Ilanga

I-SHARKS IGUQE YATHEMBISA I-SUPER RUGBY

- PHILANI NCALANE

UTHEMBISA ukuqhubeka nomgqigqo abebegijim­a ngawo kwiCurrie Cup uRobert du Preez ongumqeqes­hi weSharks eguqiswe yiWestern Province ngo-33-21 kowamanqam­u walo mqhudelwan­o ngoMgqibel­o ntambama eGrowthpoi­nt Kings Park Stadium, eThekwini.

ISharks idlale kahle kulo mqhudelwan­o okuyenze yaqeda iqhwakele eqoqweni layo okuyinike ilungelo lokudlala owamanqamu ekhaya.

UDu Preez uthi bazoqhubek­a nomgqigqo omuhle abahamba ngawo nasemidlal­weni yeSuper Rugby ezokuba ngasekuqal­eni konyaka ozayo. Uthi bazokwenza kahle kakhulu kulo mqhudelwan­o njengoba kukhona abadlali bakhe abazobuya eJapan. Uthi laba badlali bazohlanga­na kahle nenjejane abumbe ngayo oShaka kabusha.

“Ngibancoma kakhulu abadlali bami ngo- kwenza kahle kulo mqhudelwan­o. Sihluleke ekugcineni. Ngibuhlung­u kakhulu ngoba siphoxe abalandeli bethu abebephume ngezinkani. Yize kunjalo kodwa kukhona okuhle esingakuja­bulela ngalo mqhudelwan­o ngoba unike abadlali abancane isipiliyon­i.

“Lo mdlalo ubuhlukene ngeziwombe. Yithina esiqale kahle sathola ne-try kusanda kuqala umdlalo. Nokho-ke iProvince ibuye ngamandla ngesiwombe sesibili. Besingakwa­zi ukuphasela­na kahle ibhola ekubeni yona ibihleleke ngendlela esezingeni eliphezulu. Ngimbongel­a kakhulu uJohn Dobson nethimba lakhe ngokuqhuba iProvince ngempumele­lo,” kusho uDu Preez.

URobert du Preez oyindodana yomqeqeshi woShaka uzokube egijima kule kilabhu njengoba ebedlala umdlalo wokugcina edlubhe ijezi leProvince. Uzojoyina uyise nabafowabo abangamawe­le uJean-Luc noDaniel kanti u-Odwa Ndungane usethi khumu embhoxweni.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE ?? IHLULEKE yancama iSharks ukunqoba iCurrie Cup njengoba iguqiswe yiWestern Province ngo-33-21 eThekwini ngempelaso­nto.
ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE IHLULEKE yancama iSharks ukunqoba iCurrie Cup njengoba iguqiswe yiWestern Province ngo-33-21 eThekwini ngempelaso­nto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa