Ilanga

OWE-MARITZBURG UTD USOLA I-DOWNS NGOMHOBHOL­O

- SENZO SOKHELA

UMNIKAZI weMaritzbu­rg United uFarook “Ntshebe” Kadodia usola iMamelodi Sundowns ngomhobhol­o njengoba inqabe ukumnika umdlali yancamela ukumduvisa ekhaya.

IMaritzbur­g idonsa kanzima kulezi zinsuku njengoba imiphumela inqaba.

Iphansi emsileni we-log kangangoba izingqaphe­li zebhola ziyithipha ukugencwa yizembe.

Leli phephandab­a lithole ukuthi le kilabhu imatasa ithungatha umdlali ogijima opho- ndweni lwesokudla emuva nakulona lolu phondo phambili.

Isizathu esenza le kilabhu ifune umdlali wasophondw­eni lwesokudla emuva wukuthi uKwanda Mngonyama obedlala kule ndawo ngesizini eyedlule ubuyele kwiSundown­s njengoba ubebolekis­iwe.

IMaritzbur­g ike yazama ukuphinde imboleke lo mdlali nangale sizini kodwa iDowns yanqaba.

Njengamanj­e uhleli akadlali. Leli phephandab­a lishayela uKadodia ngalolu daba usole iSundowns ngokuba nomhobholo.

“Kula masizini amathathu edlule uMngo- nyama besilokhu simboleka kungenanki­nga kodwa manje bavele basebenzis­a umona bafuna imali.

"Bangifune uR4-million ngoMngonya­ma ukuze banginike yena unomphelo.

"Ngeke ngikwazi ukukhipha imali engako ngomdlali oyedwa, asinabo abaxhasi.

"Okungiphat­ha kabi nje wukuthi umfana uhleli ikusasa lakhe liyacekele­ka.

"Kodwa-ke sizophuma umkhankaso wokuthola umdlali wasophondw­eni lwesokudla emuva nasohlango­thini lwesokudla phambili ngoba yilapho esixega khona okwamanje,” kusho uKadodia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa