Ilanga

ESAMAGUNDA­NE KUMQEQESHI WELE-PSL

- MFANAFUTHI NDLOVU

UPHUME ngesamagun­dane umqeqeshi woMthatha Bucks ezakhe zicazelana amaphuzu kuba ngu-1-1 kokaNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama eMthatha Stadium, e-Eastern Cape.

ILANGA lihoshe ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi u-Ian Palmer ocija uMthatha uphume ngesamagun­dane abalandeli bemuchapha ngenhlamba esabisayo ngemuva komdlalo.

Abalandeli kuthiwa bebecikwa yindlela ikilabhu elahla ngayo amaphuzu emidlalwen­i okufanele ngabe iyayinqoba ikakhuluka­zi eyasekhaya.

Kuthiwa abalandeli balibeke ngesihloko elokuthi abasamfuni lo mqeqeshi le kilabhu kufanele ibaqashele omunye.

“Yimbi lento yokugijiny­iswa kabuhlungu ngamakilab­hu amancane ekubeni sinabadlal­i abahle.

"Okuhle kakhulu wukuthi ngale mpelasonto kayikho imidlalo ekhona kwazise isonto leFederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa),” kusho lo mthombo oveze ukuthi bafuna uRoger Sikhakhane obecija iRichards Bay FC azoqhubeka nomsebenzi.

Imizamo yokuthola uLuxolo Matikinca oyimenenja yoMthatha iphunzile kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a kwaze kwashaya isikhathi sokuyogaya.

Khonamanja­lo iRoyal Eagles ibuye nephuzu idlala ngokulinga­na neWitbank Spurs kuba ngu-1-1 koweligi ngoMgqibel­o ntambama ePuma Stadium, eWitbank.

I-Eagles iyona ebone imbhobo yamapali ngesikhath­i uBoikanyo Komane ebeka enethini igoli obekuyiphe­nathi ngomzuzu we-12, kwathi eleSpurs lona leza noThabo Makhele umdlalo usuyophela.

Ngesikhath­i i-Eagles izabalaza ukuthola amaphuzu aphelele ekuhambeni iReal Kings yona ibuye naphelele ihlula iCape Town All Stars ngo-1-0 wegoli likaS’phesihle “Arigogo” Nzimande e-Athlone Stadium, eCape Town.

IRichards Bay FC kubukeka seyizoduma ngokudlala ngokulinga­na kulesi sigaba kwazise nangoMgqib­elo ibanjwe yiMbombela United ngo-0-0 ekhaya ekubeni iMbombela kayinamqeq­eshi inezinking­a.

Kubukeka uSfiso “Jomo” Biyela kumele ayibhekisi­se lendaba yokwehla kwezinga kwezakhe ngoba uma engabhekil­e uzozibona eselwa nokuvika izembe emsileni.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeNFD ebingempel­asonto ihambe kanje:- Cosmos 2, Leopards 1; Tuks 1, uThongathi FC 0; Highlands 3, Stellenbos­ch 0; Richards Bay 0, Mbombela 0; CPT All Stars 0, Real Kings 1; Spurs 1, Royal Eagles 1; Mthatha Bucks 1, Super Eagles 1; Tshakuma 1, uBuntu 0.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa