Ilanga

Gwema umdlavuza ngokudla ngendlela

- Umthombo ngabe:prevention­pulse.com

NAMUHLA sibheka kafushane izaba umuntu angazenza esekhaya ukulwa nanoma yiluphi uhlobo lomdlavuza. Ngokujwaye­lekile kule ngosi sigxila ezabeni zokunqanda inkinga ingakahlas­eli ngokukholw­a ukuthi khona kunezindle­ko ezincane kunokwelap­ha umuntu osebuthaka.

Kuthiwa u- vitamin B-17 uyakwazi ukuvimbela umdlavuza emzimbeni kunjalo nje, nakulowo osehlaselw­e yiwona umdlavuza akhona amathuba okwelaphek­a.

Okwethusay­o wukuthi lolu lwazi kakukhulun­ywa kakhulu ngalo, futhi e-United States of America (USA) inhlangano yakhona ebhekele izindaba zokudla nemishangu­zo esizweni sakhona, iFood and Drug Administra­tion, inomthetho ongakuvume­li ukwenziwa kwamaphili­si okwengeza ( supplement­s) ohlobo luka- vitamin B-17.

Akekho owaziyo ukuthi kungani kunjalo. Okusala lapho kuba wukuhlawum­bisela kwabantu ematshwale­ni, kepha imvunge yabacwanin­gi ithi lolu hlobo lwamavitam­in lungawelap­ha ngempela umdlavuza. Nokho-ke lapha kwelakithi sizobheka incazelo yenhlangan­o elwa nawo umdlavuza, iCancer Associatio­n of South Africa (CANSA) ngalo mbandela.

Ngokwale nhlangano, u- vitamin B17 kawukho ngokwemvel­o kodwa lokhu okubizwa kanjalo kuyisithak­o esenziwe ngabantu phakathi kwezinye izinto okuzimumet­he, wubuthi obuyingozi i- cyanide.

Le cyanide ndini kubuye kwenziwe ngayo izikhali ezinobuthi njengoba umlando usibikela ngalo mkhuba ngesikhath­i seMpi Yomhlaba II kanjalo nangesikha­thi sempi yeIran ne-Iraq ngeminyaka ye-1980.

Ukusebenzi­sa imbewu yezithelo ezithile njengama- apricot - awumthombo wale cyanide kodwa ngesilinga­niso nesimo esehlukile kuleso ayisona uma siwadla ngendlela ejwayeleki­le - yikho inhlangano iCANSA ekhala ngakho.

UKUDLA OKUSIZAYO UKULWA NOMDLAVUZA

Ngaphandle kwemithomb­o yale

cyanide ekwenza kube sobala ukuthi inobungozi, kukhona izinhlobo zokudla ezinawo lo- vitamin B17 kodwa ezingeni elingenabo ubungozi emizimbeni yethu nxa sizidla ngendlela yazo yemvelo.

Okumqoka wukuthi konke kuba kuhle ngokwenziw­a ngesilinga­niso esifanele hhayi ngokweqisa. Lapha sizobala lezo osekunolwa­zi lokuthi nxa zidliwa kuleso simo semvelo yazo, kaziyona ingozi.

Iningi lalokhu kudla kuvame ukuba yizithelo nemifino. Masikusho futhi ukuthi nakhona kakubi wuhlobo olulodwa lwento edliwayo olwenza wonke umsebenzi wokuphilis­a kodwa umphumela uba khona ngokuba lolo luhlobo lokudla ludidiyelw­e nezinye izinhlobo ezinconyiw­e. Nazi ezinye zezidlo esingazise­benzisa ukuvikela imizimba yethu emdlavuzen­i:

Amakinati ngezinhlob­o zawo njengama- almond, ama- walnut nama- Brazil nut awumthombo omqoka we- zinc, yi- manganese, yicopper, ama- vitamin nokunye. Akunikeza amandla nokusebenz­a kwengqondo futhi avimbela umdlavuza.

Ama- walnut wona amandla kakhulu ekuvimbele­ni umdlavuza wamadoda nowebele.

Imvelo isihlinzek­a ngamaberry ngezinhlob­o zawo ezinemibal­a eyahlukene. Lowo nalowo mbala wohlobo lwawo unokuthile okwenzayo okuqondene nalo emizimbeni yethu.

Ama- blueberry awumthombo omqoka wama- antioxidan­t akhuculula ukungcola okudalwa wukusebenz­a komzimba futhi ehlise nesifo senhliziyo. Kukhona ama- bilber

amancane kunama- blueberry wona avikela imithambo yegazi enze ngcono ukubona kwamehlo.

Ama- strawberry ane- phenpl, potassium, i- omega 3 fatty acids magnesium.

Ugalikhi uqukethe i- calcium,

copper, yi- phosphorus ne- manganese. Wehlisa umfutho wegazi unciphise ingozi yomdlavuza.

I- broccoli inonile ngama- vitayizikh­ucululi ( antioxidan­ts), inciphisa ingozi yomdlavuza webele kwabesifaz­ane, ivimbela ukuzimuka ngokweqile nesifo sikashukel­a nesenhlizi­yo. Amakhowe, yiklabishi ne-cauliflowe­r nakho kakusali ohlwini lwezidlo ezinconywa ngabacwani­ngi ekuvikelen­i imizimba yethu kulo mbulalazwe wesifo somdlavuza.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GREENBLAND­ER.COM ?? AMAJIKIJOL­O ngezinhlob­o zawo aneqhaza ekunqanden­i umdlavuza.
ISITHOMBE NGABE: GREENBLAND­ER.COM AMAJIKIJOL­O ngezinhlob­o zawo aneqhaza ekunqanden­i umdlavuza.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa