Bahamba bejeqeza abacebe inceku

Bayesatshiswa

Ilanga - - Izindaba - NONHLAKANIPHO SHINGA

BAHLAFUNA bejeqeza kuhle kwezinyamazane abesifazane abasola umfundisi webandla elisoNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngokubadlwengula. Laba besifazane, abaneminyaka ephakathi kweli-18-26 ubudala, bagonyuluke kuleli phephandaba ngenceku - esingeke sayidalula nebandla layo - abathi ibibadlwengula kuthi noma bezama ukuyiceba ebandleni bangalutholi usizo. Bakhala ngokuthi lo mfundisi ubezitika ngabo ngokocansi abatshele ukuthi yena unogcobo oluyisimangaliso njengoba elala nabo nje, bazotheleleka ngalo.

Bathi umfundisi ubebanika into ezobadaka, abanye bathi ubeze abaphuzise amaphilisi athile uma eqeda ukubadlwengula ngoba engafuni ukuba bakhulelwe kwazise bonke bathi ubekhala ngokuthi ijazi lomkhwenyana akalisebenzisi ngoba liyamlimaza.

Owesifazane oneminyaka enganama-21, ongowokuzalwa KwaNongoma kodwa manje osezinze ePretoria, utshele ILANGA ukuthi ubemazi umfundisi kodwa emazela kude futhi ejwayele nokufika lapho abesonto khona.

“Kuhambe isikhathi ngagcina sengimazi nasenkundleni yokuxhumana iFacebook. Ngixoxe naye ngelinye ilanga ngicela ukuba angikhulekele ngoba bengihlaselwe yimicabango emibi, ngingalali kahle.

“Sibe sesijwayelana kanjalo wagcina esethatha nezinombolo zami nami wanginika ezakhe,” kusho lona wesifazane edalula negama lebandla lalo mfundisi elikwaD elokishini lasoNdini.

“Uqale wangishela wathi kuyintando kaNkulunkulu ukuthi mina naye sithandane. Ngibuze ukuthi kungenzeka kanjani lokho ngoba yena ushadelwe. Ubeselokhu engicela izithombe zami, okuthe ngelinye ilanga wathi ucela ukungibona.

“Kanginakanga ukuthi ngabe ufunani, ufikile ekhaya ngangena emotweni yakhe ngizitshela ukuthi sizoxoxa. Uvele wayishaya wayibhekisa kwakhe wathi ufuna sidlule edolobheni sithenge into edliwayo ngoba ulambile. Nami ngivumile-ke wahamba waze wayongena nami kwakhe. Sithe sisahleli wangibuza ukuthi ngiyawazi yini ama- Ngimtshele ukuthi ngike ngizwe ngawo kodwa kangikaze ngiwasebenzise,” kusho lona wesifazane othi ubenalo isoka lakhe ngaleso sikhathi.

Uthi umfundisi umtshele ukuthi uma engawazi ama- kuyaye kuthiwe owesifazane uyakwazi ukuphuza iCoke, yi-Eno neGrand-Pa ukuze angakhulelwa.

Utshele ILANGA ukuthi umfundisi uthe yena akayisebenzisi ikhondomu ngoba iyamlimaza futhi ithuluzi lakhe livele liwe, ngisho umama mfundisi uyakwazi lokho.

“Ngivele ngaxakeka nje ukuthi kungani umfundisi enginika ulwazi olungaka ngingaludingi. Ngimtshele ukuthi ngiphethwe yisilungulela wathi kukhona azonginika khona okuzo- ngisiza. Ubuye nempuphu emhlophe enginqabile ukuyiphuza ngoba ngingayiqondi, wathi mangiyiphuze. Ngiqale nganqaba, wangincenga ethi izongisiza.

“Uyifake emanzini ngayiphuza ngazizwa ngigula ngaleso sikhathi. Ngicele ukuya endlini encane ngoba ngizwa nginesiyezi,” kusho yena.

Uthi kuthe esesendlini encane, wafika umfundisi embuza ukuthi kwenzekani. Umtshelile ukuthi kwenzekani, wamtshela ukuthi makahlale phansi kancane aphumule.

“Kangazi ukuthi emuva kwalokho kwenzekeni, ngiphaphame entathakusa eselele eduze kwami

Tebheke phezulu, engagqokile. Ngithe ngiyasukuma ngiyahamba, ngezwa izihlungu. Ngimvusile ngambuza ukuthi ungenzeni njengoba ngigcwele isidoda negazi ngaphambili, wathi mangikhululeke ngoba siyathandana mina naye. Uthe akangenzanga lutho ungifake umunwe kuphela,” kusho lona wesifazane.

Uthi ukhihle isililo umfundisi wathi angazihluphi ngokutshela abamaphephandaba noma abantu ngokwenzeke phakathi kwabo ngoba akesabi muntu.

“Uthe kufanele ngabe ngiyajabula njengoba elale nami ngoba yena unogcobo futhi nami senginalo, okuzokwenza abantu bangithande,” kulanda yena.

Uthi ngesikhathi umfundisi esemgodukisa udlule egalaji wamthengela i-Eno, yiCoke neGrand-Pa wathi makakuphuze. Umthengele ne-airtime ka-R5, kwazise lona wesifazane ubefuna ukufonela udadewabo ukuba amvulele njengoba bekusalelwe kubo.

Uthi kudlule izinyanga ezimbalwa wathola ukuthi ukhulelwe, wathi uma etshela umfundisi wathi makafune omunye wesilisa angalala naye ukuze athi ingane ngeyakhe.

“Ngenqabile, wangitshela ukuthi akafune ngane yena mangibone ukuthi ngenzenjani. Wenqabile ukunginika imali yokukhipha isisu wathi lokho kuzomenzela icala kuMdali. Ngize ngasikhipha senginezinyanga eziyisi-7. Kuze kube yimanje ngisayiphupha leyo ngane ngendlela engihlukumezeke ngayo.

“Indaba yakhe kangikwazi nokuyixoxa ngoba ekhaya bayamthanda futhi bayamazisa njengomfundisi wethu,” kusho lona wesifazane.

Omunye oneminyaka engama-22 uthi ucelelwe wumndeni wakhe ukuyohlala emzini kamfundisi ngonyaka wezi-2014 ngoba kubo kukude nesikole.

“Ngihlale khona ngifana nengane yakhona, bengisonta ebandleni lakhe. Ubethi uma eshumayela athi ubona ijuba elihlala phezu kwami, kuthi uma sekuphume inkonzo angitshele ukuthi uboniswe ukuthi kumele ashade nami.

“Ngoba umkakhe uyafundisa, ubebuye aye eThekwini eyobhala. Bengiba nenkinga enkulu ngoba umfundisi ubefuna ukulala nami uma umkakhe engekho. Ngibikile kothishela ababili abebengifundisa, ngabika kumphrofethi esontweni bonke bathi bazokhuluma naye kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

“Ngibonile ukuthi kabangikholwa, baze batshela umkamfundisi ukuthi ngitheni ngomyeni wakhe. Bangixoshile emzini wabo ngahamba ngayohlala emqashweni,” kusho lona wesifazane.

Uthi umfundisi umyele khona emqashweni wayomdlwengula ephindelela.

“Ubengitshela ukuthi akayisebenzisi ikhondomu, kuthi njalo uma kade elele nami angiphuzise amaphilisi engingawazi. Nguye umfundisi othathe ubuntombi bami, ngesabile nokuya emaphoyiseni ngoba ubengitshela ukuthi akukho muntu ongamthinta yena,” kusho yena.

Uthe isifiso sakhe esikhulu wukuba umfundisi aboshwe abhadle ejele. Abanye abebekhulume naleli phephandaba ngoLwesine, bese beshayela intatheli ucingo becela ukuthi bangabe besafakwa kulolu daba ngoba besaba ukwenzakaliswa.

Omunye wabo ngowesifazane othi unengane nomfundisi, obekhala ngokuthi akayondli. Uthe ngeke esakwazi ukuqhubeka nokukhuluma ngoba useyesatshiswa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe laba besifazane basengakwazi ukuvulela le nceku amacala okudlwengula noma ngabe kwenzeke nini lokhu.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ubengitshela ukuthi akayisebenzisi ikhondomu, kuthi njalo uma kade elele nami angiphuzise amaphilisi engingawazi. Nguye umfundisi othathe ubuntombi bami.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.