UGonya uzovaleliswa ngedili ezimpini zaseKZN

Ilanga - - Ezemidlalo - PHILANI NCALANE

UZOZITIKA ngezimpi ezizodonsa izinsuku ezimbili umphakathi waKwaZulu-Natal ezizoqala ngoMgqibelo zisongwe ngeSonto e-Olive Convention Centre, eNorth Beach, eThekwini.

Lapha kuzokulwa amabhokisa esigaba sama-amesha nalwa kwesikhokhelayo. Kuzoqala izimpi zama-amesha ngoMgqibelo ngo-9 ekuseni zisongwe ngo-17h00. Ngemuva kwazo kuzokuba nomcimbi okuzonandisa kuwona abaculi abehlukene kubalwa noKhuzani “Indlamlenze” Mpungose ongaconsi kubalandeli bakamasikandi.

Ngo-18h00 kuzoqala isibhakela esikhokhelayo sisongwe ngo-21h00. Ngakusasa ngeSonto ama-amesha azongena eringini ngo-9 kuya ku12h00 emini bese kuthi abesigaba esikhokhelayo baqale ngo-13h00 baqede ngo-17h00.

Ngemuva kwalezi zimpi kuzokuba nomcimbi wokuvalelisa uSiboniso “Tiger” Gonya ophonsele inselelo uZolani “Last Born” Tete oyingqwele yebhande leWorld Boxing Organisation (WBO) Bantamweight.

Le mpi izokuba ngoMgqibelo mhla zili-18 kuLwezi (November) eBelfast, eNothern Ireland, e-United Kingdom.

Lezi zimpi zangempelasonto ezayo zihlelwa wumNyango WezeMidlalo esifundazweni oholwa nguBongi Sithole-Moloi onguNgqongqoshe, kodwa zididiyelwa ngophromotha abehlukene baKwaZulu-Natal okubalwa kubona uZandile Malinga weStarline Promotions, uThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Promotions, uScelo Mzobe weDlangamandla Promotions, uNomvelo Magcaba osenguphromotha noMondli Mbonambi we-3 Second Promotions esungulwe nguThulani “3 Second” Nkwanyana obeyibhokisa osephenduke inyanga edumile esifundazweni. Ezesigaba sama-amesha zididiyelwa ngabeKwaZulu-Natal Open Style Boxing Federation.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.