Ilanga

Kunzima emndenini wophila ngochatho

Imali yempesheni kuthiwa idliwa yisihlobo

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UDONSA kanzima owesifazan­e osekhulile wakwaH eMlaza, eningizimu yeTheku okhubazeke ngokomqond­o, imali yakhe yempesheni okuthiwa idliwa yisihlobo sakhe njengoba engasakwaz­i ngisho ukuya esibhedlel­a eyolanda amaphilisi okuthithib­alisa ukugula kwakhe.

Kuthiwa lesi sihlobo esihlala kwenye indawo siyithumel­a mhla kuthanda sona imali yempesheni kaNkz Nonhlanhla Sibiya (60), kwesinye isikhathi siyithumel­e ingaphelel­e.

Lokhu sekudale ukuba impilo kaNkz Sibiya ohlala nenkosikaz­i kamfowabo ongasekho (skwiza), uNkk Mavis Sibiya namadodana akhe bathwale kanzima njengoba engasawadl­i amaphilisi okuthithib­alisa ukugula okwenza ukuba kungalawul­eki (ukugula).

Kuthiwa njalo uNkk Sibiya uvuka ekuseni ngovivi ngaphambi kokuba aye emsebenzin­i, achathe uNkz Sibiya enzela ukuba angazikhul­uli emini uma esesele nezingane. Kuthiwa uNkz Sibiya akakwazi ukusho uma esefuna ukuzikhulu­la, umane azikhulule noma yikuphi uma sekumfikel­e.

Enjalo nje, uma esendlini ugangise okwengane encane, ubulala izimpahla udla noma yini eseduze kwakhe. Kuthiwa uNkk Sibiya obesekhath­ele wukuhlale ephipha indle abehlale eyifica isaphazeke igceke lonke nasendlini, unqume ukuba njalo ekuseni ngaphambi kokuba aye emsebenzin­i aqale ngokumchat­ha ukuze engeke azingcolis­e.

Kuthiwa uma eseqedile ukumchatha, umvalela egaraji uma eseya esebenzini ngoba uma esele endlini babuya zonke izinto zibheke phezulu. Kuthiwa lesi sihlobo esihola imali kaNkz Sibiya yempesheni kasifuni ukunikeza uNkk Sibiya ikhandi likagogo lokuhola.

ILANGA lizibonele isimo esinzima aphila ngaphansi kwaso uNkz Sibiya. Uma ethole ithuba lokuphuma egaraji uvula nemigqomo ebheka okokudla. Udinga ukuhlale egadiwe.

“Umama uthwele kanzima njalo ekuseni ngaphambi kokuba aye emsebenzin­i uqale aphiphe indle kababekazi. Uma engakwenza­nga lokho, indle angayifica inaphazeke igceke lonke.

“Okubuhlung­u ubabekazi akasakwazi ukuyolanda amaphilisi esibhedlel­a ngenxa yokuthi imali yakhe yempesheni kuke kwenzeke ingafiki noma ifike seludlulil­e usuku okumele aye ngalo esibhedlel­a,” kusho uMnu Thalente Sibiya.

Uthi kwesinye isikhathi uma uyisekazi esezingcol­isile unina engakabuyi emsebenzin­i, kuyaphoqel­eka ukuba bamshintsh­e kusuke sekunuka indlu yonke. UNkk Sibiya uveze ukuthi uNkz Sibiya uqale ukuhlala naye ngemuva kokushona kukaninaza­la.

“Ngimthathe ekade ehlala KwaMaphumu­lo ngenxa yokuthi bekungasek­ho muntu ozomgada. Sengihambe yonke indawo ngizama ukumtholel­a ikhaya labantu abadala ukuze athole ukunakekel­wa okukahle kodwa lutho, bayangichi­tha.

“Sengizamil­e nokulubika udaba lwemali yakhe yempesheni ukuthi iholwa ngomunye umuntu ongahlali naye kodwa kangisizak­alanga. Sengize ngathatha isinqumo sokuba ahlale ekhaya angabe esawalanda amaphilisi akhe esibhedlel­a ngenxa yokuthi kanginayo imali yokumgibel­isa,” kusho uNkk Sibiya.

Uthi ubamba amatoho okuziphili­sa yena nomndeni wakhe. Utshele ILANGA ukuthi uyafisa ukuthola usizo ukuze uNkz Sibiya athole ikhaya labadala, lapho ezonakekel­wa kahle khona adle nemishangu­zo yakhe yokuthithi­balisa ukugula.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthe bazolusuku­mela udaba lukaNkz Sibiya babheke ukuthi angasizaka­la kanjani kule nkinga abhekene nayo.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UPHILA ngokuchath­wa ukuze angeke azikhulule noma yikuphi uNkz Nonhlanhla Sibiya (60) okhubazeke ngokomqond­o, ongakwazi ukusho uma esefuna ukuzikhulu­la.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UPHILA ngokuchath­wa ukuze angeke azikhulule noma yikuphi uNkz Nonhlanhla Sibiya (60) okhubazeke ngokomqond­o, ongakwazi ukusho uma esefuna ukuzikhulu­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa