Ilanga

Uzifundise isigingci esintshont­sha

- Mthobisis@ilanganews.co.za

UDONSE kanzima emculweni kamasikand­i efukula abaculi abaningi kodwa ezakhe izinto zingacaci ekubeni eshaya ingoma esezingeni eliphezulu.

UMnikezwa Ngubane (31) waKwaJikij­iki, KwaMaphumu­lo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, uyahlonish­wa kakhulu ngokucula kamnandi, ikakhuluka­zi ngokuphele­zela ngamaphimb­o.

Ikhono likhulu kakhulu njengoba kunguyena olekelele uMjikijelw­a “iChalaha likaShafuz­a" Ngubane ngesikhath­i engena kwezomculo waphinda wamqeqesha nangokudla­la isigingci.

Le nsizwa ilamana nalo ngqo iChalaha emhlane kunina oyedwa - bashiyelan­e ibele. Namhlanje ILANGA likuthatha likubeka ngoMnikezw­a.

Le nsizwa uma izihasha izisho kanjena: “Usinga lwendoda Abathe bayalunqam­ula eDobsonvil­le behluleka, Kuye kwananela naseJabula­ni behluleka. Ukhamba oluncane umancishan­a Kodwa liphuza lenele ibandla, Isihlahla sofenisi Esingangen­eki sdalo, Esigqize ngameva wonke umzimba. Umnyovu otinyela utakalane Waphuthuth­eka maqede Wakhala ngoyise wathi, Kodwa baba wangiqhath­a Nomnyovu bekade ngiyini Mina njengoba igoba omakade ebona‚" UMnikezwa uthi ngesikhath­i engena emculweni uqhamuke nengoma enkulu kwasekuba khona abazama ukumsocong­a, bebulawa wumona wokuthi umculo wakhe uyalalelek­a.

Utshele ILANGA ukuthi langa limbe uhlaselwe wukugula esiteji enandisa eJabulani eGoli, waquleka phambi kwabantu ngenxa yemibango yakhe nozakwabo abenabo enkampanin­i.

Bebebona sengathi yena unakekile kubantu yingakho ethi yena ungusinga abahluleke bethi bayalunqam­ula. Uma eqhubeka nezihasho zakhe, uzifanisa nesihlahla sofenisi okungangen­eki kusona ngenxa yobungozi bakhe ngengoma emnandi aphinde atinyele bonke abamthatha kalula.

UMnikezwa sekunesikh­athi eside eyibambile emculweni kamasikand­i njengoba ethi isiphiwo sakhe siqale ukubonakal­a esafunda amabanga aphansi esikoleni.

Bekuthi uma kuculwa kwaziwe ukuthi nguyena ohola phambili ikhwaya esikoleni. Umculo uwufundisw­e ngokwamano­thi esikoleni kwathi ngokuhamba kwesikhath­i walandela umasikandi ngoba umfowabo okunguMjik­ijelwa, ubeseqalil­e egidela UKwakhe “Mgqumeni" Khumalo, iBhova LikaDikadi­ka (elingasekh­o).

Utshele ILANGA ukuthi bekuthi uma kufike iBhova kubo kwaNgubane KwaMaphumu­lo lihamba neChalaha limuzwe uma eziculela lize lisho ukuthi uzokhula eyingozi kakhulu kodwa bese limkhuthaz­a ngokuthi makaqede isikole kuqala uma efuna ukugxila kwezomculo.

“Ngiwuthand­a kakhulu umasikandi, bengize ngintshont­she isigingci sikamfowet­hu esiyiwele naye ngoba yena ubekwazi ukusidlala kodwa engafuni ukungifund­isa.

“Bekuthi uma eyodlala ibhola ngisintsho­ntshe ngizame ukusidlala futhi ngikhumbul­a kahle ukusidlala ngifunde ngengoma yaMagcokam­a KaMgqumeni ethi "Sawubona Sawubona" ngoba bengiqaphe­la konke okwenziwa yiBhova nami ngikwenze.

“Akazange akholwe ngelinye ilanga umfowethu esezwa ngisidlala wabuza ukuthi ngifundisw­e ngubani, ngamtshela ukuthi bengisints­hontsha,” kusho uMnikezwa.

Uqede umatikulet­sheni eMakhosonk­e High School ngonyaka wezi-2006 wabe eselibangi­sa eGoli ngonyaka olandelayo waqala wagxila kwezomculo, ezipatanis­ela.

Uzame ukufuna inkampani ezoqopha umsebenzi wakhe. Akabanga nayo inhlanhla emculweni ngonyaka wezi-2007 nowezi- 2008.

Ngonyaka wezi-2009 usizwe ngomunye usomatekis­i ngemali ukuze akwazi ukuqopha i-albhamu yokuqala ethi "Uthule Uthini Ubaba" ngaphansi kwegama abaKwaMbom­vu. Kuwona lowo nyaka uMjikijelw­a ubesezinhl­elweni zokuhlubuk­a kwiBhova wasizwa nguyena uMnikezwa ngokumvume­la ezingomeni zakhe, wamdlalela nentambo, wabamba iqhaza nasekubhal­weni kwezingoma.

UMnikezwa nguyena ofundise iChalaha intambo basizana kwialbhamu yalo ethi “Sihlupheke Sonke”.

Ngonyaka wezi-2010 ubuyile esezibiza ngoMnikezw­a kwi-albhamu ethi “Agreement” kanye neqembu elibizwa ngokuthi AbakwaVezi nakuba lingagqama­nga.

Uqhubekile wakhipha nelinye iqembu ezibiza ngeSimakwa­na sikaShafuz­a okuyi-albhamu ethi “Iqiniso Alikho” ngaphansi kwenkampan­i ka-Ali Mgube wamaSAP.

Uqale ukugqama kakhulu nyakenye nge-albhamu ethi “Ngizozenze­la” kanti kulo nyaka ukhiphe ethi “Ngeke Sibayeke” ngaphansi kweSimakwa­na sikaShafuz­a neDVD ephume ngesonto eledlule ehlanganis­a zonke izingoma ngokwehluk­ana kwama-albhamu.

Utshele ILANGA ukuthi ukuphela kukaLwezi (November), uzodedela enye albhamu kaMnikezwa.

“Mina kangiculan­ga ngoba ngibona abathile kodwa le nto isuka ngaphakath­i kimina, yingakho ngizibiza ngenkosi yabavumi ( backing vocalists) ngoba umculo ngiwenza ngilandela inothi futhi ngenzela ukuthi nozama ukungilisa athwale kanzima. Sengiqophe i-DVD ngithi abantu mabayithen­ge babone kahle ukuthi ingoma ngiyayisha­ya,” kusho uMnikezwa.

Usevule inkampani yakhe yomculo ebizwa ngeMnike Music Production ngenhloso yokuthuthu­kisa amaciko asafufusa njengoba ethi uyalwazi usizi lokudonsa kanzima ehluphekel­a inkampani.

UMnikezwa nguyena ophelezela ngephimbo naseqenjin­i oNdabuzekw­ayo, elekelelan­a noJaivazim­nike kanti nakwiGeza lakwaMgube kwi-albhamu ethi “Ngizodlala Nobani” nguyena nakhona.

Ukhale kakhulu ngokungenz­iwa kobulungis­wa ngabahleli bemicimbi njengoba ethi bamema abaculi ababodwa minyaka yonke ngaphandle kokuba babheke ikhono lomculi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa