UMICHO UDALULA IZINKINGA ZE-BUCS
Uthi abadlali bavuvukalelwe ngamakhanda
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uphumela obala ngezinkinga ezihaqe le kilabhu. IBucs iphoxe abalandeli bayo iguqiswa ngo-4-2 wamaphenathi yiPolokwane City kwi- quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibelo ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
Umdlalo ubuphele zibambene ngo-2-2.
Amagoli ePolokwane ashaywe nguRendani Ndou ngomzuzu wesibili nangowama-41, kwathi aweBucs wona ashaywa ngoNtsikelelo Nyauza ngomzuzu we-13 noMpho Makola ngowama-45.
IBucs izenzele yona phansi kulo mdlalo ihlulwa ngamathuba alula.
UMakola uke wavinjelwa ngisho iphenathi.
UMilutin “Micho” Sredojevic ololonga iBucs uveza izinkinga ezihaqe abadlali bakhe.
“Inkinga enkulu ebhekene nabadlali bami wukuthi abakwazi ukuzigcina besefomini eyodwa namhlanje umuntu udlala kahle kusasa udlala into engacacile.
"Yonke le nto yenziwa wukuthi sebevuvukalelwe ngamakhanda.
"Angiyiphathi eyokushweba amathuba yisifo sethu esidala.
"Sinenkinga enkulu phambi kwamapali. Kulo mdlalo sihlulwe kungafanele.
"Kubuhlungu ukuhlulwa ngale ndlela akuvumi ngisho ngenzeni ngoba lo mdlalo besingawunqoba ngembhudlu yamagoli.
"Kodwa-ke ithemba alibulali, sizoqhubeka nokuzama ukulungisa izinto,” kusho uSredojevic.
UBernard Molekwa ocija iPolokwane uthi babe nenhlanhla kulo mdlalo akazi ukuthi basinde kanjani.
“Uma kukhulunywa ngokuthi ube nenhlanhla kusuke kukhulunywa ngento eyenzakalele thina.
Siwatholile amathuba kodwa awePirates abelula kakhulu, angazi iwashwebe kanjani.
"Ize yahlulwa nayiphenathi okusho ngokusobala ukuthi besinenhlanhla kulo mdlalo.
"Ngendlela engijabule ngayo ngale wini ngiswele amaphiko ngabe ngiyandiza,” kusho uMolekwa.