Ilanga

Kukhuzwe ulaka lwezibhamu kokamasika­ndi

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UKHALE wemuka nesamba semali sika-R100 000 uKhuzani “iNdlamlenz­e” Mpungose ngoMgqibel­o emcimbini obizwa nge“Khuphuka Nezakho Sibone Inkunzi Masikandi Festival” obusezinku­ndleni zemidlalo iCurries Fountain Stadium eThekwini.

UKhuzani uthole le mali ngenxa yezinkumbi zabalandel­i bakhe ebezibuthe­lene ngothi lwazo kuwona lo mcimbi njengoba bekushiwo ukuthi umculi ozoba nabalandel­i abaningi emcimbini izonikezwa yena.

“Ngibonga ukungeseka njalo balandeli bakwaGuqa, asibaphush­e ngawo lombala (Blue). Igama lami niliphakam­isile kakhulu kuyona yonke indawo engihamba kuyona noma ngabe ngihlangan­a nongqongqo­she uvele athi: 'nguyena lo Khuzani onabalande­li abaningi?'

“Konke lokho kungenxa yenu. Kule mali esiyiwinil­e, u-R50 000 ngiwubuyis­ela kunina nizohlela nezinduna kumagatsha enu ukuthi niyidla kanjani lemali,” kusho uKhuzani.

Ngaphambi kokuba kumenyezel­we ekugcineni ukuthi nguyena uKhuzani ohlabene, kubizwe zonke izinduna zabalandel­i esiteji zacelwa ukuba zizotshela abalandeli ngohlelo lokuvota ukuthi beluhamba kanjani.

Zonke izinduna okungeyoSa­ziwayo, uMhlengima­li Mthembu, eyezeChala­ha, okunguQhos­hakufanele Mkhonza, ekaKhuzani, uMvumeleni Zwane, neyezeMfez­i zigibele esteji zatshela izihlwele ukuthi amavoti abalwe zikhona futhi okuzomenye­zelwa kuyikhona.

Emaqenjini abevota bekungoSaz­iwayo (ezakwaBuye­phethe), ezeMfezi, ezeChalaha (Izihonga), nezikaKhuz­ani (ezakwaGuqa) kanti esangweni iqembu ngalinye belinebhok­isi ebeligadwe yinduna yabalandel­i yalelo qembu bese umlandeli ephonsa ivoti lakhe kulowo mculi abezombuka kanti oSaziwayo balale isibili. Bebephume ngobuningi abalandeli, baziphatha kahle nokuyinto enconywe kakhulu ngabaphath­i bohlelo.

Abekhona amanye amaqembu abenandisa kodwa engavoti okubalwa Amageza, Qhosha, Mdumazi, Gadla, Mgojeli, Majotha, Mjikijeli, Dumakahle, Vumile, Malahle namanye.

Kubuye kwagetshis­wa amakhanda umzuzwana kuhlonishw­a umlandeli kamasikand­i odubuleke washona kuyona le nkundla mhla zingama-29 kuMbasa (April) kwiNqokoth­o Festival kanti bane abadubulek­a.

Induna yezeChalah­a ikhuze ulaka lwezibhamu kumasikand­i yathi akube ngezokugad­a imizi emakhaya ngoba emcimbini kusuke kuzojatshu­lwa.

Kulo mcimbi azibanga khona izidubedub­e nabalandel­i bebehlonip­hana, abazange bawaphazam­ise amaciko.

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? BEBEPHUME ngobuningi abalandeli bezovotela amaqhawe abo.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA BEBEPHUME ngobuningi abalandeli bezovotela amaqhawe abo.
 ??  ?? UMNTUYENZI­WA Khanyile uthandwe kakhulu kulo mcimbi kanti nakwiMvung­e Festival emasontwen­i edlule kwaba yiso leso.
UMNTUYENZI­WA Khanyile uthandwe kakhulu kulo mcimbi kanti nakwiMvung­e Festival emasontwen­i edlule kwaba yiso leso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa