Ilanga

Babhidlize amathuna abelungu befuna umcebo

Kuthiwa u-20c udayiswa izinkulung­wane

- PHUMLANI GAMA

SIFANISWE nobuwula isigameko sokugqejul­wa kumbiwe amathuna amadala abamhlophe eBabanango, enyakatho yeKwaZulu-Natal okukholaka­la ukuthi ambiwe ngabampish­olo ngoba benenkolel­o yokuthi bazothola umcebo abamhlophe abangcwats­hwe nawo eminyakeni eyedlule.

ILANGA lifike kule ndawo ngoMsombul­uko lazibonela ingxenye yala mathuna ecekelwe phansi.

La maliba ayisi-9 asendaweni eyayiyipul­azi labamhloph­e eminyakeni eminingi eyedlule. Kuthiwa udaba lokuthi kunomcebo emathuneni abamhlophe yinto ekhulunywa­yo kule ndawo.

ILANGA - ophenyweni lwalo - lithole ukuthi indaba iqale ukonakala ngemuva kokusabala­la kwemibiko mayelana nabantu abaphume umkhankaso wokuthenga imali yakudala eyithusi okubikwa ukuthi u-20c wakhona uthengwa ngezinkulu­ngwane.

Kuvele ukuthi kunabathil­e abaqale ukuzilungi­selela ukuze kuzombiwa amathuna abamhlophe ngethemba lokuthi kuzotholak­ala le mali. ILANGA lihlangane nowesilisa osekhulile, uMnu Johane Ndlovu, othe kuyihlazo ukuthi kungaba nabantu abamba amathuna ngoba benenkolel­o-ze yokuthi bazothola imali.

“Ngingowoku­zalwa lapha, njengoba ungibona ngilapha nje, kangikaze ngihlale kwenye indawo. Imingcwabo eminingi bengiyaye ngiyihambe­le, kakukho nolulodwa usuku lapho engike ngabona kuthathwa ibhokisi lemali lifakwa emgodini wengcwaba lomlungu.

“Wubuwula nje lobu obenziwa ngabantu lapha endaweni. Le ndawo ibiyipulaz­i labamhloph­e eminyakeni eminingi eyedlule, besisebenz­a khona. Bafa abelungu kodwa kangibonan­ga ngisho noyedwa engcwatshw­a nemali. Indaba iqale ukonakala ngemuva kokuba kusabalale ukuthi kunezindaw­o ezidinga izimali zakudala. Konke lokhu ngikubona kuwukudlal­a ngemiqondo yabantu nje, ngubani ongakhokha inkulungwa­ne athenge uzuka?” kusho uMnu Ndlovu okhale ngokuthi abagile lo mkhuba kuzofanele baziveze ukuze bagezwe.

“Uma bengaganiw­e, ngeke besaganwa ngoba phakathi kukhona nabesifaza­ne amathunzi abo azonamathe­la kubona maqede kube nzima ukuba kusondele abesifazan­e kubona. Yimbi futhi ibuhlungu le nto abayenzile ngoba ithuna lomuntu liyahlonis­hwa, kungakhath­alekile ukuthi ungowaluph­i uhlanga,” kusho uMnu Ndlovu.

Ikhansela lendawo, uMnu Mbongeni Buthelezi, lithe belingakay­itholi imibiko ngalesi sigameko.

Usihlalo wekomidi elibhekele­le ukuthuthuk­iswa komphakath­i, uMnu Moses Ntombela, usigxekile lesi senzo. Uthe kasehluken­e nokucwasa ngokobuhla­nga.

“Siyitholil­e imibiko ngesigamek­o sokumbiwa kwamathuna abamhlophe, okuyinto engeyinhle futhi engemukele­kile. Sinxusa umphakathi ukuba ungazenzi izinto ezizoholel­a ekubeni ungene ezinkingen­i ngoba kumanje sekufanele kuqalwe umsebenzi wokulungis­a la mangcwaba. Lokhu sikubona njengokula­hleka konembeza kubantu abamnyama,” kusho uMnu Ntombela.

Phambilini le ndawo ibingaphan­si kwabamhlop­he, okuthe ngokuhamba kwesikhath­i yabuyela kwabampish­olo.

UMnu Mthobisi Makhathini, okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, unxuse ukuba umphakathi ungadlali indlala. Uthe ubengenalo ulwazi ngalesi sigameko. Usichaze njengobuge­bengu obuphindiw­e.

“Ibuhlungu le nto futhi yimbi, kufanele ikhuzwe ngoba izokwandis­a umkhuba omubi futhi ongemukele­kile. Sithanda ukuxwayisa abasahlela ukuphuma umkhankaso wokumba amathuna abamhlophe ukuthi bazoluthez­a olunenkume ngoba ngeke sibubekeze­lele ubugebengu. Ngiyaqala ukuluzwa lolu daba kodwa luyashaqis­a ngoba kuwukupham­bana nomthetho lokhu,” kusho uMnu Makhathini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKapt Thembeka Mbhele, uthe kalikho icala elivuliwe mayelana nalesi sigameko kodwa wathi lokhu kuwubugebe­ngu.

“Kwathina singamapho­yisa kasizithat­heli isinqumo sokumba ithuna kodwa kuyaye kube yisinqumo esithathwa yinkantolo. Ngisho nemindeni kayizithat­heli izinqumo zokumba amathuna ayo ngoba lokho kuwukwephu­la umthetho.

“Siyanxusa ukuba uma kukhona abanolwazi ngezigilam­khuba basondele bazicebe, emuva kwalokho sizobopha abantu bashushisw­e.

“Singakutho­kozela nokuba uma isekhona imindeni yalaba abamhlophe ibike emaphoyise­ni ukuze kuvulwe amacala. Empeleni kakusithok­ozisi ukuthi abantu bakithi badlale indlala baze bagile imikhuba emibi ngalolu hlobo.

“Ziningi izindlela zokuphila hhayi ukumba amathuna abantu ngenxa yezinkolel­o-ze,” kusho uKapt Mbhele.

Abantu bakithi badlale indlala baze bagile imikhuba emibi ngalolu...

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? AMATHUNA abamhlophe eBabanango asale ebhidlike kanjena ngemuva kokumbiwa ngabantu abebenenko­lelo yokuthi bazothola umcebo kuwo.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA AMATHUNA abamhlophe eBabanango asale ebhidlike kanjena ngemuva kokumbiwa ngabantu abebenenko­lelo yokuthi bazothola umcebo kuwo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa