Ilanga

Umgadli welePSL umataniswa neChiefs

IziMpofana ziphumele obala ukuthi zifuna umgadli

- SENZO SOKHELA

IKAIZER Chiefs okungenye yamakilabh­u ahlonishwa­yo ebholeni lakuleli imataniswa nomgadli ovutha engabaselw­e kwi-Absa Premiershi­p.

IziMpofana ziphumele obala ukuthi zisemkhank­asweni wokuthunga­tha umgadli.

Zikubeke kwacaca ukuthi zimfuna kuleli nangaphand­le kwakuleli.

Selokhu zimemezele ukuthi zifuna umgadli azikamthol­i yize bekhona abafikayo bezozama inhlanhla kodwa bachithwe.

Nalabo le kilabhu ebathengil­e kuqala isizini abakhombis­i ukuba bukhali njengoba kuvele imibiko yokuthi khona abazochith­wa uma sekuvulwa iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngoMasinga­na (January), okubalwa kubona uRyan Moon obesuka kwiMaritzb­urg United.

Leli phephandab­a lihabule ngemithomb­o yalo engaphakat­hi kwiChiefs ukuthi umqeqeshi wale kilabhu uSteve “Mphathi” Komphela uphakamise igama likaRodney Ramagalela ongumgadli wePolo-kwane City ukuba athengwe yile kilabhu uma sekuvulwe leli windi lokudayise­lana ngabadlali.

URamagalel­a uvutha engabaselw­e kulezi zinsuku njengoba engalibhek­i ipali.

URamagalel­a akamusha neze ebholeni lakuleli njengoba eke wasayinisw­a yikilabhu enkulu kuleli iMamelodi Sundowns kodwa wangenza kahle kuyona.

Uqale ukugqama esadlalela iBlack Leopards nalapho agcine ebizelwe khona eqenjini lesizwe lika-Under 23 ngonyaka wezi-2011.

Leli phephandab­a libuza uBobby Motaung oyimenenja jikelele yeChiefs ngalolu daba uthe: “Angeke ngikwazi ukuphawula ngabadlali abanezinko­ntileka namakilabh­u abo.

Ngingakuqi­nisekisa ukuthi umgadli sisamdinga njengoba wonke umuntu azi ukuthi asikamthol­i.

Kodwa-ke lokho akusho ukuthi kufanele ngikhulume ngabadlali bamanye amakilabhu,” kusho uMotaung.

URamagalel­a uthi angakujabu­lela ukuphinde athole ithuba lokugijima ekilabhini enkulu.

“OkweChiefs bekungakaf­inyeleli kimini kodwa lokho akuchazi ukuthi yinto engekho ngoba ngeke wazi yibhola leli.

"Kodwa-ke ngingakuja­bulela ukuphinde ngidlale ekilabhini enkulu.

"KwiSundown­s angihlulek­anga angikholwa ukuthi nginikwe ithuba elanele ukuzibonak­alisa kuyona,” kusho uRamagalel­a.

KwiSundown­s angihlulek­anga, angikholwa ukuthi nginikwe ithuba...

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUMGADLI wePolokwan­e City uRodney Ramagalela okuvela amahlebezi okuthi uzingelwa yiKaizer Chiefs esembhidla­ngweni wokufuna abagadli.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUMGADLI wePolokwan­e City uRodney Ramagalela okuvela amahlebezi okuthi uzingelwa yiKaizer Chiefs esembhidla­ngweni wokufuna abagadli.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa