INKOSI ILEKELELE ABASWELE EZIKOLENI
YENZE okungavamile kubaholi bendabuko iNkosi Mbhekiseni Gumbi, yaseKhandova, oPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal ivakashela izikole ezingaphansi kwesizwe sayo ibheka ukuthi kuqhubeka kanjani ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka.
Inkosi kayiyanga nje kulezi zikole ivathazela, ijabulise abafundi abazalwa emindenini edla imbuya ngothi ngokubanikelela ngezicathulo - kuhlomule abaseVulamehlo Primary School nabaseMyekeni Secondary. Kulo mkhankaso wayo ibihamba nethimba lasendlunkulu yayo.
IMyekeni Secondary iqanjwe ngegama likayise weNkosi Gumbi. Inkosi ithe lokhu ikwenza ngaphansi kwesikhwama esisungulwe ezinyangeni eziyisi-6 ezedlule, iGumbi Foundation.
“Kuyintokozo kimi ukuthi namuhla ngihambela izikole zesizwe sobabamkhulu, ngidlulisa lo mnikelo wesizwe. Lesi sikhwama sisungulwe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kodwa sesiletha uguquko.
“Kuyangithokozisa ukuthola futhi ngibone kuqhubeka ngendlela enokuthula ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka kubafundi bethu. Ngisazoqhubeka nokuhambela nezinye izikole ezingaphansi kwesizwe sakwethu,” kusho inkosi ethi ilwazi kahle usizi lokweswela njengoba yaze yaxoshwa ngisho esikoleni.
“Ngangifunda eDwaleni High School lapho khona bonke abafundi babegqoka umfaniswano uphelele. Kwathi ngolunye usuku uthishanhloko wangixosha wathi mangiyotshela abazali, ikakhulukazi ubaba (uMyekeni), ukuthi angithengele umfaniswano.
“Kwaba uthole ithuba ubaba ngoba wavele wangitshela ukuthi ‘kulungile mfana wami, hlala phansi uvuke ekuseni uyofuna umse- benzi ngoba vele usumdala’.
“Ngasebenzisa ubuhlakani ngabhala incwadi egameni likababa ngichazela uthishanhloko ukuthi ucela ngiqhubeke nokufunda uzongithengela izimpahla. Ngokwenza njalo, ngaqhubeka nemfundo.
“Kuningi engisazokwenza ngoba kusungulwe lesi sikhwama,” kusho iNkosi Gumbi. UMnu Simo Gumbi ongumqondisi weGumbi Foundation, uthi basazokwenza okuningi ngalesi sikhwama.
“Siyacela nakwabanye osomabhizinisi abahweba ngaphansi kobukhosi bakithi ukuba baphonse itshe esivivaneni ukuze kuzosizakala abantu abeswele.
“Baningi abantu abadinga usizo lapha ngaphandle, ngakho sibhekene nengcindezi yokuba sibhukule sibasize,” kusho uMnu Gumbi. UNkk Makhosazane Skhakhane onguthishanhloko waseVulamehlo, ubongele abafundi besikole sakhe.
“Isikole sethu sinesibalo esikhulu kakhulu sabafundi abeswele imifaniswano, lokhu kwenziwa nayindawo esikuyona, isasilele kakhulu ngakwezentuthuko,” kusho uNkk Skhakhane.
Ingxenye yabafundi abahlomule kulolu hlelo ibonge kakhulu yazwakalisa nentokozo ngokuvakashelwa yinkosi. UMbali Ndwandwe ofunda uGrade 10, uthe:
“Esikoleni uma ungenazo izicathulo, uba yinhlekisa kwabanye abafundi. Siyabonga ngokuhanjelwa yinkosi yesizwe izosipha izicathulo, kasingabazi ukuthi lokhu kuzobathokozisa nasemakhaya esiphuma kuwona,” kusho uMbali.
BANINGI ABANTU ABADINGA USIZO LAPHA NGAPHANDLE...