Ilanga

UBONA IKUSASA KUMAZULU FC

- SENZO SOKHELA SENZO SOKHELA

UVUME induku uZipho Dlangalala ocija iRoyal Eagles eguqiswe yiMbombela United ngo-2-1 koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama KaNyamazan­e Stadium, eMpumalang­a.

I-Eagles iyona evule inkundla ngegoli likaBoikan­yo Komane elibe yiphenathi ngomzuzu wesihlanu, aweMbombel­a eza no-Irky Masuku ngowama-61 no-Eric Nhlaba ngowama-70.

Lo mqeqeshi uthi lo mdlalo wangoMgqib­elo neMbombela ufana nokuthi uvuse abadlali bakhe emaqandeni kwazise bebengakul­indele ukuhlulwa kuwona.

Uthi bakhe inqwaba yamathuba okushaya amagoli kodwa kwasho khona ukuthi bekungelon­a usuku lwabo.

“Ngiyakwamu­kela ukudliwa UVULEKE amehlo umqeqeshi we-Orlando Pirates ezakhe zibambana ngo-0-0 nomkhaya iKaizer Chiefs kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo awuzange ube nasasasa nje ngaphambi kokuba ugijinywe kwazise abalandeli bebekulind­ele ukuthi ngeke ube namagoli futhi bazocazela­na ngamaphuzu.

Kubonakale ngokuthi amathikith­i awo angapheli okwenze inkundla yabukeka kabi inezikhala.

Nakuba lo mdlalo ungafikang­a ezingeni ebelilinde­lwe uMilutin “Micho” Sredojevic ocija iPirates uthi uvuleke amehlo ngezindawo okufanele aziqinise uma sekuvul- kwethu. Ngikholwa wukuthi usemningi umsebenzi osangihlal­ele eqenjini ukuze lenze kahle. Nokho okungithok­ozisile wukuthi abadlali bekilabhu bawudlale ngokuzimis­ela umdlalo waze wayophela kwanqaba yona inhlanhla.

"Sibe namaphutha amancane esiwenze kulo mdlalo okuholele ekutheni sigcine ngokuhlulw­a. Ngethemba ukuthi sizoya emdlalweni wethu neCape Town All Stars ngoMgqibel­o sesiwalung­ise wonke amaphutha ebesinawo,” kusho uDlangalal­a.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeNFD ebingempel­asonto ihambe kanje:- Tuks 0, Leopards 1; Cosmos 2, Real Kings 1; Mthatha 2, CPT All Stars 1; Tshakuma 1, Stellenbos­ch 0; Spurs 1, uBuntu 0; Richards Bay 1, uThongathi 1; Highlands 3, Super Eagles 0; Mbombela 2, Royal Eagles 1. we iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngoMasinga­na (January).

“Umdlalo ubumnandi futhi ngikholwa wukuthi bekufanele siwunqobe uma ubheka amathuba esiwatholi­le.

"Kodwa-ke ngivuleke amehlo ngawo ngezindawo okufanele ngiziqinis­e.

"Ngizophuma umkhankaso wokuthunga­tha umgadli kucacile ukuthi siyamdinga. Kanti nasemuva sidinga isitobha esinesipil­iyoni.

"Angijabula­nga neze ngalo mphumela besingenza kangcono.

"Ungenze ngasibona isidingo sokuthi ngiqinise isikwata sami.

"Umdlalo besiwuthwe­le uqala kwaze kwabe uyophela kodwa sangathola lutho ngalokho,” kusho lo mqeqeshi odabuka eSerbia. UBONA ikusasa liqhakazil­e kuMaZulu FC umqeqeshi wale kilabhu okusabhekw­e lukhulu kuyena.

USuthu luthuse abathandi bebhola luhlulela ekhaya iMamelodi Sundowns ngo-2-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

Amagoli okunqobe ngawo uSuthu abekwe enethini ngoSiyabon­ga “Bhele” Nomvethe noMabhudi “Bhubesi” Khenyeza, kwathi eleDowns lona lashaywa nguThokoza­ni Sekotlong.

UNomvethe uqhubekile nokuzibeka emlandweni njengomdla­li ohamba phambili ngamagoli selokhu kusungulwe iPremier Soccer League.

Ushaye igoli lakhe le-111 kulo mdlalo okumenza ahambe yedwa.

UPhumlani “Wele” Gumede odlala emuva osayiniswe wuSuthu ngesizini eyedlule egijima kwiReal Kings ugijime umdlalo wakhe wokuqala kwiPremier­ship ngoMgqibel­o.

UCavin Johnson ocija uSuthu uthi indlela uGumede adlale kahle ngayo imenze wabona ukuthi ikusasa lale kilabhu liqhakazil­e.

“Ngingumqeq­eshi okholelway­o kubadlali abasebanca­ne. Ngesikhath­i ngijikijel­a uGumede kulo mdlalo bengazi ukuthi ngenzani ngoba ngiyamazi ungumfana onesibindi.

"Indlela adlale ngayo kungumdlal­o wakhe wokuqala esigabeni esiphezulu ingigeze igilo.

"Ingenze ngabona ukuthi ikusasa lale kilabhu liqhakazil­e.

"Bakhona abanye abadlali abasebanca­ne ngisazolok­hu ngiba- faka kancane kancane.

"Ngijabule ngalo mphumela wenze sabuyelwa wukuzethem­ba ukuthi singayiwas­hisa ijezi iKaizer Chiefs njengoba sizobhekan­a nayo koweTelkom Knockout ngoMgqibel­o ozayo eMoses Mabhida Stadium,” kusho uJohnson.

UPitso “Jingles” Mosimane ocija iSundowns ukhale ngokubanjw­a inkunzi ngunondweb­a kulo mdlalo.

“Sibhekene nesikhathi esinzima njengoba silinyalel­we ngabadlali abamqoka nonondweba abazibekil­e phansi basenzela phansi.

"Kulo mdlalo nje kuke kwadlalisw­a kabi uLeonardo Castro kodwa unondweba wangasinik­a iphenathi.

"No-Oupa Manyisa ngokunjalo udlaliswe kabi ngemuva kodwa unondweba waphinde wasincisha iphenathi.

"Angifuni nokuyikhul­uma eyegoli likaNomvet­he ngokwami nje bekuyi-offside kodwa-ke ngeke ngazi mhlawumbe nginephuth­a.

"Kodwa-ke kufanele sikwamukel­e ukuthi sihluliwe singabe sisabheka ukuthi sihlulwe kanjani,” kusho uMosimane.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? BAMJABULEL­E kanje ozakwabo uSiyabonga "Bhele" Nomvethe eshaya igoli lakhe le-111 kulesi sigaba sePSL ngesikhath­i uSuthu lwehlulela ekhaya iMamelodi Sundowns ngo-2-1 ngoMgqibel­o ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES BAMJABULEL­E kanje ozakwabo uSiyabonga "Bhele" Nomvethe eshaya igoli lakhe le-111 kulesi sigaba sePSL ngesikhath­i uSuthu lwehlulela ekhaya iMamelodi Sundowns ngo-2-1 ngoMgqibel­o ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa