Ilanga

INTUKUTHEL­O NGOWEBE UMCHAMO WABAFUNDI

Ubathembis­e uR5 umfundi emunye

- MTHOBISI SITHOLE

KUXABENE ubendle eMashushu, eNkandla, maphakathi neKwaZuluN­atal, njengoba abazali babafundi baseMdlela­nga Primary School bevutha bengabasel­we ngenxa yelunga lomphakath­i lesilisa elithathe umchamo wezingane zabo lithi liyothaka umuthi wokwenza ama- pile.

Kuthiwa isimo sibi kule ndawo ngenxa yalesi sigameko okubikwa ukuthi senzeke ngesonto eledlule.

Ngokuthola kweLANGA, lona wesilisa osebenza ngaphakath­i esikoleni ukutshala engadini, ahlanze igceke, ukhokhobel­e abafana abayisihla­nu ezindlini zangasese wathi mabachamel­e esigujini uzozipha u-R5 umuntu ngamunye.

Kuthiwa emuva kwalokho izingane zitshele othisha ngoba zingasayit­holi imali ebezithenj­iswe yona, zafika zabika nakubazali bazo emakhaya.

Kuvela ukuthi abazali balibangis­e esikoleni bevutha bhe, bebuza ukuthi yake yenzekaphi into efana nalena.

Umthombo weLANGA uthi abazali bafike esikoleni bekhihla isililo kanti sekukhona abathi izingane zabo sezibika ukugula, zikhala ngokudonse­ka kwezinkaba emuva kwalesi sigameko.

“Abazali bafike bekhala izinyembez­i kuthishanh­loko bethi kungani kungavele kufe bona kunokuba kubulawe izingane zabo besaphila,” kusho umthombo.

Uthi mkhulu umsindo osendaweni kubatshazw­a umhlola mayelana nalo mkhuba.

UNkz Thobekile Khanyile - ongomunye wabazali bezingane ezithintek­ayo - indodana yakhe efunda uGrade-1 - uthi ingane yakhe isiyazicha­mela esikoleni, kayisakwaz­i ukuzibamba emuva kokuba kuthathwe umchamo wayo.

Uthi selokhu kwenzeke lokhu, ikhala ngenkaba, ithi kunento eyidonsayo ngaphakath­i.

“Kangizange ngikholwe ngesikhath­i ngizwa le ndaba kwaze kwaba ngiya esikoleni ngayobika. Lo baba uxolisile wathi yena ubeyokwenz­a umuthi wokuchatha ngesikhath­i esebizwa ebuzwa phambi kwethu. Okungiphat­ha kabi kakhu- lu wukuthi uthishanhl­oko ukhombise ukungasese­ki ngoba ulokhu egqugquzel­a ukuba axolelwe lo baba ekubeni sihlukumez­ekile ngezingane zethu,” kusho uNkz Khanyile.

UMnu Cebo Gcaba, naye onengane okuthathwe umchamo wayo, uthi kakulaleki uma ecabanga lesi sigameko. Uveze nokuthi ukuxolelwa kwalona wesilisa ngeke kuwenze umehluko ngoba kayaziwa inhloso yakhe yokuthatha umchamo wezingane futhi akawubuyis­anga.

“Yithina esizwa ubuhlungu ngoba kasiwazi umkhuba obuyogilwa ngomchamo wezingane zethu. Umoya wami uhlukumeze­kile, uthishanhl­oko usitshele ukuthi udaba malushayel­we phansi, lungafiki kwabezinda­ba,” kusho uMnu Gcaba.

Induna yendawo, uMnu Qedani Nxumalo, ithi lolu daba lukhulunyi­we esikoleni ngoMsombul­uko odlule.

“Abantu sebeyizilw­ane, sebahlale becabanga okubi. Lo muntu uyazithand­a kabi izingane, akasoze enze olubi kuzona. Mina ngiyamazi nodokotela wakhe lo muntu, vele unenkinga yama- pile,” kusho uMnu Nxumalo.

Ethintwa uNkz Ncanekazi Dladla, oyilunga lesigungu sesikole, utshele leli phephandab­a ukuthi ezingxoxwe­ni zabo nothishanh­loko kucelwe ukuba lona wesilisa engabe esasebenza kulesi sikole ngoba abazali badiniwe.

ILANGA libuze ukuthi lona wesilisa akanazo yini izingane zabafana noma ezezihlobo zakhe ngoba bese kuzwakale ukuthi ubefuna umchamo wabafana. UNkz Dladla uthi uthe izingane ezisencane akanazo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Scelo Khuzwayo, uthe bashaqekil­e kakhulu ukuzwa ukuthi kungenzeka into efana nalena esikoleni.

Uthe bazoya kulesi sikole ukuze bathole kabanzi umsuka walolu daba.

“Yisikhathi esibi kakhulu lesi sokubhala kwabafundi izivivinyo, kasiyigqug­quzeli into ezophazami­sa umgqigqo wokubhala,” kusho uMnu Khuzwayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa