Ilanga

LICELA USIZO LWENDLU IKHEHLA ELINGENABA­NI

- PHUMLANI GAMA

INZIMA impilo yexhegu lakuwadi 8 eNdabeni, eJo-zini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal eli-thi lincishwa indlu yoxhaso kahulumeni ngoba ku-thiwa selilidala futhi selizofa.

Ingawa noma yinini indlu yodaka ehlala uMnu Nomonye Myeni (82) ongumakhel­wane wezikhulu zomasipala, amalunga ephalamend­e nosomabhiz­inisi abahlonish­wayo. ILANGA lithole ngosizi lukaMnu Myeni ngoMnu Joseph Ngubane ongumakhel­wane wakhe, othe usezame kaningi ukuxoxa neziphathi­mandla zendawo ukuba ziphonse esivivanen­i ukuze akhelwe indlu.

UMnu Myeni uhlala yedwa endlini yodaka, ifulelwe ngoseyili nothayela ongashayel­we. Uthi njengoba selethwese ihlobo kunzima kwazise izimvula ziphelela kuyena. Utshele leli phephandab­a ukuthi nasebusika ufisa sengathi ngabe kuba kusehlobo ngenxa yamakhaza. Uthi waba nenkinga yokushonel­wa yinkosikaz­i yakhe okuthe kamuva washonelwa yizingane.

“Impilo yami inzima kakhulu, into engiyiding­a kakhulu yindlu yokulala noma ngabe kangihlali kuyona kodwa nje uma ngilala. Abanye bathi ngeke ngiyithole indlu ngoba sengimdala, sengizofa, kungiphath­a kabi lokho ngoba uma kuyiwa okhethweni ngilandwa ekhaya ngemoto ngithenjis­wa ukuthi ngizokwakh­elwa indlu.

“Uma sekufanele kwenziwe, kuthiwa sengimdala. Okubuhlung­u ngiye ngizwe bona laba kuthiwa bebevula izindlu kwezinye izindawo kodwa lapha kwami kakukho lutho. Abantu bafakelwe ugesi mina bafika lapha kwami babeka isigxobo babuye bazosiland­a baya naso kwezinye izindawo.

“Ngike ngizwe abanye abangithan­dayo bethi indlu yami yomxhaso kahulumeni yathengisw­a. Ngicela usizo lokwakhelw­a indlu yokufihla ikhanda,” kusho uMnu Myeni. UMnu Ngubane ongumakhel­wane kaMnu Myeni, uthi usekhulume nalo lonke uhlobo lomholi kule ndawo ukuze kusizwe uMnu Myeni kodwa lutho.

“Njalo uma kuhlangenw­e ngiyalukhu­luma udaba lukamkhulu uMyeni. Imeya ubaba uDelani Mabika iyalwazi lolu daba kodwa ibukeka ingazimise­le ngokumsiza. Eyekhansel­a lewadi, uMnu Mavundla, kangiyipha­thi ngoba ubehamba ngezinyawo ecela amavoti kulo mkhulu futhi wamthembis­a ukumsiza ngokumakhe­la indlu,” kusho uMnu Ngubane.

ILANGA lixhumane nekhansela, uMnu Lotus Mavundla, eliqale langingiza. Lithe udaba lukaMnu Myeni liyalwazi kodwa kalinaso isikhathi sokumvakas­hela liyobheka isimo aphila ngaphansi kwaso.

“Ngike ngizwe kukhulunyw­a ngalolu daba kodwa kangikasit­holi isikhathi sokuba ngiyombona. Njengoba usuze wangithint­a, ngizoxhuma­na namalunga ekomidi lewadi ukuba ayobheka isimo, emuva kwalokho azongethul­ela umbiko ophelele,” kusho uMnu

Mavundla.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa