gwala. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe lawa ngamaqola adlala ngabantu.
Okhulumela ihhovisi likamengameli, uDkt Bongani Ngqulunga, uthe umengameli uma esiza abantu ngeke athumele abantu, angathuma iminyango kahulumeni okungaba ngowezokubusa ngokubambisana njengoba le ndaba yeziphepho ithinta wona. “Lezo yizigebengu ezidinga ukuboshwa.
UMengameli Zuma akakaze ayofuna uxhaso eChina. Abantu abaqolwe imali yabo mababike emaphoyiseni izigilamkhuba zithathelwe izinyathelo ezifanele,” kusho uDkt Ngqulunga. Inombolo yalaba ababhalisa abantu ILANGA lizamile ukuyithinta kodwa ibivaliwe.