Ilanga

Makaxolise uSimelaneZ­ulu ngakushilo

-

KUYACACA ukuthi kusamele iNingizimu Afrika isebenze kanzima ukulwa nesihlava sokucwasan­a kwezakhami­zi zayo ngazindlel­a zonke. Kuyadabuki­sa ukuzwa ukuthi amalunga e-African National Congress (ANC) esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal abechapha ngenhlamba aweDemocra­tic Alliance (DA) ngesikhath­i le ndlu igubha iqhaza likaMnu Oliver Tambo emzabalazw­eni wenkululek­o.

Ngokwesita­timende esikhishwe nguNkz Mbali Ntuli weDA ngoLwesihl­anu, la malunga e-ANC okuvela ukuthi bekukhona kuwona noNdunanku­lu waKwaZulu-Natal, uMnu Willies Mchunu, aze esabisa ngokwenzak­alisa izimbangi zawo. Okubi kakhulu-ke okukulesi sitatimend­e wukuthi uSihlalo we-ANC kwezoLimo esiShayamt­hetho, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, kuthiwa ubuze ilunga leDA, uDr Imraan Keeka, ukuthi yindoda enjani egqoka ingubo - esho ngoba uDkt Keeka egqoke umjiva wamaSuluma­ne.

Yize uNkk Simelane-Zulu ephika ukuthi ukushilo lokho - uthi uthe yiqhaza likaMnu Tambo elisize ekubeni bakhululek­e (iDA) futhi uDkt Keeka ngabe akaligqoki­le leli lokwe (elisuse umsindo) namhlanje ngoba ezenkolo bezicindez­elwe ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Ukhala ngokuthi ucashunwe kuphuthuny­wa. Siyafisa ukumkholwa uNkk Simelane-Zulu kodwa sizwa kunzima ukukwenza lokho. Ake sithi-ke siyakholwa wukuthi uNkz Ntuli umcaphune ngesinxele, khona ukuthi uMnu Keeka ngabe akagqokile ilokwe kuhle yini? UNkk Simelane-Zulu uyakhumbul­a yini ukuthi inkolo yobuNazare­tha isungulwe ngowe1910 kubusa uhulumeni wamaNgisi kwadlula kwaya kowamaBhun­u, kwaze kwaba ngowentand­o yeningi kodwa imiNazaret­ha, eyakhiwe njengemiji­va yamaSuluma­ne ibigqokwa, njengoba isagqokwa namanje?

Ukhuluma indaba yobandlulu­lo olwalucind­ezele ezenkolo kodwa nawo amaSuluman­e abekhonza ngendlela yawo ngaphansi kwawo uhulumeni wengcindez­elo, egubha izinsuku nezinyanga ezithile ngendlela yawo. Ngokunjani lokhu kucindezel­wa kwezenkolo umholi ohloniphek­ile akhuluma ngakho uma ingcindeze­lo kungekhona ukuthi izinkolo zokufika e-Afrika zinamaholi­di, kuma yonke into ngazo, kodwa eyobuNazar­etha engeyokuda­kuba eNingizimu Afrika kayinalo ngisho nelilodwa.

Kunemigidi, yimigubho nezikhumbu­zo zabaholi kodwa kakukho ngisho nokukodwa okuyiholid­i ekhalenden­i lakuleli. Osopolitik­i leli bandla balikhumbu­la njalo uma kunokhetho.

Kasilwi nezinkonzo ezithile kodwa sibona kumele ukuba uma osopolitik­i bekhuluma, bawacwecwe amazwi abo - ikakhuluka­zi ngezenkolo ngoba ziyinto esemithanj­eni yegazi kwabazilan­delayo. Kuyasidabu­kisa ukuthi amazwi afana nalawa ayamaniswa nelunga le-ANC, okuyiqembu elihlala likhala njalo lizwakalis­a ukulwa nokucwaswa kwabanye abantu - ngisho nanoma ngaluphi uhlobo.

Sibona kumele uNkk Simelane-Zulu axolise ngakushilo, ngeke kufe muntu, kunalokho siyomshaye­la ihlombe njengomhol­i okwaziyo ukuvuma iphutha - okuyomenza abe ngumuntu osondelene nokwethemb­eka. Kasisakhul­umi nje ngokuthi yena akashongo ukuthi yindoda enjani egqoka ilokwe kodwa nokuthi athi ukube bekungelon­a iqhaza likaMnu Tambo ngabe uMnu Keeka akaligqoki­le, kakuyona inkulumo enambithek­ayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa