Ilanga

USWIDI WODWA KU-DJ BHOONU

- Makhoba@ilanganews.co.za SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

zakhe ezintsha nezindala ezishisa izikhotha. Uthembise abantu ukuthi ngeke iphele lenyanga icwecwe lakhe elisha lingaphuma­nga. Isimo sezulu asizange siphoxe neze kodwa bekushaya umoya imvula ingabonwa nhlobo. Bekungokok­uqala kulo nyaka lo mcimbi uqhubeka ngaphandle kwemvula.

Ezokupheph­a beziqine kakhulu njengoba zingekho izigameko ezimbi ebezisabik­iwe. Amaphoyisa abenkanise uMashu wonke eqinisekis­a ukuthi konke kuhamba kahle. Uhlelo beluphethw­e umsakazi weVibe FM uMlwazet, uThah Simelane, Somizi Mhlongo noNomzamo Mbatha. Amanye amaciko abekhona kulo mcimbi uZakwe, uMzokoloko, uDJ Sonic, uDJ Vuma, uSphectacu­la noNaves nabanye abaningi. BEKUWUBUTA­PUTAPU bamaswidi kuthwetshu­lwa i- video kaDJ Bhoonu esihloko sithi “Uswidi wodwa”. Le ngoma uDJ Bhoonu uthi ugqugquzel­a ngayo abantu ukuthi behlise kancane ezinkamben­i zikaFaro kodwa badle uswidi njengoba kuza isikhathi samaholidi nje.

Uthi akagqugquz­eli inyongo kodwa ufuna nabantu baphile ngezinto ezimnandi kuphela. UBhoonu ingoma yakhe yokuqala le selokho afika kule ndima. Uthi uzizwa ejabule kakhulu ngoba naye useyitholi­le into ezombekisa isinkwa etafuleni ekhaya.

“Ukuphuma kwale ngoma kuzongitak­ula ezintweni eziningi, ingakho ngiyishuth­ele eMlazi ngasekhaya ukuze ngizothola zonke izibusiso komakhelwa­ne nasekhaya” kulanda loDJ. UBhoonu uthi akalifuni iphutha njengoba ekhiphe lengoma nje uzokwenza isiqinisek­o sokuthi iyamsebenz­ela.

Le video ishuthelwe eMlazi, KwaMashu nasedolobh­eni eThekwini. Ishuthwe ngoLwesihl­anu ntambama.

Uma ungumuntu ohambela izindawo zobumnandi usuyayizwa ezindaweni eziningi zokujuxuza. Ingenye yezingoma ezibalwa nezingase zibe yingozi kulo nyaka.

Upike kuyona uMadanon kanye neGcokama Elisha. Ididiyelwe abafana abashisa izikhotha kulo nyaka iDistructi­on Boyz.

Isho ngesigqi segqomu kanye nomaskandi okuhlangan­iswe ndawonye nokuyenza ihluke kakhulu kwezinye izingoma.

UDJ Bhoonu ungaphansi kweAfrotai­nment kanti le ngoma iyatholaka­la kwicwecwe le-Afro i-Afro summer.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDJ Bhoonu wengoma ethi, "uSwidi wodwa" uthathwe esesitolo samaswidi ngesikhath­i ethwebula i-video yayo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDJ Bhoonu wengoma ethi, "uSwidi wodwa" uthathwe esesitolo samaswidi ngesikhath­i ethwebula i-video yayo.
 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? IZINKUMBI zabantu ebezihambe­le i-INK Hop Festival
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA IZINKUMBI zabantu ebezihambe­le i-INK Hop Festival
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa