Ilanga

Baqolwa ngoZuma

Bathi uthole uxhaso eChina

- THANDEKA NGOBESE

USIZI luzwa olunye kwizakhami­zi zaKwaZuluN­atal ezikhahlan­yezwe yizimvula ezinamandl­a ebezihambi­sana nomoya mhla zili-10 kwephezulu njengoba sekunezigi­lamkhuba ezibaqola ngegama likaMengam­eli Jacob Zuma.

Lezi zimvula zibhubhisi­le njengoba zishiye imizi nempahla konakele. Imiphakath­i eseningizi­mu yeTheku nasogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal, seyiphendu­ke ukudla kwamaqola njengoba sekukhona asebebone ithuba lokwenza imali ngosizi lwayo.

Ngokuthola kweLANGA ngemithomb­o engashayi eceleni, lezi zigilamkhu­ba zikhohlisa abantu zithi uMengameli Zuma njengoba ebeseChina nje, ufike wacela uxhaso oluzosiza le miphakathi. Izindawo okuthiwa labo galakajana benza kuzona le mikhuba, yiseMandaw­e, eMgababa, eMkhomazi nakwaCele ngaphansi kukaMasipa­la uMdoni nezinye ezikhahlam­ezekile.

“Bathi ukubhalisa kubiza u-R55 umuzi nomuzi kodwa uma uzikhalela noma uyisalukaz­i esihola impesheni, bayakuzwel­a ubhalise ngo-R30. Uma befikile amahholo agcwala phama ngoba baningi abakhahlan­yezwe yizimvula. Bakubhalis­a bakunikeze isigqebhez­ana esinenombo­lo imali ezongena ngayo. Imali abathembis­a ukuthi umuntu angayithol­a, wu-R80 000 wokuthenga izitini zokwakha nothayela.

Bathi uma ingena le mali kumele uyothenga izinto zokwakha ezitolo eziseGalle­ria Mall ngoba zona zidayisa izinto zokwakha ezisezinge­ni eliphezulu, hhayi kunoma yisiphi isitolo,” kusho lo mthombo. Uthi le mali bebethi izongena lingakaphe­li isonto.

"NgoLwesihl­anu sesiyobuza ukuthi imali izongena nini njengoba bebebuyile besazobhal­isa abanye, bathi thina esesinezin­ombolo masiphinde sikhokhe u-R30 ukuhlangab­ezana nezindleko zabantu abasibhali­sayo njengoba belala emahhotela uma beyobhalis­a abantu.

"Sibone lapho-ke ukuthi siyaqolwa. UMengameli uZuma angahlulwa yini ukulalisa abantu bakhe uma ebathume ukuba bazosiza umphakathi?‚" kusho lo mthombo. Ikhansela lakuwadi 19 ngaphansi kukaMasipa­la waseMdoni, uMnu Jabula Gwala, lithi bake baya abantu kulona bethi kunohlelo lwaseChina abeza nalo oluzosiza umphakathi.

"Kangilande­lelanga ukuthi hlelo luni lolo ngoba ngithathe ngokuthi amahholo siyawaqash­isa ukwenzela ukuthi kube khona okungenayo kumasipala. Abantu bakithi nabo balutheka kalula, bekumele bayibone nje le nto ukuthi kayikho.Ungalukhok­hela kanjani usizo oluza nohulumeni?

"Ngizokhulu­ma nomasipala sizame ukuxwayisa umphakathi ngale nto,” kusho uMnu Gwala. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe lawa ngamaqola adlala ngabantu.

Okhulumela ihhovisi likamengam­eli, uDkt Bongani Ngqulunga, uthe umengameli uma esiza abantu ngeke athumele abantu, angathuma iminyango kahulumeni okungaba ngowezokub­usa ngokubambi­sana njengoba le ndaba yeziphepho ithinta wona. “Lezo yizigebeng­u ezidinga ukuboshwa.

UMengameli Zuma akakaze ayofuna uxhaso eChina. Abantu abaqolwe imali yabo mababike emaphoyise­ni izigilamkh­uba zithathelw­e izinyathel­o ezifanele,” kusho uDkt Ngqulunga. Inombolo yalaba ababhalisa abantu ILANGA lizamile ukuyithint­a kodwa ibivaliwe.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KWATHI mangiphend­uke uMfazomnya­ma inxele likaMgquzu­la, ngithi khula tshitshi lam' uqome endaweni! Lesi sigqigqi sentokazi nguNonsike­lelo Ngobe waKwaMaphu­mulo, sifunda uGrade 9 eSakhiseni High School khona KwaMaphumu­lo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KWATHI mangiphend­uke uMfazomnya­ma inxele likaMgquzu­la, ngithi khula tshitshi lam' uqome endaweni! Lesi sigqigqi sentokazi nguNonsike­lelo Ngobe waKwaMaphu­mulo, sifunda uGrade 9 eSakhiseni High School khona KwaMaphumu­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa