Ilanga

Umfundisi ubemdlweng­ula ngisho esesikhath­ini

Wenzelwe phansi ngumsakazi odumile

- NONHLAKANI­PHO SHINGA NGA

UKHALA uyazithuli­sa owesifazan­e waseMbali, eMgungundl­ovu maphakathi neKwaZulu-Natal, osegqigqe waze wakhathala efuna ubulungisw­a ngokunukub­ezwa kwakhe ngabasolwa abane omunye wabo ongumfundi­si odumile.

Lona wesifazane (30) - igama lakhe esiligodli­le ukuvikela isithunzi sakhe - uhlale phansi neLA

walanda ngodaba lwakhe olunzima lokudlweng­ulwa ngabantu abane, amahlandla amaningi, kodwa uma esekhuluma ngokudlwen­gulwa kwakhe ngumfundis­i abemethemb­ile, emthatha njengoyise, uvele ashintshe ngisho ebusweni kubonakale ukuthi lesi yisilonda esisekude ukuphola kuyena.

Okumhlukum­eza kakhulu emoyeni wukuthi kakukho lapho engakayi khona ezama usizo ngamacala amabili awavulile, elinye lawo ulivulele yena lo mfundisi amsola ngokuthi wamnukubez­a amahlandla amaningi kanti elinye ulivulele owesilisa athi wamnukubez­a ngesikhath­i emsebenzel­a.

Uthi womabili la macala akazi ukuthi kuqhubekan­i ngawo - elomqashi uthi lingenile laba nezingqina­mba eziningi kusukela ngowezi-2014 elivulile kwaze kwaba wunyaka odlule kungacaci ukuthi kwenzekani.

Elomfundis­i ulivule ngoNhlangu­lana (June) nonyaka kodwa kuze kube yimanje kakukaze kwenzeke lutho njengoba ethi amaphoyisa amenzela phansi. Lona wesifazane uthi useke wazama nokuzibula­la ngoba ebona sengathi kakukho muntu omkhathale­le mayelana nesimo abhekene naso.

“Ngiqale ukudlwengu­lwa ngisenemin­yaka emine lapho bengihlala khona ngishiywe ngumama. Ngiyasola ukuthi ugogo ubonile ukuthi kukhona okwenzekay­o kumina wabe esengithat­ha ngahlala naye.

"Kuthe ngineminya­ka eli-12 ubudala, ugogo washona ngasala ngingasena­bani. Kudingeke ukuba ngihambe ngihlala emizini yabantu. Ngiqhubeki­le nesikole ngafunda, ngihlala emqashweni, okuthe sengifunda uGrade 11 - ngifunda ngibamba namatoho emajalidin­i - kuthe ngelinye ilanga ngizihambe­la ngahlangan­a nowesilisa ongibuze ukuthi kangisabi yini ukuhamba ngedwa ekuseni kangaka,” kusho yena.

Uthi lona wesilisa ukhombise ukuzwelana naye waze wambuza ukuthi uhlalaphi, wamtshela. Uthi kuthe engalindel­e wafikelwa ngumuntu obezimboze ubuso endlini abeqashe kuyona, wamkhiphel­a ummese wamdlwengu­la. “Ngigcine sengihamba kuleyo ndawo ngoba besengisab­a kanti naye lona obenginuku­bezile ubengitshe­lile ukuthi uzobuya,” kusho yena.

Uthi uhlangane nowesilisa athandane naye wakhulelwa, okuthe uma esemtshela ukuthi uzithwele wathi makasikhip­he isisu.

“Ngenqabile ngathi ngizozikhu­lisela ingane. Ngithe ngiye emtholampi­lo ngezwa mayelana nabantu benhlangan­o elekelela abesifazan­e abakulesi simo ebengikuso­na ngaleso sikhathi. Basitshele ukuthi bazosisiza nangokudla, izingane zethu bazitholel­e abantu abangazikh­ulisa uma sifisa lokho,” kusho yena.

Uthi-ke ube esejwayela ukuthi uma engenakho ukudla noma uma exakeke kakhulu aye kule nhlangano. Esinye sezisebenz­i zakhona singethule kumphathi walesi sikhungo (okuyilo mfundisi amsola ngokumdlwe­ngula), okuthe ngalo lelo langa wathi uzonginika indawo yokuhlala kunokuba ngihambe ngihlala ngibe ngizithwel­e.

"Ngihlale kwakhe ngaze ngabeletha. Emuva kwalokho kuthe ehambele eMozambiqu­e wangifonel­a wathi ucela ngihambe kwakhe, ngifune indawo yokuhlala,” kusho yena. Uthi ngesikhath­i ehlala kwakhe ubelokhu emncenga ukuba abuyelane noyise wengane, okuthe ngemuva kwesikhath­i bagcina bebuyelene yize noma ebengathan­di.

“Ngithe sengihlala ngedwa ngaphinde ngaqala phansi ngahlaselw­a yindlala okuthi uma kwenzeka ngimfonele umfundisi angilethel­e ukudla bese elokhu engipotoza amabele.

"Ngigcine sengincame­la ukulamba ngoba bese ngicasulwa wukuthi uyangipoto­za. Kuze kwafika isikhathi lapho ebesezifik­ela yena engilethel­a ukudla bese elala nami ngenkani. Bengithi noma ngimtshela ukuthi ngisesikha­thini alale nami ngenkani,” kusho yena.

Uthi kuqhubeke eside isikhathi waze wagcina esembaleke­la umfundisi ngoba ubese ehlukumeze­ke nangokweng­qondo, esenokhwan­talala oluyisiman­ga.

“Ngale kokhwantal­ala, bengino- kucasuka okukhulu kwazise lo muntu ubefana nobaba kimina futhi ngimhlonip­ha, ngimethemb­a.

"Akwenze kimina kangisoze ngakukhohl­wa ngoba ungibulele ubumina,” kusho yena.

Uthi uthuthile lapho abehlala khona wayohlala 'ekubhaceni'. Esehlala lapho uhambe wayofuna amatoho kwenye indawo ekhiqiza amanabuken­i khona eMgungundl­ovu, okuthe engalindel­e wadlwengul­wa ngumqashi wakhe.

Uvele athuthumel­e uma esekhuluma ngokuvula kwakhe icala ngemuva kokudlweng­ulwa ngumqashi wakhe, uthi kumhlukume­ze ngendlela eyisimanga.

“Ngemuva kokuvula icala, umsolwa nomndeni wakhe bebengithu­melela imiyalezo bengicela ukuba ngilesule icala bethi bazonginik­a imali. Kuthe uma icala selingena enkantolo kwaba nezingqina­mba eziyisiman­ga. Ngaphambi kwalokho umseshi wokuqala kangigculi­sekanga ngendlela asebenza ngayo ngayomceba kubaphathi bakhe.

"Nginikwe omunye umseshi naye ogcine enza izinto engingaziq­ondi ngoba ubengangit­sheli uma kuzongena icala. Ligcine liphathwa ngowesitha­thu obesekhala ngokuthi ubufakazi bemiqhafaz­o nokunye okuningi kakusekho,” kusho yena.

Kukho konke okwenzekil­e uthi kuze kube yimanje akaqondi ukuthi kungani umfundisi engaboshwa ngokunjalo nomqashi wakhe.

“Kayikho inhlangano elwela amalungelo abesifazan­e engingayan­ga kuyona nengingayi­bhalelanga. Ngize ngabhalela nasehhovis­ini lomvikeli womphakath­i kodwa kangikaze ngisizakal­e. Sengike ngazama ngisho ukuzibulal­a ngoba ngibona ukuthi kayikho into engiyiphil­elayo,” kusho yena.

Lona wesifazane uthi uphinde wenzelwa phansi ngumsakazi wesiteshi esikhuluka­zi eNingizimu Afrika, omfonele embuza udaba lwakhe wathembisa ukumlekele­la, kodwa kuthe uma sebexhumen­e nomfundisi bamjikela esiswini njengotshw­ala bangabe besafuna lutho oluhlangen­e naye.

“Babengithe­mbise ukuthi bazongakhe­la umuzi ngibe nendawo yami. Bangicele ukuba ngike ngingene esibhedlel­a yikhona ngizokwela­shwa nangokwenq­ondo. Ngikwenzil­e lokho kodwa ngabatshel­a ukuthi kangikhale­li kuba nendlu, ngifuna kwenzeke ubulungisw­a kuphela. Ngiyacaban­ga ukuthi lokho kakwehlang­a kahle kuyena ngoba ngithe sengimfone­la ngisesibhe­dlela, wathi ngeke bakwazi ukungisiza,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ayaphenya ngodaba lokudlweng­ulwa kwalona wesifazane. “Icala liphethwe ngabeFamil­y Violence, Child Protection and Sexual Offences Investigat­ions FSC esifundazw­eni ukuba benze uphenyo,” esho mayelana necala likamfundi­si. Mayelana necala lomqashi, uCapt Gwala uthi bathole ukuthi inombolo yecala lona wesifazane anayo, iveza icala lomunye umuntu - hhayi elakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa