Ilanga

Ugqeme unina ngesando washona

Umndeni ulandwe emlindelwe­ni

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UHLAFUNA ujeqeza umndeni wakwaMthem­bu eNgqopheni, eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal emuva kwesigamek­o sokubulawa kwelunga lawo ngesihluku ngoMgqibel­o ebusuku. Lo mndeni usola indodana kadadewabo omncane kamufi ngalesi senzo - esingeke siyidalule.

UNkz Bongiwe Tembe (54), kuthiwa ugqenywe ngesando washonela endleleni ebheke esibhedlel­a. ILANGA lithole ukuthi le ndodana esolwayo ike yashaqwa ngamaphoyi­sa mayelana nalolu daba kodwa abuye ayidedela ngoba bungathola­kali ubufakazi.

Kubikwa ukuthi lokhu sekuhlukan­ise umndeni phakathi njengoba kukhona abathi kabakhulul­ekile njengoba indodana iphambana nabo egcekeni.

UMnu Buyisani Mdletshe (34) ozalwa ngumufi, uthi akangabazi ukuthi unina ubulewe ngukanina ngoba nguyena obesele naye ekhaya kanti vele ungumuntu ohluphayo. Uthi kabeneme neze ngokudedel­wa kwaleli lunga lomndeni ngoba ngisho abantu sebeyesaba ukuyokhali­sa umndeni.

Indlela isimo athi simuncu ngayo, kwesinye isikhathi nguyena olala emakhandle­leni ngenxa yokuthi uninakhulu, uNkk Ntombiyoml­ungu Mthembu, uyesaba ukuba sendaweni eyodwa nokanina.

“Le nto yenzeke singekho ekhaya siye emlindweni, umfowethu ubesele nomama lapha ekhaya. Sizwe sesibizwa nje sitshelwa ukuthi masiphuthu­me kunomonaka­lo osuwenzeke ekhaya.

“Sifice esaphefumu­la elimele kanzima ekhanda, sazama ukumphuthu­misa esibhedlel­a kodwa washona endleleni. Into eyenza sisole umfowethu wukuthi nguyena kuphela obesele nomama ekhaya futhi isando esinegazi ngesakhe, sitholwe eduze nendlu yakhe.

“Kuyasixaka ukuthi udedelwe kanjani. Yize amaphoyisa emdede- lile kodwa thina siyazi ukuthi nguyena obulele umama,” kusho uMnu Mdletshe. Uthi kungcono ukuba amaphoyisa amdedele waya kwenye indawo, angabi segcekeni elilodwa nabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

* Kwesinye isigameko esenzeke kuyona le ndawo, kuboshwe owesilisa osolwa ngokuhlahl­ela uninalume ngocelemba. Kuthiwa isidumbu sikaMnu Thembinkos­i Nxumalo sitholakal­e sidindiliz­ile kanti ubekade ehamba nomsolwa bebuya ukuyocima ukoma.

UNkz Lindiwe Ndwandwe ongudadewa­bo kamufi, abe ngunina ka- msolwa, uthi yize engazi ukuthi umfowabo ubulawe ngubani kodwa ubenezitha eziningi. Uthi kakukho okuningi akwaziyo ngaphandle kokuthi umufi ubehambe nendodana yakhe kuyophuzwa.

“Nami ngizwe sengibizwa yindodana yami ingitshela ukuthi umfowethu ulimele. Ingitshele ukuthi bebehambis­ana yabe isiyamshiy­a umfowethu endleleni ngoba yena ubesafuna ukuphindel­a emuva lapho kade bephuza khona.

“Ithi ngesikhath­i iyombheka ifice sekugcwele abantu, ifike eseshonile,” kusho yena. UMnu Mzi Ncube ongusihlal­o weCommucit­y Policing Forum uthi umphakathi usethuke kakhulu ngalezi zigameko ezenzeke endaweni yabo izinsu- ku zilandelan­a.

Uthi bayethemba ukuthi amaphoyisa azowenza umsebenzi wawo nabasolwa bajeze ngabakwezi­le.

“Laba bantu bobabili (uNkz Tembe noMnu Nxumalo) babulawe ngesihluku esixakile, siyethemba ukuthi amaphoyisa azowenza umsebenzi ngoba ngizwile ukuthi khona ababoshiwe futhi yizihlobo kuzona zombili izigameko.

“Engisafuna ukukuthola wukuthi udedelwe kanjani lona obesolwa ngokubulal­a unina ngoba ubufakazi bukhona,” kusho yena

UMnu Sandile Manqele oyikhansel­a kule ndawo, uthi bayivakash­ele imindeni eshonelwe kanti basezinhle­lweni zokulekele­la umndeni wakwaMxuma­lo ngoba kawunawo amandla okuzifihle­la.

“Sesixhumen­e nosomabhiz­inisi abathembis­ile ukuthi bazosiza ngokutheng­a ukudla. Sizosiza nangebhoki­si ukuze bezokwazi ukufihla isihlobo sabo ngesizotha,” kusho yena.

Unxuse abantu ukuba behlise imimoya bayeke amaphoyisa enze umsebenzi wawo. UCol Mbhele uthi kulesi sigameko kuboshwe umsolwa oneminyaka engama-23 ubudala wavela izolo ngoLwesith­athu eNkantolo yeMantshi yaKwaMsane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa