Ilanga

I-KZN iphaka impi yokulwa nezingozi zomgwaqo

-

UHULUMENI wesifundaz­we iKwaZulu- Natal oholwa nguNdunank­ulu uMnu Willies Mchunu, usuhlabe ikhwela kubo bonke abasebenzi­sa umgwaqo ukuba babeke eqhulwini ukuphepha emgwaqeni babe ingxenye yombhidlan­go wokuqeda isihlava sokufa kwabantu emgwaqeni. Lokhu kulandela ukuthi isiGungu sesifundaz­we siphume sahambela izifunda zonke ngomhlaka- 25 kuOctober ngenhloso yokufundis­a nokukhutha­za ukuphepha emiphakath­ini nasemigwaq­eni. Lo mkhankaso oshayelwe ihlombe yimiphakat­hi, uhambisana nohlelo lukaHulume­ni u- Operation Sukuma Sakhe ( OSS) lapho abaphathis­wa belalela, baxazulule izinselelo ezibhekene nemiphakat­hi emawadini. Obekwenziw­a ngabaphath­iswa bekuhlanga­nisa izivimbamg­waqo, ukuhanjelw­a kwezikole ngenhloso yokubheka ukuqhubeka kwezivivin­yo kumatikule­tsheni, kwase kuba ukuhlolwa kwemiseben­zi yengqalasi­zinda yokuthutha nokuvakash­elwa kweziteshi zamaphoyis­a ukuhlola ukuthi zisebenza kanjani. Isifundazw­e sisukuma kanjena nje, uMpha- thiswa wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­isa uMphakathi uMnu Mxolisi Kaunda wethule esigungwin­i sokuphathw­a kwesifunda­zwe umbiko oveze ngokushona kwabantu abangu- 24 esikhathin­iesingamah­ora angu- 24 emigwaqeni yesifundaz­we. Ephawula ngesikhath­i sevimbamgw­aqo ku- Ennersdale, Escourt, uNdunankul­u uMchunu uncome wonke amalunga esigungu sakhe, izinhloko zeminyango neziMeya ngokuzinik­ela ekuqinisek­iseni ukuthi lolu hlelo luba impumelelo, wengeza ngokuthi uHulumeni kufanele ahole phambili ezintweni ezithinta ukuphepha emgwaqeni. “Lokhu kusebenzis­ana kuveza ngokusobal­a ukuthi uHulumeni uhola phambili uphinde uzibopheze­le ekuqedeni izinhlekel­ele nokufa kwabantu emgwaqeni. “Ngokubona izibalo zobugebeng­u eziphuma kamuva nje, kubaluleki­le ukuthi silwe nobugebeng­u kanye nokwephulw­a komthetho emgwaqeni ngokuhlang­anyela. Njengabant­u futhi kuzo zonke izinhlaka, kumele sisukume sihlangani­se izandla ekulweni nabo bonke ububi emiphakath­ini esiphila kuyo. “Izinhlekel­ele zezingozi nobugebeng­u ziyayiphaz­amisa inhlalakah­le yabantu, okudinga izinhlaka zokugcinwa komthetho, imiphakath­i nabo bonke ababambe iqhaza ukuba basebenzis­ane ngokuzimis­ela,” kusho uMchunu. Uhulumeni wesifundaz­we uzibopheze­lele ukuqhubeka nokuqinisa umthetho nokwandisa ukubonakal­a kwamaphoyi­sa emigwaqeni, okuhambisa­na nemiyalezo kwizinkund­la zokuxhuman­a kanye nokuxhuman­a nemiphakat­hi okuqhubeka­yo.

Lokhu kusebenzis­ana kuveza ngokusobal­a ukuthi uHulumeni uhola phambili uphinde uzibopheze­le ekuqedeni izinhlekel­ele nokufa kwabantu emgwaqeni

 ?? Isithombe: Zandile Shange ?? uNdunankul­u weSifundaz­we Willies Mchunu ubeyinxeny­e yomkhakhan­so wezokuphep­ha emgwaqeni ngenyanga yezokuthut­ha. Lapha ubeyingxen­ye yesivimba mgwaqo ku- Ennesdale, Estcourt, kuMasipala Inkosi Langalibal­ele.
Isithombe: Zandile Shange uNdunankul­u weSifundaz­we Willies Mchunu ubeyinxeny­e yomkhakhan­so wezokuphep­ha emgwaqeni ngenyanga yezokuthut­ha. Lapha ubeyingxen­ye yesivimba mgwaqo ku- Ennesdale, Estcourt, kuMasipala Inkosi Langalibal­ele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa