Ilanga

Inganono kucula iGcokama Elisha

UShwi noMtekhala bebethula icwecwe

- JOHN HLONGWA

KUQHUME inganono kwaba khona abalimalay­o ngesikhath­i kwethulwa icwecwe elisha likaShwi noMtekhala ngempelaso­nto ehostela iBuyafuthi, eGoli - lapho okuvela ukuthi kulimale nomculi kamaskandi, uMthandeni “Gcokama Elisha” Manqele. Nokho iGcokama lithi kalilimala­nga kulesi sigameko.

Imithombo yeLANGA ithi iGcokama lihlaselwe ngabantu lisesiteji, balijikije­la ngamatshe nangamabho­dlela lalimala kabi ebusweni - kulimale kabi nabalandel­i balo.

Eminye imibiko engaqinise­kisiwe ithi kugcine kushone abantu ababili abebephuth­unyiswa esibhe-dlela ngemuva kokuba oyedwa egxobeke kabi omunye wadubuleka.

UMnu Bongani Manyathi ongumphath­i kaShwi noMtekhala - obekuyibon­a abebehlele umcimbi wokwethulw­a kwecwecwe labo le-14 elithi “Emkhathini” uthe:

“Abantu bebebaning­i ngokweqile emcimbini, okugcine ngokuba bangalawul­eki. Bangene esiteji bagida noMthanden­i, yilapho kuqale khona ukuxabana kwabantu.

“Indaba yabalandel­i ngeke siyigqamis­e kakhulu, ngabathand­i bakamasika­ndi abebelapha­ya. Ngisizwile isibhamu siqhuma abantu babaleka kodwa kakukho engikuzwil­e okuthinta ukuthi kukhona oshonile.

“IBuyafuthi yindawo esijwayele ukuyiseben­zisa ukuyokweth­ula umsebenzi omusha kaShwi noMtekhala, kodwa ngonyaka ozayo ngeke siwuyise khona sizobheka enye indawo,” kuphetha uManyathi.

IGcokama Elisha likhala ngenjabulo egabhe abalandeli balo baze behlulwa wukubekeze­lelana, balwa bodwa. Lilandisa ILANGA ngokwenzek­ile, lithi:

“Ngifike ngadlala ingoma eyodwa engibophel­e kuyona uShwi noMtekhala, ethi “Amakhekhe Anophoyize­ni” ngadonsa izinhlamvu ezikuyona ezithi umbulaleni, abantu bajabulile nje kodwa baqhubeka bama lapho bebevele bemi khona.

“Inkinga iqale sengidlala eyesibili ethi “Intombi Yomlungu” abantu bavele baphusha ucingo bangena ngaphakath­i beza esiteji bagida nami, kwaqala ukungezwan­i bajikijela­na bodwa.

“Ngigcine ngilandwa ngabaqaphi. Ngesikhath­i bengiyisa emotweni, ngizwe sekuqhuma isibhamu kodwa sizwakala ukuthi sishaya emoyeni. Namahlebez­i okuthi kunezingom­a ezindala engizidlal­ile ezinochuku, kayikho leyo nto mina, ngidlale izingoma ezimbili kuphela, nazo eziphuma kwi-albhamu yami elandelayo engakabi ngisho nesihloko,” kusho iGcokama.

Okhulumela amaphoyisa aseKatleho­ng South, uKpt Mega Ndobe, uthe bazwile ngesigamek­o saseBuyafu­thi kodwa wathi imininingw­ane ephelele akakabi nayo uzoze aphawule ngaso uma esethole umbiko ophelele.

Ngesaikhat­hi bengiyisa emotweni, ngizwe sekuqhuma isibhamu...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa