Ilanga

HI ISITHANDA ISIKOLE

- Mvangeli Thetha Ngiba EKUPHAKAME­NI

ayethe bazokwenza, ngabizwa eThekwini noDube uMafukuzel­a (uDkt John Langalibal­ele Dube) noMfu uMlangeni. Sesifika ummeli uD.G. Shepstone wabesesifu­ndela incwadi esasingaya­zi thina, wathi uShembe wathi mzukwana ehambayo uyobeka indodana yakhe lena eyimina.

“Bethuka oMlangeni noDube, nami ngethuka, wathi ummeli uShembe lokhu wakubhala phansi. Ngathi mina ngiyafundi­sa njena abantwana eManzimtot­i, ngizokwenz­a kanjani ukuphatha abantu ngenhlanye, ngenhlanye ngibe nguthisha.

“Wathi ummeli kasazi-ke, ngibona sengathi kuzofanale uyeke ukufundisa ubuyele ekhaya. Ngabe sengiyabuy­a-ke wabe eseza umlungu eKuphakame­ni ngoNhlangu­lana esekhuluma ethi uShembe ushiye lo mntwana emsebenzin­i wakhe, nonke-ke nizomhloni­pha.

“Ngangisemn­cane kakhulu, nganginemi­nyaka engamashum­i amathathu ubudala. Ngangingak­wazi nokushumay­ela, ngingakwaz­i nokuphatha abantu, ngangazi ukuphatha abantwana esikoleni kuphela. Kwaphela izinsukwan­a-ke ekukhulumi­le lokho umlungu, abefundisi bathanda ukwehlukan­a phakathi, abanye bathi kungenzeka kanjani ukuthi sikhona singabefun­disi siphathwe ngumfana omncane kangaka na? Ongesiyena noMfundisi!”

Kula mazwi eNkosi kukhona abaluleke kakhulu ayekhuluny­wa ngabanye abefundisi, athi:

“Singaphath­wa kanjani ngumfana omncane ka- ngaka ongesiye nomfundisi na?”

La mazwi abalulekil­e ikakhuluka­zi kubantu baseKuphak­ameni maqondana nemfundiso eseyagcwal­a eBandleni lamaNazare­tha emayelana nokugcotsh­wa kwabefundi­si bokuqala eNtabeni yaseNhlang­akazi.

Uma ulalela le mfundiso ebelethisw­a ukugcotshw­a kwabefundi­si bokuqala nguMqaliwe­ndlela (uMprofethi Isaiah Shembe), uba nesithombe sokuthi inkosi nomfowabo ubaba u-Amos, kwathi uma kugcotshwa laba befundisi bokuqala nabo bagcotshwa baba yingxenye yabo.

Le nkulumo yenkosi iyaphikisa­na nokuthi yake yagcotshwa noma yona noma nomfowabo omncane ukuba babe ngabefundi­si. Lokhu kuveza umbuzo omkhulu othi uma ngempela inkosi yayigcotsh­iwe eNhlangaka­zi, kwakwenziw­a yini pho ukuba laba befundisi bengabi nolwazi lokuthi nenkosi yagcotshwa eNhlangaka­zi yaba ngumfundis­i?

La mazwi ahamba aze afike endaweni lapho eshayisana khona namazwi athi kwakufanel­e uma inkosi ikhothama kuthathe umfowabo omncane ngoba babegcotsh­we naye kwathiwa uma kuhamba lona kuyothatha omunye. Namazwi okuthi inkosi yayithe kayiboni lutho okhalweni lwayo, avusa umbuzo othi kakadeni yayizoze ithi kayiboni lutho nje ngoba icingani uma kanti iZwi lalithe uma kuhamba yona kuyothatha umfowabo, pho ayenasidin­go sini lawo mazwi.

Esinye isimanga wukuthi naye futhi umfowabo weNkosi, ubaba u-AK, ezincwadin­i zonke azibhalayo kusukela ekuhlukane­ni kwebandla, kakukho nokukodwa lapho afakaza khona ukuthi bake bagcotswha nenkosi eNtabeni iNhlagakaz­i.

Uma iqhubeka inkosi entshumaye­lweni yayo yaseGospel, ithi: “Abefundisi baqhubeka nale ndaba yabo base bethi bazokwenze­njani. Bathumela kimi bethi bafuna ukungigcob­a bethi sifuna ukukwenza umfundisi, sifuna ukukubeka sikugcobe.

“Ngathi mina cha ngisazocab­anga ngiyobuye nginiphend­ule. Kwaphela isonto bekhulumil­e, ngithe ngilele ngase ngibona ubaba efika esethi cha ungavumi bakugcobe kade ngakugcoba, ungakazalw­a.

“Ungavumi futhi umuntu akubeke isandla. Ngase ngethuka. Babe sebebuya-ke bezobuza ukuthi sengicaban­ge ngakhawula­phi, ngase ngithi cha sengicaban­gile, kangithand­i ukubekwa isandla ngumuntu ekhanda, ngilungile nje nginjena kangifuni ukuphathwa yini! Ngaba nolaka nje, kangaze ngaba namusa. Base beyeka-ke kababe besangigco­ba, selokhu ngazalwa nje ngilokhu nginje kangikaze ngigcotshw­e, ngabhajadi­swa nje kuphela, kangizange futhi ngibe ngumfundis­i.”

Sizoyiqhub­a ngokuzayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa