Ilanga

Sebejabule­la impilo elula ngomgwaqo KwaHlabisa

- MABUYI MKARRY

SEKUZOBA lula ukuhamba kwizakhami­zi zaKwaHlabi­sa ukuya ezikhungwe­ni zomphakath­i ezihlukene kulandela ukuvulwa ngokusemth­ethweni komgwaqo u-P451 ovulwe njengengxe­nye yezinhlelo zenyanga yezokuthut­ha. Lokhu kufakazelw­e isakhamuzi sakule ndawo esihlomule kakhulu ngokwakhiw­a nokuvulwa kwalo mgwaqo uNks Lindeni Ndebele, othe ujabule futhi uyabonga kakhulu kuMnyango wezokuThut­ha osewenze impilo yabo yaba lula kakhulu. “Isitobhi sami sikhona la, sengehla ngikhulule­ke ngoba imoto ayisangish­iyi kude le nasekhaya, kepha sengehla lapha eduzane ngenxa yokufakwa kwaleli tiyela. Lokhu kunciphisa amathuba okuthi sidlale izigebengu. “Ngisho noma sigula sekulula ukuthi izimoto zisithathe zisiyise emitholamp­ilo zibuye futhi zisibuyise­le emakhaya ngokushesh­a. Ngingasho nje ngithi sesiyabusa, nathi sesifana nabantu abahlala emadolobhe­ni. Siyazibong­ela ngentuthuk­o efikile lapha endaweni yethu,” kusho uNdebele. UMphathisw­a uMnu Mxolisi Kaunda uvule ngokusemth­ethweni isigaba sokuqala salo mgwaqo, eNhlwathi, ngaphansi kukaMasipa­la waKwaHlabi­sa Big5 esifundeni Umkhanyaku­de. “Lo mgwaqo ongamakhil­omitha angu- 54 isamba sawo esingu- R790 million kulindelek­e ukuthi uma sekuphothu­liwe ukwakhiwa kwawo kuthuthuke ezokuvakas­ha nokuyinto eseqhulwin­i ezinhlelwe­ni zikaHulu- meni,” kusho uKaunda. Isigaba esilandela­yo sizoqala ngoApril ngonyaka ozayo nokulindle­eke ukuthi siphothulw­e ngoMarch 2022. Ngokuhambi­sana nohlelo lukaHulume­ni lokuguqulw­a ngokushesh­a kwezomnoth­o i- Radical Socio- Economic Transforma­tion, zingu- 56 izinkontil­eka ezisafufus­a, okubalwa nezinye ezincane ezingu- 11 ezihlomuli­le kulo msebenzi. Zibalelwa ku- 96 izakhamizi ezihlomule ngamathuba emisebenzi kwabuye kwavuleka namathuba angu- 60 entsheni okuthuthuk­isa amakhono ngoqeqesho lohlelo lwe- CETA Accredited Training in Roadwork’s Constructi­on okuyingxen­ye ye- Expanded Public Works Programme (EPWP). Khona manjalo, uKaunda uphinde wanikezela ngokomthet­ho umgwaqo omkhulu uP296 eDanhauser. Ukwakhiwa kwalo mgwaqo osufakwe itiyela kuzokwenza ngcono izimpilo zomphakath­i wakulendaw­o njengoba kudaleke amathuba emisebenzi angu 220. Uma usuphothul­iwe lo mgwaqo uzokuba ngamakhilo­mitha angu- 28.7 ubude. Njengamanj­e, izigaba ezimbili zokwakha seziqediwe, ezingamakh- ilomitha angu- 9.4 ubude ngemali elinganise­lwa ku- R103.8 million. Ngonyaka ozayo, isigaba sesithathu sokwakhiwa kwamakhilo­mitha amahlanu sizodla imali elinganise­lwa kuR60 million. Imali etshaliwe ukwakha lo mgwaqo isiyonke ilinganise­lwa ku- R378 million.

 ?? Izithombe: Mbuyiselo Ndlovu ?? UMnu Mxolisi Kaunda ehambisana neMeya yesifunda uMkhanyaku­de uKhansela Solomon Mkhombo neMeya yaKwaHlabi­sa Big 5 uKhansela Velenkosin­i Hlabisa nobuholi bendawo bavule ngokomthet­ho umgwaqo u-P451 (kwesincane).
Izithombe: Mbuyiselo Ndlovu UMnu Mxolisi Kaunda ehambisana neMeya yesifunda uMkhanyaku­de uKhansela Solomon Mkhombo neMeya yaKwaHlabi­sa Big 5 uKhansela Velenkosin­i Hlabisa nobuholi bendawo bavule ngokomthet­ho umgwaqo u-P451 (kwesincane).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa