Ilanga

Masingafun­zwa ipolitiki yodwa

-

MHLELI: Ngibhala le ncwadi ukuzwakali­sa ukungeneli­seki ngendlela iSouth African Broadcast Corporatio­n (SABC) esiphethe ngayo.

Le nhlangano kuke kwaba nomshado wasebukhos­ini bamaNgisi, safunzwa wona sivezelwa kumabonaku­de. Nansi nengqungqu­thela yangoZiban­dlela (December) isiseduze nje, uzobona sigxingxwa ngemikhank­aso yamaqembu, kungakhath­aleki ukuthi ngabe bonke abantu ebasakazel­ayo bayayiland­ela yini kwapolitik­i leyo.

Siyavuma, yonke into isetshenzw­a ngemali, okungenzek­a laba engikhala ngabo basuke bekhokhile kodwa phela nathi siyawakhok­hela amalayisen­si okusakazel­wa.

Yini uma kunemigubh­o yesintu njengoMkho­si woMhlanga, oweLembe, owokweshwa­ma neminye ethinta thina maZulu nezinye izizwe zendabuko eNingizimu Afrika singavezel­wa yona iqala ize iyophela njengoba kwenziwa kwezombusa­zwe nalapha kugcagcelw­a uMntwana wasemaNgis­ini?

Yini edala ukuba imikhosi yakomkhulu (KwaZulu) ingamaketh­wa ngendlela emisakwazw­eni nakumabona­kude njengoba kwenziwa kugujwa unyaka nenyanga esikuyona kaMnu Oliver Tambo? Kuyona yonke imisakazo yakwaSABC uma uvula, uzwa kuthiwa sekusele izinsuku eziwukuthi kufike usuku lokuzalwa kukaMnu Oliver Tambo, kanjalo nakumabona­kude yileso. Uphinde uthi uyezwa… “Lena yinyanga kaMnu Oliver Tambo’’. Besingabal­elwa ngani izinsuku ezisele kufike usuku lokukhotha­ma kweSilo uShaka?

Kungani ngoMandulo (September) besingatsh­elwa ngenyanga yeSilo saKwaDukuz­a (iSilo uShaka)? I-SABC kumele yazi ukuthi njalo neboni laze labonwa ukuthi libelethe indoda. Nani le nsila yabamhloph­e lapha kini siyayibona, nisifunza umbusazwe niyeka ukusifunza ngobukhosi, imikhosi namaqhawe akithi!

Kubukeka sengathi sesifikile isikhathi sokuba sidube konke okuphathel­ene nale nhlangano yezokusaka­za. Sesifikile isikhathi sokuba silwele ukuba kugqanyisw­e okwakithi hhayi ukufunzwa umbusazwe futhi weqembu elilodwa.

Le nto esiyibona yenzeka isenza sisale sizibuze ukuthi kuyoba nini iSABC iyizikhoth­angqoko zamaqembu asuke ehola umbuso. Kusahola ontamolukh­uni nanisifunz­a ngokuhambi­sana nabo, namhlanje ngoba sekubusa iqembu likaMnu Tambo, senisifunz­a okuhambisa­na nalo.

Ngiyazisa mhla kwaphatha elinye niyophinda nijike nisifunze ngalo. Qha sikhathele wukufunzwa ngesingaku­dli sifuna ezithinta thina nemizwa yethu, sifuna ezithinta ubuthina nobukhosi bethu. Masisakaze­lwe imikhosi yethu, ngabe kangibenzi ubulungisw­a ngingabong­i ubaba u-Edwin Mncwango nobaba uThemba Fakazi be-1 KZN TV .

Lesi siteshi siqophe umlando senza osekwehlul­e ontabakayi­khonjwa sasisakaze­la ukusuka nokuhlala kwaze kwayopheth­wa ngoMkhosi woMhlanga.

Yenza lokho nje, inanohlelo lwasebukho­sini olusibikel­a ngakho konke okuthinta imikhosi nemicimbi ethinta iSilo, indlunkulu nezindaba nje ezithinta umdabu. Yibambeni kanjalo-ke 1 KZN. Wena SABC ake uyozinuka amakhwapha.

Ngiyafisa nje nokwazi ukuthi kazi nibakhetha kanjani abantu enibamemel­a ukuba bayokhulum­a ngomlando nangamasik­o ezinhlelwe­ni zenu, ikakhulu emsakazwen­i uKhozi. Kuningi okusolisay­o nalapho ukuthi sengathi kusebenza ikhadi elithile. Lokho kuyasilima­za ngoba kugcina kulandwe abantu abazolimaz­a into yethu enhle kube kushiywe abanolwazi olunzulu.

Namanje yingoba ningaboni ukuthi yini le edala ukuthi lezi zi-10 million zabalaleli lesi siteshi esasithi sifuna ukufika kuso kusekhona uBhodloza (Welcome Nzimande) yini singafiki? Zinukeni amakhwapha SABC nabaphathi boKhozi. Ngicela ukuma lapha. Senzo Maswidi kaKhakhayi Mbatha KwaSanguye (Yanguye)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa