IQALA PHANSI INKOHLAKALO KWABE-SAFA

Ilanga - - Ezemidlalo - PHILANI NCALANE

BAZOBIZELWA emhlanganweni oyisipesheli onondweba abaphatha imidlalo yesigaba seSouth African Football Association (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League njengoba kukhona abasolwa ngenkohlakalo yokuphekwa kwemidlalo.

Lokhu kungesinye sezinqumo ezithathwe emhlanganweni wekomidi lonompempe nelemiqhudelwano obungoMgqibelo eMgungundlovu.

ILANGA lithole ukuthi kunophenyo oluqhutshwa yiSafa esifundazweni ngenkohlakalo yokuphekwa kwemidlalo.

Kuthiwa kunabantu abathile abasebenza njengama-agent onondweba ( ILANGA linawo amagama abo) abanxenxa izikhulu zamakilabhu ukugwaza ukuze kuphekwe imiphumela.

UKwenzakwakhe Ngwenya ongusihlalo wekomidi lemiqhudelwano yeSafa esifundazweni, uthi ukwanda kwezikhalo ezifakwa ngamakilabhu yikhona okubenze basukumela phezulu.

“Le nto yenkohlakalo iyinkinga ngoba yenza ukuthi isifundazwe simelwe yikilabhu engakufanele emidlalweni yokuhlungela ukunyukela kwiNational First Division (NFD).

Kula masizini amabili edlule sikwazile ukunyusela amakilabhu kwiNFD ngoba besibambisene sonke silwa nenkohlakalo.

“Amakilabhu kumele aphumele obala asitshele ukuthi yibaphi laba bantu abasebenzela onompempe babafune imali ukuze baxove imiphumela yemidlalo.

"Sikwazile ukubhekana nesihlava sokuthi onondweba bashayele izikhulu izingcingo bazinxenxe ukuba zikhokhe.

“Manje sekuqhanyukwe neqhinga elisha lokuthi kube khona ongqondongqondo abasebenzela onondweba,” kusho uNgwenya.

UNgwenya uzohola iBasetsane okuyiqembu labesifazane abaneminyaka engaphansi kwengama-20 ubudala emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezowugijima neBurundi ngoMgqibelo ekuhambeni.

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba izokuba ngoNcwaba (August) eFrance ngonyaka ozayo.

Emhlanganweni wangoMgqibelo kuphinde kwathathwa isinqumo sokuthi imidlalo yeNedbank Cup yamakilabhu azomela izifunda ngaphansi kweSAB League idlalwe mhla zili-18 kuLwezi (November) eMgungundlovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.