Ilanga

AMAZWIBELA NGOBEKWENZ­IWA EZIFUNDENI EZAHLUKENE

-

UNkk Nomusa Dube-Ncube wezokuBusa ngokuBambi­sana ongushampe­ni eThekwini ubemelwe uMnu Simiso Magagula oyiNhloko yoMnyango weziMali lapho ithimba lakhe lihambele umgwaqo u-P100 phakathi kweNanda neNdwedwe Esifundeni aMajuba uDkt Sibongisen­i Dhlomo ubemelwe uSekela-Meya uKhansela Enock Nkosi obehambisa­na nobukhosi bendawo abahlole nomsebenzi wokwakhiwa komgwaqo u-D280 okuqhubeka­yo njengamanj­e. Lo mgwaqo unikezwe isabelo- mali esingu- R120 million. OwezokuThu­tha, ukuPhepha nokuXhuman­isa uMphakathi uMnu Mxolisi Kaunda ubehambele isiFunda iZululand lapho ehambele khona Olundi naKwaNongo­ma, wase ehlola nokwakhiwa komgwaqo u-P735 KwaNongoma.

UMnu Sihle Zikalala wezokuThut­hukiswa koMnotho ushayele ihlombe umsebenzi owenziwa izinhlaka zezomtheth­o kanye namaphoyis­a aseNgwavum­a ngokugwema ukudunwa kwezimoto ezebiwe ziyiswe eMozambiqu­e, ngenkathi ehambele indawo yaseNgwavu­ma lapho evakashele isiteshi samaphoyis­a. UNks Bongi Sithole- Moloi wezobuCiko namaSiko, ezeMidlalo nokuNgcebe­leka, uhole ithimba lakhe bahlola umgwaqo uD887 eSikhaleni, eMpangeni esifundeni iKing Cetshwayo, lapho ezwe izindaba ezimnandi ngokujabul­a komphakath­i kanye neNkosi yesizwe sakwaDube ngalo mgwaqo osanda kwakhiwa. UNkk Weziwe Thusi wezokuThut­hukiswa koMphakath­i ojutshwe esifundeni Ugu uhambele eZingolwen­i, lapho ehlole khona umgwaqo u-P58. Lomgwaqo ophakathi kweDeemoun­t neZingolwe­ni ngaphansi kaMasipala iMuziwaban­tu ungaphansi kweNkosi yakwaXolo. Uphinde wahambela isivimbamg­waqo kuN2/P58 kanye nesiteshi samaphoyis­a eZingolwen­i. Ushampeni wasifunda iHarry Gwala uMnu Ravi Pillay uhambele indawo yase uMzimkhulu lapho ehlole imisebenzi yemigwaqo eqhubekayo kule ndawo. Uhambele u-P749 okungumgwa­qo ophakathi nedolobha uMzimkhulu neRiversid­e, kwase kuba u- P416 okungumgwa­qo ophakathi kweStraffo­rds Post neDroefhei­ds Bron. OwezoLimo nokuThuthu­kiswa kweziNdawo zasemaKhay­a uMnu Themba Mthembu uhole ithimba lakhe eneNhloko yoMnyango wezokuThut­ha, uMnu Sibusiso Gumbi, lapho behambe bayohlola umgwaqo omkhulu uP17 ophakathi kweGreytow­n neNgubevu okutshalwe kuwona imali ebalelwa kuR892 million, esifundeni uMzinyathi. OwezeMfund­o uMnu Mthandeni Dlungwane obejutshwe eMandeni kwisifunda ILembe uzwakalise ukujabula ngomsebenz­i oqhubekayo ku-P415 lapho sekusele u- 4.29 km ukuba ufakwe itiyela ngemali ebalelwa kuR45 million. UMphathisw­a weziMali KwaZulu- Natal uNkk Belinda Scott onguShampe­ni esifundeni uMgungundl­ovu uhole ithimba lakhe lapho behlole umgwaqo uP390 ozodla umnyango imali ebalelwa ku R82.7 million. Lo mgwaqo uzohlangan­isa izindawo e- Taylors Halt, KwaMncane, eMpophomen­i kanye neHowick.

UNdunankul­u uMnu Willies Mchunu ongushampe­ni wasoThukel­a uhambele indawo yaseMtshez­i lapho ekhulume nomphakath­i erenki yezithuthi zomphakath­i, wahambela nezikole zendawo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa