Ilanga

IZINKANYEZ­I SEBASTIAN JILI

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

UMA kuneminyan­go ofuna ivuleke, kudingeka ubuqotho bakho bukucabele indlela. Uma ufuna ukufika esicongwen­i lungisa izinkinga ezibukeka zizincane.

ARIES (March 21-April 19)

UBONA kukuningi kakhulu okubheke wena nokumele ukufeze. Ubuye ungabi nakho ukwethembe­ka kwabanye osondelene nabo. Zifundise ukugcina izethembis­o ozenzile.

TAURUS (April 20-May 20)

GWEMA ukubalisa manje wenze izinto okumele uzenze. Kunokungah­ambi kahle okumele ukubekezel­ele ngoba ngokwesikh­ashana. Kunabanye ozofisa ukubabonga.

GEMINI (May 21-June 21)

UYAZAZI ukuthi udingani noma kwesinye isikhathi ubuye ugxile ezintweni eziningi kakhulu. Izinto okade wawuzihleh­lisa uzokwazi ukuzenza manje ngenkulu impumelelo.

CANCER (June 21-July 22)

IZINGA lakho lokucabang­a abanye bangalihlo­nipha uma nje wena ungeke izinto uzithathe ngemizwa kakhulu. Kawukafiki esiphethwe­ni mayelana namanye amaqhinga ophezu kwawo.

LEO (July 23-August 22)

UMA uzazi lapho obuthaka khona, kumele uqiniseke ukuthi uyakugwema lokho. Buyekeza wonke amacebo ozimisele ukusebenza ngawo ukunqoba okuthile.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

UKUFISA kakwanele uma kungekho amagxathu athathwayo. Isinqumo kumele siqhamuke kuwena ngale kokungabaz­a. Unohlobo lwebhizini­si olufisayo.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

KUHLE ukulalela imibono yabanye ezintweni eziningi ozenzayo. Zama ukuzenza uthandeke ukhumbulek­e ngezenzo zakho ozenza kwabanye.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UMA ufuna ukuthatha isinqumo bese uyadideka, ungacela usizo kumuntu omethembay­o. Bambelela kakhulu ezinkolelw­eni eziqhubeka­yo nasezinhlo­sweni ezingaguqu­ki.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UBONA izinga lomnotho wakho liya ngokuguquk­a. Ukuzinikel­a kwakho ezintweni ozenzayo yikhona okuzogqama ngalesi sikhathi. Unomqondo okwazi ukuhlaziya ngakho kumele ugweme inkani.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

ABANINGI bazowancom­a kakhulu amagalelo akho emkhakheni okuwona. Uma ubheka ukuthi abanye baphumelel­e kanjani nawe kungase kukuqinise idolo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNOMQONDO obuka kakhulu phambili ezinhloswe­ni zakho ngakho uzokwazi ukubumba amasu angadlondl­obala ngokushesh­a. Izinguquko ongazenza kumele zisize nomndeni wakho.

PISCES (Feb 19-March 20)

UNGADIKIBA­LI nakancane uma kumele ulungise izinkiznga zakho ezimayelan­a nezezimali. Uzoveza okuhlukile njengomunt­u owaziwayo ukuthi uhlale unemibono emisha njalo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa