Ungqimphothwe koshaywe yiphoyisa
Wesule icala ngoba ethi useyinhlekisa
USESHAYE ungqimphothwe owesifazane waseMkhunya, eHighflats, eningizimu yeKwaZuluNatal, ovule icala lokuthelwa phansi ngempama yiphoyisa ngoba limsola ngokufihla owesilisa obefunwa ngamaphoyisa.
UNkk Thembi Mpanza utshele leli phephandaba ukuthi ukhethe ukulisula icala abelivulele leli phoyisa ngoba esephenduke inhlekisa emphakathini.
Phakathi kwezizathu azibalayo - zokusula kwakhe icala - wukuphenduka inhlekisa emphakathini nakubantu abamaziyo abesebembiza ngosaziwayo ngoba udaba lwakhe lubikwe kuleli phephandaba.
Ngenyanga edlule ILANGA libike ngodaba lukaNkk Mpanza oshaywe yiphoyisa lesilisa mhla zingama-27 kuNcwaba (August) - okuyinyanga yabesifazane.
UNkk Mpanza, odabeni lwethu lokuqala, ubekhala ngokuthi ushaywe phambi kwezingane zakhe ngenxa yento angayenzanga.
Utshele leli phephandaba ukuthi amaphoyisa amabili afike kwakhe efuna umfowabo womyeni wakhe obengene endlini waphuma.
Uthi-ke yena uwatshele ukuthi lo muntu amfunayo ungenile endlini wabuye waphuma, akamazi ukuthi ulibhekisephi.
Kakuphelanga sikhathi esingakanani afika amaphoyisa esehamba naye lona wesilisa abemfuna, abuza uNkk Mpanza ukuthi umfihleleni.
Uthi akakwazanga ngisho ukuliphendula leli phoyisa ebelibuza (athi belingayifakile into ekhombisa igama lalo), lamthela phansi ngempama kwangaba ndaba zalutho.
“Ngikhihle isililo ngoba bengingazi ukuthi lingishayelani kwazise bengikhuluma iqiniso. Okunye okungiphathe kabi kakhulu wukuthi lingishaye phambi kwezingane zami ezimbili nazo ezigcine sezikhala ngoba zingazi ukuthi kwenzekani,” kusho uNkk Mpanza odabeni lwaphambilini.
Ngemuva kokungenelela kwaleli phephandaba, uNkk Mpanza uthi usekhethe ukulisula icala ngoba ecasulwe wukuthi umseshi walo ufikile wayomtshela ukuthi uyadingeka esiteshini, amaphoyisa azoma ihele ukuze akwazi ukukhomba elimshayile.
“Lokho nje kukodwa ngikubone kuwukungihlukumeza ngoba naye umphathi wesiteshi uyawazi amaphoyisa abefike kwami. Kungani manje kuzomiswa amaphoyisa kuthiwe mangikhombe elingishayile?” kusho yena.
Uthi ngaphandle kwamalunga omphakathi abesembiza ngosaziwayo, ucasulwe yiLANGA elibike nokuthi uthe umseshi wecala uye enganeni yakhe ewufakazi wathi makacele unina asule icala iphoyisa elimshayile lizimisele ngokumkhokhela isinxephezelo.
Yena-ke uNkk Mpanza utshele leli phephandaba phambilini ukuthi ubuzile mayelana nemali azoyikhokhelwa njengesinxephezelo kodwa wangayithola impendulo.
Limbuzile ILANGA ukuthi ubezoyithatha yini imali, wavuma wathi ubezoyithatha ngoba uzixakekele futhi akafuni iphoyisa liphelelwe wumsebenzi - njengoba umseshi ebesho njalo wathi uma eqhubeka necala leli phoyisa lizophelelwa wumsebenzi.
Uthi-ke ukubika kweLANGA ngenye yezinto ezimenze wasula leli cala ngoba leli phephandaba linika abantu isithombe sokuthi yena angenza noma yini ukuze athole imali.
“Ngeke ngisaba nokuthula emphakathini ngoba noma yini engiyenzayo kuzothiwa ngiyenza ngoba ngixakekile.
“Nakho lokho kube nomthelela ekubeni ngilisule icala ngoba bese ngibona ukuthi ngibukeka njengomuntu omubi.
“Akekho umuntu obesenaka ukuthi ngihlukumezekile kepha indaba bese kuwukuthi ngithe ngingayithatha imali uma lingikhokhela iphoyisa ngoba ngixakekile,” kusho yena.
Ebuzwa-ke ukuthi akafunganga yini wagomela ukuthi ngeke alisuke icala engasitholile isinxephezelo nokuthi uzosithatha ngoba engafuni iphoyisa liphelelwe wumsebenzi futhi naye vele uzixakekele, uvele wangingiza.
Leli phephandaba lisamile embikweni walo wokuthi uNkk Mpanza uthe uma bevumelana ngesinxephezelo uzosithatha ngoba engafuni iphoyisa liphelelwe wumsebenzi futhi imali uzoyithathiswa wukuthi uxakekile yize noma ehlukumezekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Thulani Zwane, uqinisekisile ukuthi icala lesuliwe.
nonhlakaniphos@ilanganews. co.za
“Ngeke ngisaba nokuthula ngoba noma yini engiyenzayo kuzothiwa...