UMQEQESHI WE-PIRATES UNOVALO LWE-DOWNS

Ilanga - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

INGEBHE kumqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic ngaphambi komdlalo omkhulu wale kilabhu.

IBucs izobhekana neMamelodi Sundowns kowe-Absa Premiership ngoLwesithathu ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto. IBucs iya kulo mdlalo nje, ijabulise abalandeli bayo iguqisa iLamontville Golden Arrows ngo-1-0 kwiLast 16 yeTelkom Knockout ngoMgqibelo ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Igoli okunqobe ngalo iBucs libekwe enethini nguThabo Qalinge odlala esiswini kule kilabhu.

USredojevic uthi unovalo ngalo mdlalo weDowns kwazise ezakhe zizokuya kuwona kusanesifo esingavumi ukwelapheka.

“Uma ubheka umdlalo we-Arrows bekufanele siqede ngawo ngesiwombe sokuqala kodwa sayeka inqwaba yamathuba.

"Yisifo sethu nje esibhekene naso ngale sizini, uma sike sashaya igoli elilodwa kalibe lisavuma ukungena elesibili. Siyahluleka wukuqeda ngomdlalo usephansi zize zibuye izimbangi zisicindezele.

“I-Arrows icishe yasijuqa ngesiwombe sesibili isingenela kodwa ye- hluleka. Uma sizokwenza kanjena nakwiSundowns sizokuba sengozini. Phela yona inabadlali abanesipiliyoni. Ngiyacela kubalandeli bethu ukuba baphume ngobuningi babo ukuzoseseka kulo mdlalo. Sibadinga ngendlela eyisimanga.

"Uma udlala nekilabhu enkulu njengeSundowns udinga lonke usizo olukhona yingakho nami ngicela abalandeli bethu ukuba beze ukuzoseseka,” kusho uSredojevic.

NoClinton Larsen ocija i-Arrows, uthi bebengawunqoba lo mdlalo.

“Ngesiwombe sokuqala iPirates ibiwuthwele umdlalo, ibizicanasela esiswini.

"Ngesesibili sibe ngcono yize besisenawo amaphutha. Amathuba esiwathole ngesiwombe sesibili abenele ukuthi sinqobe umdlalo kodwa sahluleka wukuwasebenzisa. Ibhola linjalo-ke uma ungawasebenzisi amathuba owatholayo uyaguqa,” kusho uLarsen.

I-Arrows izodudulana neSuperSport United kowe-Absa Premiership kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 eMbombela Stadium, eMpumalanga.

ULarsen uthe: “Ngihlalele ethembeni lokuthi sibafice besaseholidini njengoba besanda kunqoba isicoco seMTN8. Nginovalo nje ngoba lo mdlalo useduze sizokube singakasitholi isikhathi esanele sokuphumuza amamasela. Kodwa-ke sizokulwa, sizozama ukubuya namaphuzu aphelele.”

Imidlalo ye-Absa Premiership isiyonke phakathi neviki:KUSASA NGOLWESIBILI EPeter Mokaba: Polokwane City vs Kaizer Chiefs 19h30.

EMbombela: SuperSport United vs Golden Arrows 19h30.

EDr Molemela: Bloemfontein Celtic vs Maritzburg United 19h30. NGOLWESITHATHU E-Athlone: Cape Town City FC vs Free State Stars 19h30.

ERoyal Bafokeng: Platinum Stars vs Ajax Cape Town 19h30.

EKing Zwelithini: AmaZulu FC vs Baroka FC 19h30.

E-Orlando: Orlando Pirates vs Mamelodi Sundowns 19h30.

EBidvest: Bidvest Wits vs Chippa United 19h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.