Ilanga

Ngiyadumal­a ngeyeTheku neChiefs

-

NGIZOTHAND­A ukuvula le ngosi ngenkulu indumalo engikuthol­a kunzima ukuyidluli­sa emoyeni wami. Umkhandlu weTheku uncamele ukukhipha imali eshisiwe ukhokhela iKaizer Chiefs ukuba izodlala nathi umdlalo weLast 16 ye-Telkom Knockout ngoMgqibel­o ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kangibhali lokhu ngenxa yokuthi sihlulwe ngo-3-0 kulo mdlalo.

Ngiyazibuz­a namanje ukuthi ingabe kuthini ezikhulwin­i zomkhandlu weTheku njengoba zilale embhedeni owodwa neChiefs kuzocindez­elwa uSuthu kwazise kakusekho kilabhu yaseThekwi­ni kulo mqhudelwan­o.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi kule mali egixabezwa iChiefs ukuletha imidlalo yayo yasekhaya eThekwini kukhona ingxenye enkulu ekhokhwa wuSuthu eMabhida.

Kule nkundla siqashe amahhovisi, iPeople’s Park esiziqeqes­ha kuyona neHigh Performanc­e Centre. Kubuhlungu nxa imali ekhokhwa yithina isisetshen­ziselwa ukondla ikilabhu yangaphand­le kwaKwaZulu-Natal futhi esincintis­ana nayo kwiPremier Soccer League (PSL).

Izikhulu zomkhandlu weTheku kubukeka zingaboni ukuthi iChiefs ithengisa imidlalo yayo kulabo abafuna ukuyinika imali eningi kunabanye. Iqale yayisa imidlalo ePolokwane, eLimpopo, yasuka khona yaya eCape Town, eWestern Cape, njengoba manje isilapha eThekwini.

Uma kukhona umasipala ongayithem­bisa imali engcono kuneyeThek­u, iMabhida Stadium izophinde imile utshani bese kukhunjulw­a amakilabhu asekhaya.

Abanikazi bamaZulu FC bancamele ukukhipha imali enkulu bethenga ilungelo lokudlala kwiAbsa Premiershi­p.

Phakathi kwesinye sezizathu zokuthenga leli lungelo wukuthi iTheku liqhubeke nokuba namakilabh­u adlala kwi-Absa Premiershi­p okuhambisa­na nezinto eziningi ezinhle. Kubi-ke nxa osomabhizi­nisi abazimele bekwazi ukucabanga bathenge ikilabhu (ukuze kusizakale isifundazw­e) bese uhulumeni (wakuleso sifundazwe) uncamela ukuthuthuk­isa amakilabhu angaphandl­e kunawasekh­aya.

Nokho-ke ngiyaqonda ukuthi nathi kumele senze kahle kakhulu enkundleni sinqobe nezinkomis­hi ukuze imidlalo yethu izohanjelw­a yizindimba­ne zabantu. Mhlawumbe lokhu kuyokwenza ukuthi uhulumeni wethu ungalandi amakilabhu aseGauteng ukuba azosicinde­zela.

Okubi wukuthi iSharks ikhokha imali engatheni eGrowthpoi­nt Kings Park kunekhokhw­a yithina eMabhida. Kangikhumb­uli kodwa abanikazi beKings Park belanda iBlue Bulls ukuzocinde­zela oShaka. Lokhu ngeke bakwenze abelungu, okwenza ngikholwe wuku- thi kwenziwa kithina ngenxa yebala.

Nginxusa abalandeli bethu ukuba bakhohlwe yingcindez­elo esiyithole kuhulumeni wethu kwiTelkom bahlangany­ele nathi siyozesula izinyembez­i ngokumboza iBaroka FC esiqhathwe nayo kowePremie­rship ngoLwesith­athu kusihlwa eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Ngiyakuqon­da ukukhathaz­eka kwabalande­li bethu ngokugqoza kwezimpahl­a zekilabhu. Sengithath­e isinqumo sokuthi mhla ziyisi-7 enyangeni ezayo ngibhekise amabombo eSpain ngiyohlang­ana ngqo nezikhulu zakwaJoma ezisixhase ngezimpahl­a zokugqoka. Ngizokugci­zelela nokuthi sifuna ukuvula isitolo esikhethek­ile sezimpahla zekilabhu.

Ngithanda ukugcizele­la kubalandel­i bethu ukuthi sizosiqini­sa isikwati sethu ngokuvulwa kwewindi lokuthengw­a kwabadlali ngoba kuyacaca ukuthi kunezindaw­o okumele ziqiniswe. Imakethe siyibheke ngabomvu. Sengipheth­a, ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini ka-Ian McLeod obengunond­weba wezinga eliphezulu kuleli osanda kudlula emhlabeni. Sikujabule­le ukuthi uyeke ukudlalisa waba yifourth official. Uyenze ngobuqotho nangokweth­embeka le misebenzi. Kuningi ebesisakub­heke kuyena njengomunt­u obesevuthi­we ekuphathwe­ni kwemidlalo.

Kangikhumb­uli abeKings Park belanda iBulls ukuzocinde­zela iSharks...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa