Idili lemicimbi yowokholo eThekwini

Ilanga - - Izindaba - LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

BABUSISWE ngedili lemicimbi yowokholo abathandi balolu hlobo lomculo eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku.

Bekungukhethukhethi njengoba bekunomjikelezo weCity To City Motivation Tour ohlelwa umsakazi woKhozi FM uSipho “Sgqemeza” Mbatha obuseCentrum Park eWorkshop nowokwethulwa kwealbhamu yeqembu Abathandwa elingaphansi kwenkampani iNcwane Commucations obuseDurban Christian Centre.

Abathandi balolu hlobo lomculo bebephume ngobuningi kuyona yomibili le micimbi njengoba bekuboshelwe abaculi abanohlonze nabefundisi kwazise ithathe ubusuku bonke.

KoweCity To City obekungokokuqala ubanjelwa eThekwini bekuboshelwe abaculi okubalwa kubo uMelusi Mbokazi, Dumi Mkokstad, Betusile, Thinah Zungu, Thobekile Mkhwanazi, Thulani Ga Ndlela, Nathi noNkanyiso, Ithimba le-Afrika nabanye abaningi.

Ngaphandle kwabaculi lo mcimbi bekunosomahlaya uSimphiwe Shembe noMondli Mzizi nabasaka- zi boKhozi FM okubalwa uMroza Buthelezi, Sbu Buthelezi, Ayanda Msweli, Dudu Khoza no-Irvin Sihlophe.

Lo mcimbi obekuphume nesidolo bekukhona nabefundisi uMfu Sthembiso Zondo, Thomas Radebe noNzonzo Ntombela obengomunye wabaphathi bohlelo.

UMelusi Mbokazi ukhumbule uSfiso Ncwane ongasekho emhlabeni ngokuqhulula ezinye zezingoma aduma ngazo.

Khonamanjalo naseDCC kowokwethulwa kwe-albhamu yeBathandwa eDCC nakhona abantu bebephume ngobuningi njengoba bekuboshelwe abaculi okubalwa kubo uSipho Makhabane, Dumi Mkokstad, Ayanda Ntanzi, Sipho Ngwenya, Babo Ngcobo, Kholeka, Fikile Mlomo, Deborah Fraser, Shongwe and Khuphuka nabanye abaningi.

Kulo mcimbi uhlelo beluphethwe uMfu Sakhile Langa, Mthunzi Xulu nabanye kanti uMfu Sthembiso Zondo ukhuthaze abantu.

Yomibili le mcimbi abantu bahlale kwaze kwasa bezibusisa ngedili lamanoni abeqhululwa yizintandokazi zabaculi babo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.