Ilanga

Ubambelela ngezidindi umqeqeshi weSundowns

Uphoxe uLebese emfaka wabuye wamkhipha

- NHLANHLA HUDLA

KUBUKEKA eseqala ukudideka uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns eguqiswe yiChippa United ngo-1-0 wegoli likaSamuel Julies elingene ngomzuzu wama-63 kwiLast 16 yeTelkom Knockout izolo ngeSonto ntambama eBuffalo City Stadium, e-Eastern Cape.

UMosimane ushaqise abaningi kulo mdlalo efaka uGeorge Lebese endaweni kaThokozan­i Sekotlong olimale ngomzuzu wama-22 wabuye wamkhipha ngowama-74 wafaka uLeonardo Castro endaweni yakhe.

UMosimane uzivikele ngokuthi ukhulumile noLebese ngemuva komdlalo emazisa ukuthi ubedinga umdlali ozokwenza umehluko phambili njengoba ebebukeka eyikhongco elibuthaka.

Uthi ebholeni kuyenzeka uhlangabez­ane nezikhathi ezinzima okuyinto ebhekene neSundowns njengamanj­e.

Nokho uthi bazozama uku- bhukula ukushintsh­a izinto. Uthi usehlale isikhathi eside kwiSundown­s okwenza angabi nalo ixhala lokufuna izinguquko ethimbeni labadlali.

UTeboho “Tebza” Moloi ongumlolon­gi weChippa ubonge abadlali bakhe ngokwenza ngokwemiya­lelo yakhe enkundleni.

Ubonge nokwesekwa akuthola kuSiviwe “Chippa” Mpengesi ongumnikaz­i.

Uthi okumjabuli­sa kakhulu wukuthi abadlali abathathe isikhala sikaMark Mayambela nesikaSand­ile Zuke abalimele, balibambe ngazo zombili ithuba.

Uthi lokhu kuyinkomba yokuthi akekho umdlali onendawo yakhe kule kilabhu.

Isiyonke imiphumela yeLast 16 yeTelkom Knockout imi kanjena:- Chippa 1, Sundowns 0; Baroka FC 1, Cape Town City 0; Chiefs 3, AmaZulu FC 0; Wits 4, Free State Stars 2; Celtic 2 (5), SuperSport 2 (4); Arrows 0, Pirates 1; Polokwane 0 (4), Ajax 0 (3); Maritzburg 1 (0), Platinum 0 (3).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa