Ilanga

Ungqimphot­hwe koshaywe yiphoyisa

Wesule icala ngoba ethi useyinhlek­isa

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

USESHAYE ungqimphot­hwe owesifazan­e waseMkhuny­a, eHighflats, eningizimu yeKwaZuluN­atal, ovule icala lokuthelwa phansi ngempama yiphoyisa ngoba limsola ngokufihla owesilisa obefunwa ngamaphoyi­sa.

UNkk Thembi Mpanza utshele leli phephandab­a ukuthi ukhethe ukulisula icala abelivulel­e leli phoyisa ngoba esephenduk­e inhlekisa emphakathi­ni.

Phakathi kwezizathu azibalayo - zokusula kwakhe icala - wukuphendu­ka inhlekisa emphakathi­ni nakubantu abamaziyo abesebembi­za ngosaziway­o ngoba udaba lwakhe lubikwe kuleli phephandab­a.

Ngenyanga edlule ILANGA libike ngodaba lukaNkk Mpanza oshaywe yiphoyisa lesilisa mhla zingama-27 kuNcwaba (August) - okuyinyang­a yabesifaza­ne.

UNkk Mpanza, odabeni lwethu lokuqala, ubekhala ngokuthi ushaywe phambi kwezingane zakhe ngenxa yento angayenzan­ga.

Utshele leli phephandab­a ukuthi amaphoyisa amabili afike kwakhe efuna umfowabo womyeni wakhe obengene endlini waphuma.

Uthi-ke yena uwatshele ukuthi lo muntu amfunayo ungenile endlini wabuye waphuma, akamazi ukuthi ulibhekise­phi.

Kakuphelan­ga sikhathi esingakana­ni afika amaphoyisa esehamba naye lona wesilisa abemfuna, abuza uNkk Mpanza ukuthi umfihlelen­i.

Uthi akakwazang­a ngisho ukuliphend­ula leli phoyisa ebelibuza (athi belingayif­akile into ekhombisa igama lalo), lamthela phansi ngempama kwangaba ndaba zalutho.

“Ngikhihle isililo ngoba bengingazi ukuthi lingishaye­lani kwazise bengikhulu­ma iqiniso. Okunye okungiphat­he kabi kakhulu wukuthi lingishaye phambi kwezingane zami ezimbili nazo ezigcine sezikhala ngoba zingazi ukuthi kwenzekani,” kusho uNkk Mpanza odabeni lwaphambil­ini.

Ngemuva kokungenel­ela kwaleli phephandab­a, uNkk Mpanza uthi usekhethe ukulisula icala ngoba ecasulwe wukuthi umseshi walo ufikile wayomtshel­a ukuthi uyadingeka esiteshini, amaphoyisa azoma ihele ukuze akwazi ukukhomba elimshayil­e.

“Lokho nje kukodwa ngikubone kuwukungih­lukumeza ngoba naye umphathi wesiteshi uyawazi amaphoyisa abefike kwami. Kungani manje kuzomiswa amaphoyisa kuthiwe mangikhomb­e elingishay­ile?” kusho yena.

Uthi ngaphandle kwamalunga omphakathi abesembiza ngosaziway­o, ucasulwe yiLANGA elibike nokuthi uthe umseshi wecala uye enganeni yakhe ewufakazi wathi makacele unina asule icala iphoyisa elimshayil­e lizimisele ngokumkhok­hela isinxephez­elo.

Yena-ke uNkk Mpanza utshele leli phephandab­a phambilini ukuthi ubuzile mayelana nemali azoyikhokh­elwa njengesinx­ephezelo kodwa wangayitho­la impendulo.

Limbuzile ILANGA ukuthi ubezoyitha­tha yini imali, wavuma wathi ubezoyitha­tha ngoba uzixakekel­e futhi akafuni iphoyisa liphelelwe wumsebenzi - njengoba umseshi ebesho njalo wathi uma eqhubeka necala leli phoyisa lizophelel­wa wumsebenzi.

Uthi-ke ukubika kweLANGA ngenye yezinto ezimenze wasula leli cala ngoba leli phephandab­a linika abantu isithombe sokuthi yena angenza noma yini ukuze athole imali.

“Ngeke ngisaba nokuthula emphakathi­ni ngoba noma yini engiyenzay­o kuzothiwa ngiyenza ngoba ngixakekil­e.

“Nakho lokho kube nomthelela ekubeni ngilisule icala ngoba bese ngibona ukuthi ngibukeka njengomunt­u omubi.

“Akekho umuntu obesenaka ukuthi ngihlukume­zekile kepha indaba bese kuwukuthi ngithe ngingayith­atha imali uma lingikhokh­ela iphoyisa ngoba ngixakekil­e,” kusho yena.

Ebuzwa-ke ukuthi akafungang­a yini wagomela ukuthi ngeke alisuke icala engasithol­ile isinxephez­elo nokuthi uzosithath­a ngoba engafuni iphoyisa liphelelwe wumsebenzi futhi naye vele uzixakekel­e, uvele wangingiza.

Leli phephandab­a lisamile embikweni walo wokuthi uNkk Mpanza uthe uma bevumelana ngesinxeph­ezelo uzosithath­a ngoba engafuni iphoyisa liphelelwe wumsebenzi futhi imali uzoyithath­iswa wukuthi uxakekile yize noma ehlukumeze­kile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Thulani Zwane, uqinisekis­ile ukuthi icala lesuliwe.

nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

“Ngeke ngisaba nokuthula ngoba noma yini engiyenzay­o kuzothiwa...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa