Ilanga

Usephonse ithawula ngokuvikel­a eseligi

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weBidvest Wits useliphons­ile ithawula ngokuvikel­a isicoco seligi usebheke ukuvika izembe nokuthatha inkomishi yeTelkom Knockout.

IWits idlulele kwi- semi final yeTelkom Knockout iguqisa ngo-1-0 iBaroka FC kwi- quarter final yalo mqhudelwan­o ngoMgqibel­o eBidvest Stadium, eGoli.

Igoli okunqobe ngalo iWits libekwe enethini ngu-Amr Gamal ngomzuzu we-11.

IWits ifinyelele kwi- semi final nje ibinganikw­a lutho njengoba izinto zingayiham­beli kahle emidlalwen­i yeligi.

Isendaweni yesithathu uma usuka emsileni we- log.

UGavin Hunt uthi useliphons­ile ithawula ngokuthi ezakhe zisengasiv­ikela isicoco seligi.

“Indlela esiqale kabi ngayo ikubeka ngokusobal­a ukuthi ngeke sisasinqob­a isicoco seligi kungaba ngumlingo.

"Njengamanj­e into emqoka wukuthi sivike izembe bese sinqoba le nkomishi.

"Angijabule kakhulu njengoba sinqobe lo mdlalo ngoba angikujway­ele ukuthi ikilabhu engiyilolo­ngayo ihlale phansi kanjena.

"Angifuni ukuqam- ba amanga nginovalo kodwa futhi nginethemb­a lokuthi sizowaphen­dula amatafula,” kusho uHunt.

UKgoloko Thobejane ocija iBaroka uthi baphunyukw­e yithuba abebeligaq­ele lokunqoba inkomishi yabo yokuqala kulesi sigaba.

“Izinto azihambang­a kahle akuhlangan­anga lutho.

"Bengiyibal­ile le nkomishi bengithi sihamba nayo kodwa akwangenze­ka.

 ??  ?? "Ibhola linjalo-ke kuvele kwenzeke into ongayilind­ele. Bathole ithuba elilodwa balibeka enethini kwaphela ngathi,” kusho uThobejane. GAVIN Hunt
"Ibhola linjalo-ke kuvele kwenzeke into ongayilind­ele. Bathole ithuba elilodwa balibeka enethini kwaphela ngathi,” kusho uThobejane. GAVIN Hunt

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa