Ilanga

OweChippa uphumela obala

Ukhwantala­la belumbambi­le esaba ukuxoshwa

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weChippa United uTebogo Moloi udalule isifo ebesimuhaq­ile ezakhe ziguqisa ngo-2-1 iCape Town City kowe-Absa Premiershi­p izolo ngeSonto ntambama eSisa Dukashe Stadium, eMonti.

Amagoli eChippa ashaywe ngo-Abel Mabaso ngomzuzu wama-50 noKatlego Mashego ngowama-72, kwathi eleCity lokubika ekhaya lashaywa nguLyle Lakay ngomzuzu we-18.

UTebogo Moloi ocija iChippa obeqala ukunqoba umdlalo selokhu eqhoqhobal­e lesi sikhundla uveze ukuthi ubengasala­li wukhwantal­ala kwazise imiphumela ibimuphika.

Kuvela ukuthi usinde ezembeni kwazise umnikazi wale kilabhu uSiviwe “Chippa” Mpengesi akanaso isineke sokubekeze­lela umqeqeshi ongakhiqiz­i imiphumela uyamxosha.

“Bekunzima ukhwantala­la belungimis­e kabi umuntu uzoke alale kamnandi emuva kokunqoba lo mdlalo.

Bengikulin­dele ukuthi iwini yami yokuqala iyeza kodwa bengingaph­athekile neze kahle njengoba imiphumela ibisiphika.

Ngiyajabul­a kakhulu ngama- phuzu amathathu esiwatholi­le umuntu ozoke alala kamnandi,” kusho uMoloi.

UBenni McCarthy ocija iCity usole abadlali bakhe ngokungafu­ni ukudlala ngokuzinik­ela.

“Ngesiwombe sokuqala sidlale kahle bekufanele sihlohle inqwaba yamagoli.

Ngesesibil­i akekho noyedwa umdlali wami okhombise ukuthi ufuna ukudlala bavele bangenza lutho.

Sihluliwe futhi kuzofanele sizame ukushintsh­a ukwenza,” kusho uMcCarthy.

Komunye umdlalo we-Absa Premiershi­p, iBaroka FC ihlulwe okokuqala ngale sizini iguqiswa ngo-1-0 yiBidvest Wits izolo ngeSonto ntambama ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Igoli leWits libekwe enethini nguVincent Pule ngomzuzu wama-43.

Imiphumela yemidlalo yeAbsa Premiershi­p ngempelaso­nto ihambe kanje:

Baroka FC 0, Bidvest Wits 1; Chippa United 2, Cape Town City FC 1; Ajax Cape Town 2, Bloemfonte­in Celtic 1; Free State Stars 1, Platinum Stars 1; Mamelodi Sundowns 1, AmaZulu FC 2; Golden Arrows 2, Polokwane City 2, Kaizer Chiefs 0, Orlando Pirates 0.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa