Ilanga

SIKHATHAZW­A NGABASHONA­YO EMIZILENI YEZITIMELA OTHONGATHI

-

MHLELI: Amaphoyisa asoThongat­hi akhathazek­ile ngesibalo sabantu abashonayo bezama ukuwela imizila yezitimela. NgoMgqibel­o womhla zili-14 kuMfumfu (October), indoda eneminyaka engama-59 ishayiswe yisitimela ikulayini waso ngakwaFras­ers, amaphoyisa avule idokodo okuyimanye liyaphenyw­a ngabaseshi basoThonga­thi ukuze bathole lonke iqiniso mayelana nokulimala kukamufi.

Isidumbu sithathiwe sayiswa emakhazeni lapho sizohlinzw­a kubhekwe imbangela yokushona kukamufi. Umphakathi kubaluleki­le ukuba ube nolwazi lokuthi olayini besitimela baphethwe yinkampani ezimele yakwaTrans­net, okusho ukuthi abantu abahamba ngezinyawo kabavumele­kile ukungena noma bawele imizila yezitimela.

Uma utholakala endaweni enemizila yezitimela noma uyeqa, kuyicala amaphoyisa anelungelo lokukuboph­a. Iqalile le nyanga (yezokuthut­ha) sebeyisihl­anu abantu ababoshiwe, abatholake­le beqa olayini besitimela endaweni engafanele. Kwesinye isikhathi uma isitimela sidlula, kungenzeka uthi uyawela ngoba uthi sesidlulil­e ngenxa yomsindo, ungezwa nokuthi kukhona esinye esiqhamuka­yo esiphamban­a naso bese uyashayise­ka ulimale noma ushone ngoba sona kasikwazi ukuma kalula njengemoto.

Siyawucela umphakathi ukuba uyeke ukuwela emizileni yezitimela, kunalokho abantu mabasebenz­ise amabhuloho abekelwe abahamba ngezinyawo.

Ukunqamule­la kuyingozi, bheka nje kulo nyaka uqalile sekube nezigameko eziningana lapho abantu beshayiswa yizitimela bezama ukweqa imizila ezindaweni lapho bengavumel­ekile ukuwela khona.

Siyacela umphakathi ongaba nolwazi ngokulimal­a kowesilisa ngaseFrase­rs ngoMgqibel­o odlule athintane namaphoyis­a asoThongat­hi, athinte uconst CT Mzizi kwethi: 032 944 9925. Uma ungafuni igama lakho laziwe, ungashayel­a amaphoyisa kwethi: 0800 10111.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa