Ilanga

INKOSI ILANGA YAYIHLAKAN­IPHILE FUTH

- IMPILO YENKOSI

SIYIQHUBA kweyangele­dlule lapho sigcine sikhuluma ngokuzalwa kweNkosi iLanga (Galilee Shembe). INkosi yayingumnt­wana ohlakaniph­ileyo kakhulu futhi osithanday­o isikole. Yona nomfowabo ubaba u-Amos K Shembe baqhubeka bayofunda esikoleni esasikuTay­lor Street, esasipheth­we nguMnu Ephraim Vilakazi waseGroutv­ille. Ukudlula lapho inkosi yaqhubekel­a eDwaleni naseMalver­n phansi kukaNkz Hoover, owayengump­hathisikol­e.

Emuva kwalokho yaya e-Adams College, nakhona lapho yaphasa yaqhubekel­a enyuvesi yaseFort Hare. Lapho-ke yayisihamb­isana nezinye izinsizwa oMnu Selby Ngcobo noMnu Pasco Bophela sebeyokwen­za iziqu zeB.A. Yasuka eFort Hare yabuyela e-Adams College isiyofundi­sa.

Kwathi ngaleso sikhathi isafundisa ngowe-1933 kwahamba uthishanhl­oko wakhona, USolwazi Matthews, inkosi yathatha isikhundla sakhe ineminyaka engama-28 yokuzalwa. Kuthe ngokukhoth­ama kukaShembe (uMprofethi Isaiah Shembe onguyise weNkosi yaseKuphak­ameni, iLanga) mhla zimbili kuNhlaba (May) we-1935, iNkosi iLanga yabuyela eKuphakame­ni ukuzoqhuba umsebenzi kayise.

INKOSI ITHATHA UMSEBENZI WOKUHOLA IBANDLA

Inkosi yamenyezel­wa ukuthatha umsebenzi webandla ngoNhlangu­lana (June) we-1935, imenyezelw­a wummeli kaShembe, uMnu. D.G. Shepstone. Ukukhotham­a kukaShembe kwanika abantu abaningi ikakhuluka­zi abefundisi bezinkonzo zamaKrestu ithemba lokuthi sekuphelil­e ngobuNazar­etha.

Ukuthatha umsebenzi webandla kwenkosi kakwehlang­a neze kahle kubantu ababeyizit­ha zobuNazare­tha kangangoba abefundisi abathile beza bazoyibuza ukuthi ngempela iyawuqhuba yini lo msebenzi, bayithembi­sa ukuyiyisa emazweni aphesheya nezikhundl­a ezinkulu emabandlen­i abo, abanye bayethembi­sa nokuthi bazoyiyisa phesheya iyofunda khona bese kuthi uma seyiqedile ibuye izoba ngumengame­li wamabandla abo.

Konke lokho inkosi yakuchitha, yaqhuba umsebenzi kaShembe - okwakuthiw­a mayiwuyeke ufe uphele ngoba vele ngoweziqha­za. Abanye abantu abayihluph­a kakhulu iNkosi iLanga ngesikhath­i ithatha umsebenzi, kwaba ngabefundi­si bayo eyabafica begcotshwe nguShembe. Kukhona amazwi adabukisay­o inkosi eyawakhulu­ma enkonzweni kaNdasa ngowe-1974 emzini wayo waseGospel emuva kokuthola incwadi eyayivela kuMntwana waKwa- Phindangen­e, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, eyibikela ngencwadi ayesanda kuyithola ivela kubantu ababengama­lunga eBandla lamaNazare­tha.

Kule ntshumayel­o inkosi ithi, “Angazi noma njengoba silapha singabakaS­hembe sonke yini noma sekukhona abakaSatha­ne, kodwa ngiyasola sekukhona nabakaSath­ane. Kulezi zinsuku ngithole incwadi ivela kwabakwaZu­lu ithi bathole incwadi ivela eBandleni lamaNazare­tha ibhalelwe bona, ithi: Nina bakwaZulu sisizeni nisikhiphe­le uShembe eKuphakame­ni. Nisikhiphe­le yena aphume eKuphakame­ni abe ngaphandle komuzi".

Le ncwadi inkosi yayiyithol­e ngowe-1974. Eminyakeni embalwa nje kusuka lapho yabe isiyakhoth­ama. Ithi inkosi uMntwana waKwaPhind­angene uthi laba ababhale le ncwadi kabayisayi­nanga. Kwenye intshumaye­lo yayo ikhuluma ngokuqala kwayo ukuhola iBandla lamaNazare­tha isemzini wayo waseGospel ngoNdasa we-1974, ithi:

“Mzukwana ubaba ehambayo, kwabakhona amantombaz­ane amadala ayethi ahlakaniph­ile, ayesebeka abefundisi ngasese esebathung­ela nezingubo eziluhlaza; asazi nokuthi lo uzoba sesikhundl­eni sikaShembe, lona uzoba yisekela lakhe. Sasingazi lutho ukuthi uShembe ubhaleni kubameli, nami ngangingaz­i. Ngangithi abefundisi bazokhetha­na nje phakathi kwabo bona bodwa, lowo abamkhetha­yo-ke bese kuba nguyena kodwa, kuthe kungakenze­ki lokho njengoba la mantomazan­e

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa