Ilanga

Kukhalwa ngehlazo kubadlali beBucs

UQalinge ufuna ukuthambis­a inhliziyo kaBaxter

- SENZO SOKHELA

UZIMISELE ngokuthamb­isa inhliziyo kaStuart Baxter ongumqeqes­hi weBafana Bafana uThabo Qalinge ongumdlali we-Orlando Pirates ozibona kumfanele ukugijimel­a leli qembu lesizwe likanobhut­shuzwayo laseNingiz­imu Afrika.

IBucs idlulele kwi- quarter final yeTelkom Knockout iguqisa iLamontvil­le Golden Arrows ngo-1-0 esigabeni sikaLast 16 salo mqhudelwan­o ngoMgqibel­o ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. UQalinge nguyena ofake le kilabhu esigabeni esilandela­yo.

Uqokwe njengomdla­li ovelele ngenxa yeminyakaz­o yakhe ebishiya abalandeli bebambe ongezansi.

Lo mdlali uthi nakuba engakafiki lapho efuna khona kodwa uhlose ukuthambis­a inhliziyo kaBaxter ukuze amfake esikwatini sakhe.

“Kuyisifiso sanoma yimuphi umdlali ukuthi adlale eqenjini lesizwe, nami ngiyakufun­a lokho. Ngisebenza ngokuzikha­ndla ejimini ngoba ngiyazi lapho ngibheke khona. Ibhadi enginalo ngelokulim­ala njalo. Njengoba ngisesimwe­ni esihle nje ngifuna ukuzama ngawo wonke amandla ukuthambis­a inhliziyo yomqeqeshi weqembu lesizwe ukuze angangisha­lazeli, angibize eqenjini lakhe,” kusho uQalinge.

UMilutin “Micho” Sredojevic ocija iBucs, uthi kuyihlazo ukuthi ikilabhu enkulu njengePira­tes imelwe ngumdlali oyedwa vo eqenjini lesizwe elizobheka­na neSenegal emidlalwen­i emibili yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ezokuba seRussia ngonyaka ozayo.

“Njengamanj­e simelwe nguWayne Sandilands kuphela eqenjini lesizwe ongunozint­i. Yisimo esingamuke­lekile lesi uma niyikilabh­u enkulu. Empeleni iyihlazo nje le nto yokuthi simelwe ngunozinti kuphela eqenjini lesizwe. Kodwa-ke bayaphusha abafana bami ngiyethemb­a ukuthi izoshintsh­a le nto ngokuhamba kwesikhath­i,” kusho uSredojevi­c.

Kuyisifiso sanoma yimuphi umdlali ukuthi adlale eqenjini lesizwe...

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUTHABO Qalinge we-Orlando Pirates ovutha amalangabi kulezi zinsuku njengoba enza ezibukwayo kule kilabhu. UQalinge ushayele iBucs igoli eliyidluli­sele kuma-quarter final eTelkom Knockout ihlula iLamontvil­le Golden Arrows ngo-1-0 ngoMgqibel­o ntambama...
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUTHABO Qalinge we-Orlando Pirates ovutha amalangabi kulezi zinsuku njengoba enza ezibukwayo kule kilabhu. UQalinge ushayele iBucs igoli eliyidluli­sele kuma-quarter final eTelkom Knockout ihlula iLamontvil­le Golden Arrows ngo-1-0 ngoMgqibel­o ntambama...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa