Esinye isixazululo sokutakula imiphakathi kwezomnotho
Isibonelo somsebenzi wokuvala izikhinsi uMnyango wezokuThutha owusebenzisa njengesu lokuqinisekisa ukuphepha emgwaqeni nokuphucula abantu abamnyama kwezomnotho. STHEMBILE LUTHULI NJENGENXENYE yohlelo lokufukula imiphakathi kwezomnotho, uMnyango wezokuThutha ususungule uhlelo olubizwa nge- Pothole Patching Pilot Programme ( PPPP), lapho kusebenza khona izinkampani ezisafufusa zasemiphakathini ukuvala imigodi nezikhinsi emgwaqeni kube kuqinisekiswa nokuphepha emgwaqeni. Lolu hlelo olwethulwe ngokomthetho eNanda enyakatho yeTheku ngenyaka yezokuthutha seluthole ukunconywa kakhulu ngokuthi luzokhulisa umnotho futhi lubhekelele ngqo labo abangahlomulanga eminyakeni edlule. Njengamanje luyahlolwa ukusebenza kwalo ezindaweni ezakhele umkhandlu weTheku, kanti lubhekeke ukuthi luthuthukise osonkontileka abasafufusa ukuthi bakwazi ukukhula basuke esigabeni sokuqala seConstruction Industry Development Board ( CIDB) badlulele esigabeni sesithathu i- CIDB 3. Echaza mayelana nokusebenza kwalo uMphathiswa walo Mnyango uMnu Mxolisi Kaunda uthe lolu uhlelo olubaluleke kakhulu ekuthuthukisweni komnotho wakulesi sifundazwe kanti kulindeleke ukuthi luhlomulise kakhulu abantu besifazane, omakadebona bamasosha nabantu abasha. “UMnyango njengoba uqhamuka nazo zonke lezi zinhlelo kungamanye amasu okuqinisekisa ukuthi umcebo ubuyela kubantu abamnyama ukuze kuthuthuke umnotho wezwe lonke futhi nabantu abamnyama bakwazi ukuhlomula,” kusho uKaunda. “Sigqugquzela abantu ukuthi basukume bazibambele ngokwabo umnotho wabo. Sigqugquzela ukuhlomuliswa kwabantu kwezomnotho njengoba sifuna ukuthi bonke abantu bazuze emnothweni waseNingizimu Afrika. “SinguMnyango sigqugquzela ukuthi kuqashwe kakhulu abantu abasha futhi sifuna kubhekisiswe indaba yokuthi njalo uma intsha izoqashwa kumele ibe nesipiliyoni ngoba yikhona lokho okugcina kwenza intsha eningi ihlale emakhaya ingasebenzi. “Ubuchwepheshe bobunjiniyela sibudinga kakhulu ngoba ababaningi abantu abanalobubuchwepheshe yingakho sigqugquzela ngisho nezingane ukuthi zikhethe izifundo ezizokwazi ukuthi zibavumele ukuthi bangene emkhakheni wezobunjiniyela. Sinethembake ukuthi loluhlelo luzoba nomthelela omuhle omnothweni kuzwelonke,” kwenaba uKaunda. Uthe “izinhlelo ezifana nalezi kumele uMnyango uqinisekise ukuthi ziyaphumelela ngoba zinegalelo elikhulu emnothweni wakuleli. SiwuMnyango wezokuThutha sikubone kubalulekile ukuthi silugqugquzele loluhlelo futhi sizokwenza konke okusemandleni ukuthi luyaphumelela. UMnu Nsizwa-Zanele Nala oyisosha elingumakadebona ungomunye wasebehlomule kakhulu kulolu hlelo njengoba inkampani yakhe ingenye eyathola inkontileka eMnyangweni yokuvala izikhinsi emigwaqeni. Uthe ubonga kakhulu uMnyango ngalolu hlelo ngoba “ngithole ulwazi oluningi njengoba ngithole ukuqeqesheka kakhulu emva kokungena kulona futhi nenkampani yami isikhule kakhulu ngoba ngaqala esigabeni sokuqala manje sengisesigabeni sesithathu.”
Lezi zinhlelo zingamanye amasu okuqinisekisa ukuthi umcebo ubuyela kubantu abamnyama ukuze kuthuthuke umnotho wezwe lonke futhi nabantu abamnyama bakwazi ukuhlomula