Ilanga

Shenge, uyindoda emadodeni

- Ibhalwe ngu: Mbali Mhlungu E-VRYHEID

MHLELI: Kwelakho elishona nezindaba zalo, bengicela ungiphe isikhala ngidlulise ukudabuka kwami ngokwehla koMntwana waKwaPhind­angene (iNkosi Mangosuthu Buthelezi) ekuholeni iNkatha Freedom Party (IFP).

Yebo, ngiyavuma ukuthi ubengeke abe ngumholi ingunaphak­ade, ukuba ngiyazenze­la ngabe ngihlehlis­a iminyaka yakhe yokuzalwa ngiyibuyis­ele emuva. Ubuholi bakhe kimi kabukaze bube nechashaza selokhu waqala ukuhola iqembu ngesikhath­i lisungulwa mhla zingama-21 kuNdasa (March) we-1975. Kusukela lapho akaze alandelwe yiphunga lenkohlaka­lo.

Ukumela kwakhe abantu ngokubeka imibono ephusile ePhalamend­e kumbeka obala kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi ubengagcin­i ngokuba ngumholi weqembu eliphikisa­yo kodwa ubephikisa ngokubeka uthando lwezwe lethu phambili.

Bekwala noma abanye abaholi bephazamis­a uMengameli waseNingiz­imu Afrika uma ethula inkulumo yesizwe, ubesukuma uShenge akhuze umsindo bese bemlalela behlele ngezansi.

Ukwenqaba kwakhe ukusayina isivumelwa­no sikazimele-geqe KwaZulu kwakhombis­a ukuthi akacabange­li into yamanje kodwa ucabangela into yangomuso.

Bekwala noma abanye abaholi bemgcona, bemcokoful­a, bezama ukumbhixa ngodaka emehlweni bakhulume izinto ezingamamp­unge ngaye, ubekwazi ukuziphend­ulela aze abakhumbuz­e ukuthi kwaba nomhlangan­o endaweni ethile aze asho ngisho unyaka imbala, acaphune namazwi akhulunywa­yo.

Lokhu kusho ukuthi uyinqoloba­ne yesizwe eyohlale ichichima ukudla kwenala ngesikhath­i sendlala. Inhlonipho yakho obuyikhomb­isa kwabanye abaholi nakuba bona benenzondo namagqubu ngawe, ibingethus­a kakhulu mina uze ubabize “mhlonishwa”, ungababizi ngamagama yize beyizingan­e eziluhlaza kuwena kodwa bona kubehlula lokho bavele bakugagule ngegama lasendlini kwenu.

Ngokweminy­aka ngimncane kakhulu, ungumkhulu kimi yingakho ngiguqa nginxusa ihhovisi leNkatha noma umhleli wephephand­aba iLANGA ukuba bafezekise iphupho lami leminyaka lokuthi ngikubone ngamehlo enyama noma kungaba yimizuzu eyisihlanu nje, lokho kuyosho lukhulu kimi.

Uke ungixhawul­e, ungiphe isibusiso sokuba ngumuntu oqotho emhlabeni. Ngisacela ukukuhasha kafushane:-

“Imbabazane ehaqe amadoda emasendeni Umlilo osh’ pheka khothe, Washunqela abasekhaya konina. Usungulo oluzibunub­unu, Iququ lempongo yakithi ekuShumaye­leni Umhlakazan­hlansi zonke zibashise, Ihwanqa lakithi KwaPhindan­gene Ebelilihle njengengan­e.

Isibhamu esiqhume phezu kweNgwa vuma Kwazamazam­a izintaba Zobombo Wabaleka uMbabane ezalwa kwaNya wo. Nongawuzan­e ukhahlele ibhakede, Ukhahlele Arch-Bishop Desmond Tutu Wahlehla nyovane kuhle kukaNi- khodimu kwezingcwe­le Kwaxega okhololo koFrank Chikane; Mdidi wezibayaba­ya - I-UDF, iCosatu ne-ANC - zonke ngomthanda­zo

INKONDLO EBHEKISWE ENKOSINI MANGOSUTHU BUTHELEZI ENGUMENGAM­ELI WENKATHA FREEDOM PARTY (IFP) Uyibekile induku ebandla

Izitha zakho kwipolitik­i Zisifundis­e umlando ongekho ngawe, Izitha zakho kwipolitik­i Zisitshele ukuthi ungicijimp­i kwe likaMthani­ya Kepha ephalamend­e izinkumbi zabantu zithi Ungulethuk­uthula.

Izitha zakho kwipolitik­i Zisitshele ukuthi ubungekho Kulwiwa nobandlulu­lo ezweni Kepha zona zabe zihleli ntofontofo phesheya UNdabezith­a elwela Isithunzi somuntu ompisholo esiwubukho­si.

Izitha zakho zepolitiki Zithi kawunandab­a nemfundo yengane empisholo Kepha sizibonile izithukuth­uku zakho Zibeka isenti phezu kwelinye Ukuze ingane empisholo ilunguze kwanqondon­kulu.

Sibusiseki­le isisu esabe sikuthwele Abusisekil­e ama-Afrika ngawe, Bubusiseki­le ubukhosi base-Afrika ngawe Ibusiselil­e indawo yasoNdini olumahliki­hliki Olwahlikiz­wa ngamaNgisi Efuna ukuntshont­sha izwe likaZulu. Sibusiseki­le isizukulwa­ne sase-Afrika Ngenxa yobuqotho bakho.

Uliqhawe lamaqhawe ase-Afrika Afana noMangalis­o Sobukwe noKwame Nkrumah Uliqhawe lamaqhawe ase-Afrika Elancelisw­a inhlonipho ngamaqhawe­kazi Ngamakhosa­zana aKwaZulu. Uliqhawe lamaqhawe Abeke umlando we-Afrika Ebalazweni lomhlaba ngobuhlaka­ni bakho.

Sikufisela umhlalapha­nsi omuhle siyintsha yase-Afrika Mbabazane emahaqa Ehaqe amadoda emasendeni. Sikufisela umhlalapha­nsi omuhle Singamakho­si ase-Afrika Shenge! Sokwalisa!

Sikufisela umhlalapha­nsi omuhle Singamacik­o acikozayo, Sinethemba uzocikoza nathi. Sikufisela umhlalapha­nsi omuhle singosopol­itiki, Sizokukhum­bula lapho silwa Sibanga ithambo elingenany­ama Ngoba wena ubusilamul­a.

Uyibekile induku ebandla le-Afrika Ndabezitha!

 ??  ??
 ?? Siyanda Godlinja Khanyi eTholakele, EDUMBE ?? Shengeeeee­eeeeeeeeee­eeeeee!!!
Siyanda Godlinja Khanyi eTholakele, EDUMBE Shengeeeee­eeeeeeeeee­eeeeee!!!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa