Ilanga

BEWUXUBE IZANGOMA NAMAKHOLWA UMSHADO WEZITABANE

- ALUTA MBELE editor@ilanganews.co.za

BEKUQHUMA uhaleluya, kugida amathwasa nezangoma, kunkanise izitabane ngaphakath­i nangaphand­le kweJapanes­e Gardens, ePinetown, enyakatho-ntshonalan­ga yeTheku ngoMgqibel­o kushada izitabane.

UMnu Bonga Zungu (28) noMnu Sakhile Motha-Zungu (31) - “oseyinkosi­kazi” kaMnu Zungu - bashada nje, bahlangane emcimbini wezangoma eminyakeni eyisi-9 edlule. Bekugcwele izangoma nezinyanga yize ezinye bezingayif­akile imifaniswa­no yazo.

Lo mshado udonse amehlo abantu abaningi eMause, ePinetown, lapho lezi zithandani ebezihlala khona njengoba yilapho obekuzopho­thulwa khona uhlelo lomcimbi. Bekungenwa ngevosho, kuhlatshel­elwa amaculo abantu abasindisi­we, kubhonga izangoma eceleni.

Umphakathi wakule ndawo ubuze uvele emawindini ufuna ukuzibonel­a lo mshado. UMnu Zungu utshele leli phephandab­a ukuthi lolu suku lubaluleke­le kakhulu kuyena futhi yena nomkakhe bazohlukan­iswa wukufa, kabananda- ba nokuthi abantu bathini.

“Ukuqala kwami ukumbona, sihlangane ngesikhath­i eyothwasa njengoba esephothul­ile ukuba yisangoma, mina ngiphuma emndenini wabasindis­we.

“Ngikujabul­ele kakhulu ukuthi ungesekile kukho konke, ngiyazi ukuthi umphakathi kuba khona lokho kokuthi ngimshada kanjani omunye umuntu wesilisa, kodwa-ke wuthando lolu kakuyi ngobulili.

“Yingakho ngimshadil­e,” kusho uMnu Zungu. Unina kaMnu Zungu, uNkk Regine Zungu, uyale umakoti wakwakhe (uMnu Motha) wathi ayiphathe kahle indodana yakhe baze bahlukanis­we wukufa. Uthe uyazi ukuthi abantu bahlale bekhuluma kodwa kumele lezi zithandani ziqine emshadweni wazo njengoba zihlangani­swe nguMdali.

Bekubuye kuvuke idlozi kwabanye kube sengathi bayaveveze­la, kubuye kumenyezwe igama lenkosi ngaphakath­i ehholo obekushade­lwa kulona. Emuva komcimbi ehholo, kuyiwe kwaMotha lapho obekwabiwa khona.

 ?? ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE ?? UMNU Sakhile Motha noMnu Bonga Zungu beshada ehholo laseMause entshonala­nga yeTheku.
ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE UMNU Sakhile Motha noMnu Bonga Zungu beshada ehholo laseMause entshonala­nga yeTheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa