IMPI YEZIGODI IPHAZAMISE U-MATRIC
Umfundi obeyisethenjwa ngemiphumela ulaliswe esibhedlela
SIMANZONZO isimo eZiyendane, eMandeni, ogwini olusenyakatho yeKwaZuluNatal ngenxa yempi yezigodi ephazamisa ukubhalwa kwezivivinyo zabafundi zokuphela konyaka.
Impi iphakathi kwabafundi baseMbuyiselo High School kuyona le ndawo kodwa abadabuka ngaphansi kwezizwe ezimbili okungesakwaMhlongo nesakwaBiyela.
Izigodi ezibambene ngezihluthu ngesaseMdudu (esakwaMhlongo) nesaseMakhumi (esakwaBiyela) Kubikwa ukuthi le mpi iqale ngowezi-2015 lapho ekukhuzwe khona yathula kodwa ngoNcwaba (August) nonyaka ifane nomlilo okhwezelwa ngophethiloli.
Umthombo weLANGA uthi ukungaboni ngasolinye kwabafundi kuqala emaceceni uma kunemicimbi bese beyiqhuba esikoleni impi yabo. Abafundi bakamatikuletsheni basenkingeni njengoba kuthiwa kuphathelwana izikhali, kundize amatshe emagcekeni esikole kubencane indawo.
Izolo ngoLwesithathu abafundi balandwe ngamaphoyisa emakhaya, bagadwa ngisho bebhala. Kuthiwa sekukhona abangasabonwa esikoleni ngenxa yokwesaba ukuthi hleze benzakaliswe.
Kubikwa ukuthi ngoMgqibelo umfundi kamatikuletsheni, onguScelo Mkhwanazi, ulalelwe unyendle ngabanye abafundi ebuya esikoleni, bamshaya bamshiya bethi ushonile. Uthishanhloko wesikole, uMnu Gabriel Mkhwanazi, uthi balimele kakhulu esikoleni ngoba lo mfundi bekubekwe kuyena amathemba ngenxa yokuhlakanipha kwakhe. “Umona ngiyawesaba ezweni, le ngane besithembele kuyona esikoleni ukuthi izodabula inqwaba yo-A. Ngikhuluma nje isesibhedlela,” kusho uMnu Mkhwanazi.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, kumisiwe ukubhalwa kwezivivinyo ubuholi bomdabu batshela abazali ukuthi izingane mazibuye ngonyaka ozayo. Omunye wabafundi utshele ILANGA ukuthi sebelandwa ngamaphoyisa aphinde abahambise ngoba izindawo abahamba kuzona zinamahlathi.
“Mina kangiyena owokudabuka kule ndawo kodwa sengiyesaba ukuthi ngizofela ubala. Ekuseni ngilandwe ngamaphoyisa, kangiyazi le nto ebangwayo esikoleni,” kusho umfundi. Iphepha le-English neleDramatic Art, bawabhale begadiwe emuva kokuba uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZuluNatal, uMnu Mthandeni Dlungwane ethumele umyalezo esiteshini samaphoyisa wathi makuvikelwe abafundi.
Induna yendawo, uMnu Biyela (engavumanga namagama ayo) ithe kakulona iqiniso ukuthi impi isuke kade kunemicimbi yasemakhaya.
"Kasazi ukuthi lezi zingane zibangani. Ziyalindana uma sezihamba zilwe kube ncane indawo, isimo sibi kakhulu, yingakho sesitshele abazali ukuba bakhiphe izingane zabo esikoleni. Okudidayo kakhulu wukuthi kazilu- bhadi lezi zingane emaceceni, okuyilapho-ke okumele kungcwekwe khona,” kusho uMnu Biyela.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ujube umqondisi wezokubhalwa kwezivivinyo nokuhlelwa kwe- curriculum esifundazweni, uDkt Bunny Mthembu, oziyele mathupha kulesi sikole izolo ngoLwesithathu ehambisana nomqondisi wehhovisi lezemfundo ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iLembe, uMnu Msawenkosi Madondo.
Uzwakalise okukhulu ukukha- thazeka ngokuphazamiseka kwabafundi.
“Sizoxoxa nomnyango wemfundo eyisisekelo kucelelwe abafundi ukuba babhale izichibiyelo ngoba lesi simo singaphezu kwabo. Okwamanje ungqongqoshe uhlukumezekile ngale nto, yingakho umnyango uzohlinzeka ezokuphepha kuqinisekiswe ukuthi nalaba ababhala amaphepha angaphakathi, bayakwazi ukuqhubeka nawo kuze kube bayaqeda,” kusho uMnu Mthembu.
Ukuchithile ukuthi njengoba kumiswe izivivinyo kuzoze kubhalwe ngonyaka ozayo kwaGrade-10 no-11, wathi umnyango uzoqinisa ezokuphepha esikoleni. Umholi weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, unxuse umnyango ukuba uqashe inkampani yonogada, kungathenjelwa kwabomthetho bodwa.
Utshele uDkt Mthembu ukuthi kubathokozisile ukusukumela phezulu komnyango.
“Ukuphazamiseka kwengane kulimaza ikusasa layo, le ndaba ku- mele ilungiswe yiwona ngqo amakhosi,” kusho uMnu Mncwango.
Kusasa ngoLwesihlanu kubizwe umhlangano womphakathi, amakhosi womabili nezikhulu eziphezulu emnyangweni wezemfundo kusona lesi sikole.