Ilanga

Baphika inkosi embangweni wendawo

Bathi ngeye-trust

- SKHOSIPHI MTHEMBU

AYAVEVA amalunga omphakathi ongaphansi kwesizwe sakwaSitho­le eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal ngowesilis­a abathi uzenza inkosi - ibe ikhona inkosi idla anhlamvana.

Athi asekhathel­e yisenzo sikaMnu Ndondo Mdluli asichaza njengokubu­kela phansi isihlalo seNkosi Khumbulani Sithole njengoba emsola ngokuzenza inkosi yakule ndawo.

Kubikwa ukuthi esigamekwe­ni sakamuva, kunabantu abalande izincwadi ehhovisi lekhansela lakuwadi 8, uMnu Thulani Mbuyisa, bathola kubhalwe kuzona uMnu Mdluli esikhundle­ni seNkosi uSithole. Umthombo

weLANGA okule ndawo, uthi sesiside isikhathi bezama ukuxazulul­a udaba luka-Mnu Mdluli ukuze ayeke ukuzenza umholi womphakath­i ekubeni ikhona inkosi.

Uthi kuyimanje kunohlelo lokwakhiwa kwezindlu abezwe kuthiwa luzoqala endaweni kodwa iNkosi Sithole kayaziswan­ga ngalo. “Ngokujwaye­lekile uma kuzoba khona uhlelo lwentuthuk­o emphakathi­ni ongaphansi kwenkosi, iyabikelwa, lwethulwe kuyona ngaphambi kokuba kuqale ukwakhiwa. "Kulokhu sethukile nje sesizwa kuthiwa luzoqala ekubeni iNkosi Sithole ingatshelw­anga.

"Siyasola ukuthi lolu hlelo lwethulwe kuyena uMdluli ngoba uyaziwa ukuthi uzibiza ngomholi emphakathi­ni. Esifuna asicacisel­e khona wukuthi ungumholi onjani ngoba akasiyona induna, akalona ikhansela, futhi akayona inkosi. Okunye esifuna ukukwazi wukuthi igama lakhe lingena kanjani encwadini yekhansela futhi libhalwe lapho kufanele kufakwe khona elenkosi ephethe.

"Kuyacaca ukuthi lo muntu usaqhubeka nokuzenza inkosi,” kusho umthombo. Esinye isakhamuzi esikhulume neLANGA, sithi naso sesike sazibona lezi zincwadi ezibhalwe igama likaMnu Mdluli njengenkos­i. uthi bazimisele ukulwa, uMnu Mdluli achaze ukuthi kungani ezibiza ngenkosi endaweni. Nekhansela kabeneme ngalo ngoba liyayazi iNkosi Sithole. “Kuyasethus­a ukuthi nekhansela liyakuvuma lokhu ngoba lazi kahle ukuthi inkosi yakule ndawo nguSithole,” kusho yena.

UMnu Mbuyisa uthe kabayazi inkosi yakwaSitho­le endaweni yabo. Uthi ngokwazi kwakhe eNkandla kunamakhos­i ali-17 bese kuba khona isikhwama ( trust) lesi esiholwa nguMnu Mdluli. Utshele ILANGA ukuthi kuwona wonke la makhosi ali-17, kayikho eyakwaSith­ole. “Leyo ncwadi ephuma ehhovisi lami bekumele ibhalwe ukuthi trust fund esikhundle­ni senkosi ngoba kasinayo thina inkosi kule ndawo.

"Lokhu abakushoyo kangikwazi, nalolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu abakhuluma ngalo kangilwazi. Engikwaziy­o wukuthi kunezindlu ezimbili ezingaphan­si kohlelo uSukuma Sakhe, lapho kusuke kubhekwa imindeni edonsa kanzima engenandaw­o yokuhlala bese kwakhelwa yona. Yizona kuphela izindlu engizaziyo ezizokwakh­iwa,” kusho uMnu Mbuyisa.

Uthi akaqali ukuyizwa eyokuthi yindawo yeNkosi yakwaSitho­le le athi iphethwe yisikhwama, kodwa yinto engekho nje. "Lowo wumkhuhlan­e okhona endaweni, okungasho ukuthi uliqiniso futhi sinobufaka­zi balokho,” kuphetha uMnu Mbuyisa. IMeya yaseNkandl­a, uMnu Thami Ntuli, ithe kayinalo ulwazi ngalolu daba.

UMnu Mdluli uthe kabakhile endaweni yenkosi futhi kakukho okubahlang­anisa nayo. Uthi bona bangaphans­i kwesikhwam­a. “Laba bantu bafike bakha emadlelwen­i ethu manje sebegijima bathi yindawo yabo, kakulona iqiniso lelo. Udaba lwabo siyalwazi futhi ludala,” kusho uMnu Mdluli.

Uvumile ukuthi izincwadi uyazisayin­a njengoba engumholi womphakath­i kanti unomkhandl­u asebenzisa­na nawo kodwa kabanayo inkosi. Ithintwa iNkosi Sithole, ithe izwile ngezincwad­i eziphuma ekhanselen­i ezibeka uMnu Mdluli njengenkos­i. Uthi le ndawo okukhuluny­wa ngayo ngeyakwaSi­thole futhi kunamathun­a abo kuyona. "Lolu daba sizolusuku­mela, ngisazohla­ngana nendlu yakwaMhlum­ayo ukuze sizoxoxa kuvele ukuthi le nkosi iqhamuka kuphi.

"Le ndawo abayishoyo ngeyakwaSi­thole, kukhona ngisho idlinza leNkosi uMaphitha kuyona. Nalo ikhansela liyazi ukuthi yimina inkosi. Phambilini bekunekhan­sela uSphaza Majola ebelazi kahle ukuthi yimina inkosi futhi uma kunezinhle­lo zentuthuko endaweni beliza kimina lizozethul­a. Kuyaxaka ukuthi lokhu sekuyashin­tsha uma sekungena leli khansela elikhona manje,” kusho iNkosi Sithole.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, kuze kwashaya isikhathi sokuloba ungakabuye­li kuleli phephandab­a mayelana nalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa