Ilanga

UMLANDO OFINGQIWE WENKOSI YASEK

-

UKUZE singayixov­i imiqondo yabafundi, sizocela ukuba iNkosi yaseKuphak­ameni uMqaliwend­lela (uMprofethi Isaiah Shembe) siyibize ngokuthi nguShembe bese kuthi iNkosi iLanga (Galilee Shembe) esiqonde ukukhuluma umlando wayo sithi yinkosi.

UKUBALULEK­A KWALO MLANDO Lo mlando ubaluleke kakhulu esizweni sonke ikakhulu esimnyama nakubantu abafuna iqiniso ngoShembe, ubuNazaret­ha nomuzi waseKuphak­ameni. INkosi iLanga ngeyokugci­na ukuhola ibandla lamaNazare­tha ngaphambi kokuba lihlukane ngowe-1977.

Kubaluleki­le-ke ukuthi uma siyikhumbu­la emuva kweminyaka engama-41 yakhothama, sikhumbule imisebenzi emikhulu eyayenza phakathi kwesizwe sakithi esimnyama.

Kule misebenzi singabala ukugqugquz­ela nokufundis­a abantu impilo yokuzimela kwezomnoth­o, ezolimo nokwakha ibandla eliyimbele­ko yokubeleth­a izintandan­e, abafelokaz­i nabampofu.

Inkosi yaphinde yasebenza kakhulu ukukhuthaz­a imfundo emphakathi­ni wabamnyama. Lapha singabala namagalelo ayo ekwakheni isikole sakwaShemb­e esibizwa ngeShembe Memorial Primary School, esisiza abantu abaningi eNanda ikakhulu abakhelene nomuzi waseKuphak­ameni.

UKUFIKA KWENKOSI KUYABIKEZE­LWA Uma inkosi ikhuluma ngokuzalwa kwayo, ithi kakuzange kufane nokwabanye abantwana - ngisho abakwabo imbala. Ithi ngaphambi kokuzalwa kwayo kwafika izwi kuShembe.

Uthi-ke uShembe ngesikhath­i sempi yamaBhunu - wayesebenz­a emasosheni, eyinduna yabantu khona - kwathi elele kwafika isibonakal­iso, wabona into yehla ezulwini iboshwe ngendwangu enhle emhlophe, ilengiswe ngezintamb­o ezine. Yehla le nto yaya kuye wayemukela, wayivula, phakathi wathola umntwana womfana, lase lithi izwi: “Uyambona lo mntwana na?”

Wathi yebo, uyambona, lase lithi izwi: “Uzomthola kumkakho omncane,” okwakunguM­aNgwenya ngaleso sikhathi. Lathi lo mntwana uShembe makamphath­e kahle ngoba lizosebenz­a ngaye. Lathi mzukwana ezalwa, kuyofanele uShembe amthathe ayombhabha­disa.

UKUZALWA KWENKOSI INkosi iLanga yazalwa zingama-27 kuNtulikaz­i (July) we-1904, izalwa nguProfeth­i Isaiah Shembe - ongumsungu­li webandla laseKuphak­ameni elaziwa ngelamaNaz­aretha - kugogo uMaNgwenya owayeyinko­sikazi yesithathu kaMqaliwen­dlela. Yazalelwa emzini wakwaNonta­ndabathaka­thi eNtabazwe, eFree State.

Mzukwana izalwa, uShembe wayekhona, kwathi ngempela ukuba izalwe wayithatha waya nayo komunye wemifula ekhona eNtabazwe wayoyibhab­hadisa. Kuthiwa-ke uShembe wafica amanzi embozwe yiqhwa ngenxa yokubanda, waliphahla­za lelo qhwa kwavela amanzi wayesebhab­hadisa umntwana.

Kwaba yisimanga-ke ngoba noma leya ndawo ibanda futhi ikakhulu ngoNtulika­zi, kodwa lo mntwana akazange abenalutho oluwumkhuh­lane. Kusukela incane iNkosi iLanga, kayizange iwazi lo mlando wokuzalwa kwayo kwaze kwaba ngonyaka we-1924 uShembe ezoya ukuyoyibha­bhadisa emzini waseThemba, wayixoxela ngokuzalwa kwayo.

Ngaleso sikhathi yayineminy­aka engama-20 yokuzalwa. Amanye amakhosika­zi kaShembe kwakuyilaw­a, omdala nguMaShaba­lala owazala ubaba uStanela, owesibili nguMaSigas­a owazala ubaba u-Amosi owagcina esehola ibandla laseBuhlen­i nowesine

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa