LICELA USIZO LWENDLU IKHEHLA ELINGENABANI
INZIMA impilo yexhegu lakuwadi 8 eNdabeni, eJo-zini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal eli-thi lincishwa indlu yoxhaso kahulumeni ngoba ku-thiwa selilidala futhi selizofa.
Ingawa noma yinini indlu yodaka ehlala uMnu Nomonye Myeni (82) ongumakhelwane wezikhulu zomasipala, amalunga ephalamende nosomabhizinisi abahlonishwayo. ILANGA lithole ngosizi lukaMnu Myeni ngoMnu Joseph Ngubane ongumakhelwane wakhe, othe usezame kaningi ukuxoxa neziphathimandla zendawo ukuba ziphonse esivivaneni ukuze akhelwe indlu.
UMnu Myeni uhlala yedwa endlini yodaka, ifulelwe ngoseyili nothayela ongashayelwe. Uthi njengoba selethwese ihlobo kunzima kwazise izimvula ziphelela kuyena. Utshele leli phephandaba ukuthi nasebusika ufisa sengathi ngabe kuba kusehlobo ngenxa yamakhaza. Uthi waba nenkinga yokushonelwa yinkosikazi yakhe okuthe kamuva washonelwa yizingane.
“Impilo yami inzima kakhulu, into engiyidinga kakhulu yindlu yokulala noma ngabe kangihlali kuyona kodwa nje uma ngilala. Abanye bathi ngeke ngiyithole indlu ngoba sengimdala, sengizofa, kungiphatha kabi lokho ngoba uma kuyiwa okhethweni ngilandwa ekhaya ngemoto ngithenjiswa ukuthi ngizokwakhelwa indlu.
“Uma sekufanele kwenziwe, kuthiwa sengimdala. Okubuhlungu ngiye ngizwe bona laba kuthiwa bebevula izindlu kwezinye izindawo kodwa lapha kwami kakukho lutho. Abantu bafakelwe ugesi mina bafika lapha kwami babeka isigxobo babuye bazosilanda baya naso kwezinye izindawo.
“Ngike ngizwe abanye abangithandayo bethi indlu yami yomxhaso kahulumeni yathengiswa. Ngicela usizo lokwakhelwa indlu yokufihla ikhanda,” kusho uMnu Myeni. UMnu Ngubane ongumakhelwane kaMnu Myeni, uthi usekhulume nalo lonke uhlobo lomholi kule ndawo ukuze kusizwe uMnu Myeni kodwa lutho.
“Njalo uma kuhlangenwe ngiyalukhuluma udaba lukamkhulu uMyeni. Imeya ubaba uDelani Mabika iyalwazi lolu daba kodwa ibukeka ingazimisele ngokumsiza. Eyekhansela lewadi, uMnu Mavundla, kangiyiphathi ngoba ubehamba ngezinyawo ecela amavoti kulo mkhulu futhi wamthembisa ukumsiza ngokumakhela indlu,” kusho uMnu Ngubane.
ILANGA lixhumane nekhansela, uMnu Lotus Mavundla, eliqale langingiza. Lithe udaba lukaMnu Myeni liyalwazi kodwa kalinaso isikhathi sokumvakashela liyobheka isimo aphila ngaphansi kwaso.
“Ngike ngizwe kukhulunywa ngalolu daba kodwa kangikasitholi isikhathi sokuba ngiyombona. Njengoba usuze wangithinta, ngizoxhumana namalunga ekomidi lewadi ukuba ayobheka isimo, emuva kwalokho azongethulela umbiko ophelele,” kusho uMnu
Mavundla.